Duteronomi 16:1-22
16 “Gcina inyanga ka-Abhibhi,* ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho iPhasika, + ngoba ngenyanga ka-Abhibhi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku. +
2 Kufanele uhlabele uJehova uNkulunkulu wakho umnikelo wePhasika, + emhlanjini wezimvu nasemhlanjini wezinkomo, + endaweni uJehova akhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. +
3 Ungadli lutho olufakwe imvubelo kanye nalo; + izinsuku eziyisikhombisa kufanele udle isinkwa esingenamvubelo, isinkwa sokuhlupheka, ngoba waphuma ezweni laseGibhithe uphuthuma. + Kwenze lokhu ukuze ukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho. +
4 Akukho nhlama ebilisiwe okufanele itholakale kuwe kuyo yonke indawo yakho izinsuku eziyisikhombisa, + futhi akufanele inyama oyoyihlaba kusihlwa ngosuku lokuqala ihlale ubusuku bonke kuze kube ngakusasa ekuseni. +
5 Ngeke uvunyelwe ukuba umnikelo wePhasika uwuhlabele kunoma yiliphi lamadolobha uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona.
6 Kodwa kufanele ulihlabele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho akhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Kufanele umnikelo wePhasika uwuhlabe kusihlwa ngokushesha nje lapho ilanga lishona, + ngesikhathi esimisiwe sokuphuma kwakho eGibhithe.
7 Kumelwe ulipheke futhi ulidlele + endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, + ekuseni ungaphindela ematendeni akho.
8 Kufanele udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisithupha, ngosuku lwesikhombisa kuyoba nomhlangano onesizotha owenzelwa uJehova uNkulunkulu wakho. Akumelwe usebenze. +
9 “Kufanele ubale amasonto ayisikhombisa. Kufanele uqale ukubala la masonto ayisikhombisa kusukela lapho isikela liqala ukufakwa ekudleni okusanhlamvu okusensimini. +
10 Ngemva kwalokho kufanele ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho uMkhosi Wamasonto, + uphethe umnikelo wakho wokuzithandela, kuye ngokwalokho uJehova uNkulunkulu wakho akubusisa ngakho. +
11 Kufanele ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, isigqila sakho, isigqilakazi sakho, umLevi ongaphakathi kwamadolobha* akho, isifiki, intandane* nomfelokazi, abaphakathi kwakho, endaweni uJehova uNkulunkulu wakho akhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. +
12 Khumbula ukuthi waba isigqila eGibhithe, + ugcine lezi ziqondiso futhi uzifeze.
13 “Kufanele ugubhe uMkhosi Wamadokodo *+ izinsuku eziyisikhombisa lapho ubutha okusesibuyeni sakho nasesikhamweni sakho samafutha nesewayini.
14 Jabula phakathi nalo mkhosi wakho, + wena nendodana yakho, indodakazi yakho, isigqila sakho, isigqilakazi sakho, umLevi, isifiki, ingane engenababa nomfelokazi, abangaphakathi kwamadolobha akho.
15 Izinsuku eziyisikhombisa uyogubhela uJehova uNkulunkulu wakho lo mkhosi + endaweni uJehova ayikhethayo, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyobusisa wonke umkhiqizo wakho nakho konke okwenzayo, + wena uyojabula nje kuphela. +
16 “Kathathu ngonyaka, bonke abantu bakho besilisa kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayikhethayo: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, + ngoMkhosi Wamasonto + nangoMkhosi Wamadokodo, *+ akekho noyedwa kubo okufanele avele phambi kukaJehova engaphethe lutho.
17 Isipho esilethwa umuntu ngamunye kufanele silingane nesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona. +
18 “Kufanele umisele isizwe ngasinye abahluleli + nezikhulu kuwo wonke amadolobha* uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, kumelwe bahlulele abantu ngesahlulelo esilungile.
19 Ungabuphendukezeli ubulungisa, + ungakhethi + noma wamukele isifumbathiso, ngoba isifumbathiso sivala amehlo abahlakaniphile + sihlanekezele namazwi abalungile.
20 Ubulungisa—ubulungisa yibo okufanele ubufune, + ukuze uqhubeke uphila futhi uthathe izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
21 “Akufanele utshale noma yiluphi uhlobo lwesihlahla njengesigxobo esingcwele *+ eduze kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ozenzela lona.
22 “Akufanele uzimisele nensika engcwele, + into uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka iSithasiselo B15.
^ Noma, “ingane engenababa.”
^ NgesiHebheru, “kwamasango.”
^ Noma, “Wezindlwana Zesikhashana.”
^ Noma, “Wezindlwana Zesikhashana.”
^ NgesiHebheru, “ngaphakathi kwawo wonke amasango akho.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.