Eksodusi 10:1-29

  • Inhlupho 8: izintethe (1-20)

  • Inhlupho 9: ubumnyama (21-29)

10  Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Yana kuFaro, ngoba ngivumele inhliziyo yakhe nezinhliziyo zezinceku zakhe ukuba zibe nenkani, + ukuze ngibonise lezi zibonakaliso zami khona kanye phambi kwakhe, +  futhi umemezele emadodaneni akho nakubazukulu bakho indlela engasebenzelana kanzima ngayo neGibhithe nezibonakaliso engizenzile phakathi kwabo; + niyokwazi nakanjani ukuthi nginguJehova.”  Ngakho uMose no-Aroni baya kuFaro bathi kuye: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu wamaHebheru akushilo, ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba kimi? + Khulula abantu bami ukuze bangikhonze.  Ngoba uma uqhubeka wenqaba ukukhulula abantu bami, bheka ngiletha izintethe phakathi kwemingcele yakho kusasa.  Zizomboza umhlaba, umhlabathi ngeke ubonakale. Zizokudla zikuqede konke okusinde esichothweni, ebenikushiyelwe yiso, zidle zonke izihlahla zenu ezihluma endle. +  Zizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zazo zonke izinceku zakho nasezindlini zalo lonke iGibhithe ngezinga oyihlo nomkhulu benu abangazange balibone kusukela ngesikhathi ababa khona ngaso kuleli zwe kuze kube namuhla.” + Wabe esephenduka waphuma kuFaro.  Ngemva kwalokho izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo muntu eba yisicefe* kithi? Khulula laba bantu ukuze bayokhonza uJehova uNkulunkulu wabo. Awukaqapheli yini namanje ukuthi iGibhithe selonakalisiwe?”  Ngakho uMose no-Aroni babuyiselwa kuFaro, wathi kubo: “Hambani nikhonze uJehova uNkulunkulu wenu. Kodwa obani abazohamba?”  UMose wathi: “Sizohamba nentsha yethu, abantu bethu abadala, amadodana ethu, amadodakazi ethu, izimvu zethu nezinkomo zethu, + ngoba sizokwenzela uJehova umkhosi.” + 10  Wathi kubo: “Uma nginikhulula nina nabantwana benu, ngempela uJehova uyobe unani! + Kuyacaca ukuthi nihlose ukwenza okubi. 11  Cha! Amadoda kuphela angahamba ayokhonza uJehova, ngoba yilokho enikucelile.” Babe sebexoshwa phambi kukaFaro. 12  Manje uJehova wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kwezwe laseGibhithe ukuze kuvele izintethe, ukuze zikhuphukele ezweni laseGibhithe zidle zonke izinto ezimilayo zezwe, konke okushiywe isichotho.” 13  Ngaso leso sikhathi uMose welulela induku yakhe phezu kwezwe laseGibhithe, uJehova wabangela ukuba kuvunguze umoya wasempumalanga ezweni, lonke lolo suku nalobo busuku. Kwabe sekusa, umoya wasempumalanga waletha izintethe. 14  Izintethe zakhuphukela kulo lonke izwe laseGibhithe futhi zahlala phezu kwayo yonke indawo yaseGibhithe. + Zaba inkathazo kakhulu; + kwakungakaze kube nezintethe eziningi kangaka, futhi ngeke kuphinde kube neziningi njengazo. 15  Zamboza lonke izwe, zenza izwe laba mnyama; zadla zonke izinto ezimilayo zezwe nazo zonke izithelo zezihlahla ezazishiywe isichotho; akusalanga lutho oluluhlaza ezihlahleni noma ezintweni ezimilayo zasendle kulo lonke izwe laseGibhithe. 16  Ngakho ngokushesha uFaro wabiza uMose no-Aroni wathi: “Ngonile kuJehova uNkulunkulu wenu nakini. 17  Manje ngicela nixolele isono sami kulokhu nje kuphela, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse le nhlupho ebulalayo phezu kwami.” 18  Ngakho waphuma* kuFaro wancenga uJehova. + 19  UJehova washintsha umoya waba umoya onamandla kakhulu ovela entshonalanga, waziphephula izintethe waziyisa oLwandle Olubomvu. Akukho ngisho neyodwa intethe eyasala kuyo yonke indawo yaseGibhithe. 20  Nokho, uJehova wayivumela inhliziyo kaFaro ukuba ibe nenkani, + akawakhululanga ama-Israyeli. 21  UJehova wabe esethi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasemazulwini ukuze kube nobumnyama ezweni laseGibhithe, ubumnyama obukhulu kakhulu.” 22  Ngokushesha uMose waselulela ngasemazulwini isandla sakhe, kwaba nobumnyama obukhulu kakhulu kulo lonke izwe laseGibhithe izinsuku ezintathu. + 23  Babengabonani, futhi akekho kubo owasukuma lapho ayekhona izinsuku ezintathu; kodwa wonke ama-Israyeli ayenokukhanya ezindaweni ayehlala kuzo. + 24  Ngemva kwalokho uFaro wabiza uMose wathi: “Hambani niyokhonza uJehova. + Yizimvu zenu nezinkomo zenu kuphela ezizosala. Ngisho nabantwana benu bangahamba nani.” 25  Kodwa uMose wathi: “Wena ngokwakho uzosinika imihlatshelo* neminikelo eshiswayo, sizoyinikela kuJehova uNkulunkulu wethu. + 26  Imfuyo yethu sizohamba nayo. Akunasilwane esizosala* ngoba sizosebenzisa ezinye zazo ukuze sikhulekele uJehova uNkulunkulu wethu, futhi asazi ukuthi yini esizoyinikela ekukhulekeleni uJehova size sifike khona.” 27  UJehova wayivumela inhliziyo kaFaro ukuba ibe nenkani futhi akavumanga ukubakhulula. + 28  UFaro wathi kuye: “Suka phambi kwami! Qiniseka ukuthi awuzami ukuphinde ubone ubuso bami, ngoba mhla ubona ubuso bami uyokufa.” 29  UMose wathi: “Njengoba nje ukhulumile, ngeke ngiphinde ngizame ukubona ubuso bakho.”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “ugibe.”
Kungenzeka uMose.
Noma, “uzosivumela sibe nemihlatshelo.”
NgesiHebheru, “Akunanselo ezosala.”