Duteronomi 25:1-19

  • Imivimbo umuntu angashaywa yona (1-3)

  • Ungayivali umlomo ngesifonyo inkabi ebhulayo (4)

  • Ukungena umkamfowenu (5-10)

  • Okungafanele kubanjwe lapho kuliwa (11, 12)

  • Izisindo nezikali ezinembile (13-16)

  • Ama-Amaleki kufanele aqothulwe (17-19)

25  “Lapho kuvela ingxabano phakathi kwabantu, bangaya phambi kwabahluleli, + bona bayobahlulela, bathi olungile akanacala nomubi bamlahle ngecala. +  Uma omubi kufanele ashaywe, + umahluleli uyoyala ukuba alaliswe abheke phansi, ashaywe phambi kwakhe. Imivimbo kufanele ihambisane nobubi abenzile.  Angamshaya imivimbo egcina kwengu-40, + angeqi lapho. Uma engaqhubeka emshaya imivimbo engaphezu kwale, umfowenu uyohlazeka phambi kwakho.  “Ungayivali umlomo ngesifonyo inkabi lapho ibhula ukudla okusanhlamvu. +  “Uma izelamani zihlala ndawonye bese esinye sazo sifa singakabi nandodana, umkamufi akufanele ashade nomuntu ongeyena owomndeni. Umfowabo womyeni wakhe kufanele aye kuye, amthathe abe umkakhe, amngene. +  Izibulo ayolizala liyoqhubekisela phambili igama lomfowabo ofile, + ukuze igama lakhe lingapheli kwa-Israyeli. +  “Uma lo muntu engafuni ukushada umfelokazi womfowabo, umfelokazi womfowabo kufanele aye emadodeni amadala esangweni ledolobha afike athi, ‘Umfowabo womyeni wami wenqabile ukulondoloza igama lomfowabo kwa-Israyeli. Akavumanga ukungingena.’  Amadoda amadala edolobha lakubo kumelwe ambize akhulume naye. Uma ephikelela ethi, ‘Angifuni ukumshada,’  umfelokazi womfowabo kufanele aye kuye phambi kwamadoda amadala, amkhumule imbadada onyaweni lwakhe, + amkhafulele ebusweni, athi, ‘Yilokhu okufanele kwenziwe kumuntu ongafuni ukwakha indlu yomfowabo.’ 10  Ngemva kwalokho igama lomndeni wakhe* kwa-Israyeli liyokwaziwa ngokuthi ‘Indlu yalowo owakhunyulwa imbadada.’ 11  “Uma amadoda amabili elwa, umfazi wenye angenele ukuze avikele umyeni wakhe kulowo omshayayo, bese owesifazane elula isandla ambambe ngesitho sakhe sangasese, 12  kumelwe usinqume isandla sakhe. Wena* akufanele umdabukele. 13  “Esikhwameni sakho akumelwe kube namatshe anesisindo esingafani, + elikhulu nelincane. 14  Endlini yakho akumelwe ube nezitsha zokukala* ezingafani, + esikhulu nesincane. 15  Kufanele uqhubeke unesisindo esinembile nesingashintshashintshi kanye nesikali esinembile nesingashintshashintshi, ukuze uphile isikhathi eside ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. + 16  Ngoba wonke umuntu ongenabulungisa owenza lezi zinto uyanengeka kuJehova uNkulunkulu wakho. + 17  “Khumbula lokho u-Amaleki akwenza kuwe endleleni lapho niphuma eGibhithe, + 18  indlela akuhlangabeza ngayo endleleni wahlasela bonke ababekulandela lapho usuphele amandla futhi ukhathele. Akamesabanga uNkulunkulu. 19  Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulidle, + kufanele wenze ukuba u-Amaleki angaphinde akhunjulwe phansi kwamazulu. + Ungakhohlwa.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “igama lakhe.”
NgesiHebheru, “Iso lakho.”
NgesiHebheru, “ube ne-efa ne-efa.” Bheka iSithasiselo B14.