Eksodusi 3:1-22
3 UMose waba umalusi womhlambi womukhwe wakhe uJetiro, + umpristi wakwaMidiyani. Njengoba ayeqhuba umhlambi eya ohlangothini lwehlane olusentshonalanga, ekugcineni wafika entabeni kaNkulunkulu weqiniso, eHorebe. +
2 Ngemva kwalokho ingelosi kaJehova yabonakala kuye iselangabini lomlilo phakathi kwesihlahla sameva. + Njengoba ayeqhubeka ebuka, wabona ukuthi isihlahla sameva sasivutha kodwa singashi.
3 UMose wathi: “Ngizohamba ngiyohlola lesi simanga, ngibone ukuthi kungani lesi sihlahla sameva singashi.”
4 Lapho uJehova ebona ukuthi uMose uyobheka, wambiza esihlahleni sameva wathi: “Mose! Mose!” yena wathi: “Ngilapha.”
5 UNkulunkulu wabe esethi: “Ungabe usasondela. Khumula izimbadada zakho, ngoba indawo omi kuyo ingcwele.”
6 Waqhubeka wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, + uNkulunkulu ka-Isaka + noNkulunkulu kaJakobe.” + UMose wabe esesitha ubuso bakhe ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu weqiniso.
7 UJehova wanezela: “Ngikubonile ngempela ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, ngakuzwa nokukhala kwabo ngenxa yalabo ababaphoqa ukuba basebenze; ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. +
8 Ngizokwehla ngiyobakhulula kwabaseGibhithe, + ngibakhuphule baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelivulekile, ezweni eligeleza ubisi noju, + indawo yamaKhanani, amaHeti, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi namaJebusi. +
9 Bheka! Ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli kufinyelele kimi, ngiyibonile indlela enesihluku abaseGibhithe ababacindezela ngayo. +
10 Manje woza, ngizokuthuma kuFaro futhi uzokhipha abantu bami ama-Israyeli eGibhithe.” +
11 UMose wathi kuNkulunkulu weqiniso: “Ngingubani mina ukuba ngingaya kuFaro ngikhiphe ama-Israyeli eGibhithe?”
12 UNkulunkulu wathi: “Ngizoba nawe + futhi nalu uphawu lokuthi yimi engikuthumile: Ngemva kokuba usubakhiphile abantu eGibhithe, niyokhonza uNkulunkulu weqiniso kule ntaba.” +
13 Kodwa uMose wathi kuNkulunkulu weqiniso: “Ake ngithi ngiya kuma-Israyeli ngithi kuwo, ‘UNkulunkulu wokhokho benu ungithume kini,’ wona athi kimi, ‘Ubani igama lakhe?’ + Kufanele ngithini kuwo?”
14 UNkulunkulu wathi kuMose: “Ngiyoba Yilokho Engikhetha* Ukuba Yikho.” *+ Wanezela wathi: “Yilokhu ozokusho kuma-Israyeli, ‘UNgiyoba Yikho ungithume kini.’” +
15 UNkulunkulu wabuye wathi kuMose:
“Yilokhu okumelwe ukusho kuma-Israyeli, ‘UJehova uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abrahama, + uNkulunkulu ka-Isaka + noNkulunkulu kaJakobe, + ungithume kini.’ Yileli igama lami kuze kube phakade + futhi yile ndlela okumelwe ngikhunjulwe ngayo yizo zonke izizukulwane.
16 Manje hamba, uqoqe amadoda amadala akwa-Israyeli, uthi kuwo, ‘UJehova uNkulunkulu wokhokho benu ubonakale kimi, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka noJakobe, wathi: “Ngokuqinisekile nginiqaphele nina + nalokho okwenziwa kini eGibhithe.
17 Ngakho ngithi, ngizonikhipha ekuhlushweni + abaseGibhithe nginiyise ezweni lamaKhanani, amaHeti, ama-Amori, + amaPherizi, amaHivi namaJebusi, + ezweni eligeleza ubisi noju.”’ +
18 “Nakanjani bazolilalela izwi lakho + futhi uzoya enkosini yaseGibhithe, wena namadoda amadala akwa-Israyeli. Kufanele nithi kuyo: ‘UJehova uNkulunkulu wamaHebheru + ukhulume nathi. Ngakho sicela ukuthatha uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane ukuze senzele uJehova uNkulunkulu wethu umhlatshelo.’ +
19 Kodwa mina ngazi kahle ukuthi inkosi yaseGibhithe ngeke inivumele nihambe ngaphandle kokuba iphoqwe isandla esinamandla. +
20 Ngakho kuzodingeka ngelule isandla sami ngishaye iGibhithe ngazo zonke izenzo zami ezingavamile engizozenza kulo, ngemva kwalokho inkosi yaseGibhithe izonikhulula. +
21 Ngizokwenza nokuba abaseGibhithe bababonise umusa abantu bami, kuyothi lapho nihamba, nakanjani ningahambi ningenalutho. +
22 Owesifazane ngamunye kumelwe acele kumakhelwane wakhe nakowesifazane ohlala endlini yakhe izinto zesiliva nezegolide kanye nezingubo, niyozigqokisa amadodana namadodakazi enu; niyothatha impahla yabaseGibhithe.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ngiyoba Yilokho Engiyoba Yikho.” Bheka iSithasiselo A4.
^ Noma, “Engifuna.”