Eksodusi 17:1-16
17 Yonke inhlangano yama-Israyeli yasuka ehlane laseSini, + yahamba ingxenye ethile ngokomyalo kaJehova, + yagxumeka amatende eRefidimi. + Kodwa kwakungekho manzi abantu ababengawaphuza.
2 Ngakho abantu baqala ukuxabana noMose + bathi: “Sinike amanzi siphuze.” Kodwa uMose wathi kubo: “Kungani nixabana nami? Kungani nilokhu nivivinya uJehova?” +
3 Kodwa abantu babomele amanzi kakhulu lapho, babelokhu bebubula ngoMose + bethi: “Usikhipheleni eGibhithe uzosibulala ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu?”
4 Ekugcineni uMose wakhala kuJehova, wathi: “Kufanele ngenzenjani ngalaba bantu? Sekusele kancane bangishaye ngamatshe!”
5 UJehova wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amadoda amadala akwa-Israyeli kanye nenduku yakho owashaya ngayo uMfula iNayile. + Yiphathe ngesandla uqhubeke uhamba.
6 Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebe. Kumelwe ushaye idwala, kuzophuma amanzi kulo, abantu bawaphuze.” + UMose wenza kanjalo phambi kwamadoda amadala akwa-Israyeli.
7 Ngakho waqamba leyo ndawo ngokuthi iMasa *+ neMeriba, *+ ngenxa yokuxabana kwama-Israyeli noMose nangenxa yokuvivinya kwawo uJehova, + ethi: “Ingabe uJehova ukhona phakathi kwethu noma cha?”
8 Ngemva kwalokho kwafika ama-Amaleki + alwa no-Israyeli eRefidimi. +
9 UMose wathi kuJoshuwa: + “Sikhethele amadoda uphume uyolwa nama-Amaleki. Kusasa ngizokuma esiqongweni segquma, ngiphethe induku kaNkulunkulu weqiniso.”
10 UJoshuwa wenza njengoba nje uMose ayemtshelile, + walwa nama-Amaleki. UMose no-Aroni noHure + bakhuphukela esiqongweni segquma.
11 Uma nje uMose ayeqhubeka ephakamise izandla, ama-Israyeli ayeba namandla; kodwa kwakuthi nje lapho ezehlisa, ama-Amaleki abe namandla.
12 Lapho izandla zikaMose zikhathala, bathatha itshe balibeka ngaphansi kwakhe, wahlala phezu kwalo. U-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engapha nomunye engapha, izandla zakhe zama zanganyakaza laze lashona ilanga.
13 Ngakho uJoshuwa wamnqoba u-Amaleki nabantu bakhe ngenkemba. +
14 Manje uJehova wathi kuMose: “Bhala lokhu encwadini njengesikhumbuzo, uphinde ukusho kuJoshuwa, ‘Ngizowaqeda nya ama-Amaleki emhlabeni futhi ngeke esakhunjulwa.’” +
15 UMose wabe esakha i-altare waliqamba ngokuthi iJehova-nisi,*
16 ethi: “Ngenxa yokuthi isandla sika-Amaleki silwa nesihlalo sobukhosi sikaJah, + uJehova uyokulwa naye nazo zonke izizukulwane zakhe ezizayo.” +
Imibhalo yaphansi
^ Incazelo: “Ukuvivinya.”
^ Incazelo: “Ukuxabana.”
^ Incazelo: “UJehova Uyinsika Yami Ewuphawu.”