Kwabase-Efesu 3:1-21
3 Ngenxa yalesi sizathu mina, Pawulu, isiboshwa + sikaKristu Jesu ngenxa yenu, bantu bezizwe—
2 uma ngempela nizwile ngokuphathiswa kwami + umusa omkhulu kaNkulunkulu ngenxa yenu,
3 ukuthi ngambulelwa imfihlo engcwele ngesambulo, njengoba nje ngabhala kafushane ngaphambili.
4 Ngakho lapho nifunda lokhu, nizokuqaphela ukuqonda kwami le mfihlo engcwele + kaKristu.
5 Kwezinye izizukulwane, le mfihlo ayizange yambulwe kubantwana babantu njengoba manje yambuliwe ngomoya kubaphostoli bakhe abangcwele nakubaprofethi, +
6 ewukuthi, abantu bezizwe abamunye noKristu Jesu ngezindaba ezinhle, kufanele babe yizindlalifa kanye nathi namalunga omzimba akanye nathi + nabahlanganyeli kanye nathi esithembisweni.
7 Ngaba isikhonzi salokhu ngokwesipho samahhala somusa omkhulu* kaNkulunkulu engawunikwa ngokusebenza kwamandla akhe. +
8 Lo musa omkhulu waphiwa mina, + engingumuntu ongaphansi kunomncane kunabo bonke abangcwele, + ukuze ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala
9 futhi ngenze wonke umuntu abone ukuphathwa kwemfihlo engcwele, + uNkulunkulu owadala zonke izinto abelokhu eyifihlile esikhathini esidlule.
10 Lokhu kwenziwa ukuze manje, kusetshenziswa ibandla, + kwaziswe ohulumeni namagunya asezindaweni zasezulwini ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu okubonakaliswa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. +
11 Lokhu kuvumelana nenjongo engunaphakade ayakha mayelana noKristu, + uJesu iNkosi yethu,
12 okungaye sinale nkululeko yokukhuluma neyokusondela + sinokuqiniseka ngokholo lwethu kuye.
13 Ngakho ngiyanicela ukuba ningapheli amandla ngenxa yezinsizi zami ngenxa yenu, ngoba izinsizi zami ziletha udumo kini. +
14 Ngalesi sizathu ngiguqa kuBaba,
15 eqanjwe ngaye yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni.
16 Ngithandazela ukuba ngokuchichima kwenkazimulo yakhe anenze nibe namandla kumuntu eninguye ngaphakathi, + ngamandla esebenzisa umoya wakhe,
17 nokuba ngokholo lwenu uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngothando. + Kwangathi ningama niqine + esisekelweni nigxile njengezimpande zesihlahla, +
18 ukuze kanye nabo bonke abangcwele nikwazi kahle ukuqonda ngokugcwele ububanzi nobude nokuphakama nokujula,
19 futhi nilwazi uthando lukaKristu + oludlula ulwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala uNkulunkulu akunikezayo.
20 Manje kulowo ongenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo, + ngokwamandla akhe asebenza kithi, +
21 makube yinkazimulo ngebandla nangoKristu Jesu kuzo zonke izizukulwane kuze kube phakade naphakade. Amen.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “somusa ongafanelwe.”