Duteronomi 30:1-20
30 “Kuyothi lapho wonke la mazwi esegcwaliseka kuwe, isibusiso nesiqalekiso engikubeke phambi kwakho, + futhi usuwakhumbula *+ ukuzo zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo, +
2 bese ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho + ulalele izwi lakhe ngokuvumelana nakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo* wakho, +
3 uJehova uNkulunkulu wakho uyobe esebuyisa izithunjwa zakho + akubonise isihe + aphinde akuqoqe kuzo zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo. +
4 Ngisho noma abantu bakho behlakazekele emaphethelweni omhlaba, uJehova uNkulunkulu wakho uyokuqoqa akubuyise. +
5 UJehova uNkulunkulu wakho uyokungenisa ezweni oyihlo abalithatha, ulidle; yena uyokwenza uchume futhi akwandise ngaphezu koyihlo. +
6 UJehova uNkulunkulu wakho uyohlanza inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho, + ukuze uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo* wakho futhi uphile. +
7 UJehova uNkulunkulu wakho uyobe eseletha zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho ezazikuzonda nezazikushushisa. +
8 “Wena uyobuya ulalele izwi likaJehova ugcine nayo yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.
9 UJehova uNkulunkulu wakho uyokwenza uchume kakhulu kuwo wonke umsebenzi wezandla zakho, + andise izingane zakho nemfuyo yakho nomkhiqizo womhlabathi wakho, ngoba uJehova uyophinde akujabulele ukukwenza uchume, njengoba nje ajabula ngokhokho bakho. +
10 Ngoba ngaleso sikhathi uyolalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nemithetho yakhe elotshwe kule ncwadi yoMthetho futhi uyobuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo* wakho. +
11 “Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe futhi ungakwazi ukuwufinyelela. *+
12 Awukho emazulwini ukuba ungaze uthi, ‘Ubani ozosenyukela aye emazulwini asitholele wona ukuze siwuzwe futhi siwugcine?’ +
13 Awukho nangaphesheya kolwandle ukuba ungaze uthi, ‘Ubani ozosiwelela aye phesheya kolwandle asitholele wona, ukuze siwuzwe futhi siwugcine?’
14 Ngoba leli zwi liseduze kakhulu kwakho, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho + ukuze ulenze. +
15 “Namuhla ngibeka phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi. +
16 Uma ulalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla, ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, + ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokugcina imiyalo yakhe nemithetho yakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela, uyophila + futhi wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni oyolidla. +
17 “Kodwa uma inhliziyo yakho ifulathela + bese ungalaleli, uma uyengwa futhi ukhothamela abanye onkulunkulu ubakhonze, +
18 ngiyakutshela namuhla ukuthi nakanjani uyoshabalala. + Ngeke uphile isikhathi eside ezweni owela iJordani ukuba uyolidla.
19 Ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nawe namuhla, bokuthi ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; + kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uphile, + wena nenzalo yakho, +
20 ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, + ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye, + ngoba ungukuphila kwakho, ngaye uyophila isikhathi eside ezweni uJehova afunga ukulinika okhokho bakho, u-Abrahama, u-Isaka noJakobe.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “usuwabuyisa enhliziyweni yakho.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “awukude nawe.”