Duteronomi 26:1-19
26 “Lapho ekugcineni ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa, usulithathile usuhlala kulo,
2 ubothatha omunye womkhiqizo wokuqala kukho konke okukhiqizwe* umhlabathi oyokubutha ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uwufake kubhasikidi uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho akhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. +
3 Kumelwe uye kumpristi oyobe ekhonza ngalezo zinsuku uthi kuye, ‘Namuhla ngibika kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi ngingenile ezweni uJehova afunga kokhokho bethu ukusinika lona.’ +
4 “Umpristi uzobe esethatha ubhasikidi esandleni sakho awubeke phambi kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho.
5 Kumelwe ukhulume phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, uthi, ‘Ubaba wayengumAramu ozulazulayo *+ futhi wehlela eGibhithe + wahlala khona njengesifiki, enomndeni onabantu abambalwa. + Kodwa wafika lapho waba isizwe esikhulu, esinamandla nesinabantu abaningi. +
6 AbaseGibhithe basiphatha kabi, basicindezela, basigqilaza ngesihluku. +
7 Ngenxa yalokho saqala ukukhala kuJehova, uNkulunkulu wokhokho bethu, uJehova walizwa izwi lethu wakubona ukuhlupheka kwethu, ukukhathazeka kwethu nokucindezelwa kwethu. +
8 Ekugcineni uJehova wasikhipha eGibhithe ngamandla amakhulu + nangezenzo ezesabekayo nangezibonakaliso nezimangaliso. +
9 Wabe esesiletha kule ndawo wasinika leli zwe, izwe eligeleza ubisi noju. +
10 Manje ngilethe umkhiqizo wokuqala womhlabathi uJehova anginike wona.’ +
“Kumelwe uwubeke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhothame phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
11 Uyobe usujabula ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunike kona, wena nendlu yakho, wena nomLevi nesifiki esiphakathi kwakho. +
12 “Lapho uqeda ukukhipha konke okweshumi + komkhiqizo wakho ngonyaka wesithathu, unyaka wokweshumi, uyokunika umLevi, isifiki, intandane* nomfelokazi, bayodla basuthe ngaphakathi kwamadolobha* akho. +
13 Uyothi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ‘Ngikukhiphe konke okungcwele endlini yami ngakunika umLevi, isifiki, intandane nomfelokazi, + njengoba nje ungiyalile. Angizange ngiyeqe imiyalo yakho noma ngingayinaki.
14 Angizange ngidle lutho kukho ngesikhathi ngisalila noma ngisuse okuthile kukho lapho ngingcolile noma ngikunikelele umuntu ofile. Ngililalelile izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenza konke ongiyale ngakho.
15 Manje bheka phansi usendaweni yakho engcwele, emazulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nezwe osinike lona, + njengoba nje wafunga kokhokho bethu, + izwe eligeleza ubisi noju.’ +
16 “Ngalolu suku uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukuba ufeze lezi ziqondiso nezinqumo zokwahlulela. Kumelwe uzigcine futhi uzifeze ngayo yonke inhliziyo yakho + nangawo wonke umphefumulo* wakho.
17 Namuhla uthole izwi elivela kuJehova lokuthi uyoba uNkulunkulu wakho lapho uhamba ezindleleni zakhe, ugcina iziqondiso zakhe, + imiyalo yakhe + nezinqumo zakhe zokwahlulela + nalapho ulalela izwi lakhe.
18 Namuhla uJehova uthole izwi elivela kuwe lokuthi uyoba isizwe sakhe, impahla yakhe ekhethekile, *+ njengoba nje ekuthembisile, nokuthi uyoyigcina yonke imiyalo yakhe,
19 futhi uNkulunkulu uthe uyokuphakamisa ngaphezu kwazo zonke ezinye izizwe azenzile, + akudumise, akwenze waziwe, akunike nenkazimulo uma ubonisa ukuthi uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho, + njengoba nje ethembisile.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “kuzo zonke izithelo ezikhiqizwe.”
^ Noma kungaba, “oshabalalayo.”
^ NgesiHebheru, “kwamasango.”
^ Noma, “ingane engenababa.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “eyigugu.”