Eksodusi 40:1-38
40 UJehova wabe esethi kuMose:
2 “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kufanele umise itabernakele, itende lokuhlangana. +
3 Ubeke umphongolo wobuFakazi kulo, + bese usitha uMphongolo ngekhethini. +
4 Kufanele ungenise itafula + bese uhlela izinto zalo, ungenise uthi lwesibani + ukhanyise izibani zalo. +
5 Ubeke i-altare legolide lempepho + phambi komphongolo wobuFakazi ufake ikhethini* lomnyango wetabernakele endaweni yalo. +
6 “Kufanele ubeke i-altare lomnikelo oshiswayo + phambi komnyango wetabernakele, itende lokuhlangana,
7 ubeke indishi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare ufake amanzi kuyo. +
8 Ulungise igceke + nxazonke bese ufaka ikhethini *+ lesango legceke.
9 Ngemva kwalokho kufanele uthathe amafutha okugcoba + ugcobe itabernakele nakho konke okukulo, + ulingcwelise lona nazo zonke izinto zalo, ukuze libe ngcwele.
10 Kufanele ugcobe i-altare lomnikelo oshiswayo nazo zonke izinto zalo ungcwelise i-altare, ukuze libe yi-altare elingcwelengcwele. +
11 Ugcobe indishi nento ehlala kuyo ukungcwelise.
12 “Ngemva kwalokho ulethe u-Aroni namadodana akhe eduze komnyango wetende lokuhlangana ubageze ngamanzi. +
13 Kufanele ugqokise u-Aroni izingubo ezingcwele + umgcobe + umngcwelise, uzoba umpristi kimi.
14 Ngemva kwalokho usondeze amadodana akhe uwagqokise izingubo. +
15 Kufanele uwagcobe njengoba nje wagcoba uyise, + ukuze abe abapristi kimi, futhi ukugcotshwa kwawo kuzosebenza njalo kuwo njengobupristi baphakade ezizukulwaneni zawo.” +
16 UMose wenza ngokuvumelana nakho konke uJehova ayemyale ngakho. + Wenza kanjalo nje.
17 Ngenyanga yokuqala, ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, lamiswa itabernakele. +
18 Lapho uMose emisa itabernakele, wabeka phansi izisekelo zalo ezinezimbobo, + wafaka izinhlaka zamapulangwe, + wafaka izingodo zalo, + wamisa nezinsika zalo.
19 Wendlala itende + phezu kwetabernakele wabeka nesembozo + setende ngaphezu kwalo, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
20 Ngemva kwalokho wathatha ubuFakazi + wabufaka eMphongolweni + wabeka izinduku + eMphongolweni wabeka isivalo + eMphongolweni. +
21 Wangenisa uMphongolo etabernakele wafaka ikhethini + endaweni yalo wasitha umphongolo wobuFakazi, + njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
22 Ngemva kwalokho wabeka itafula + etendeni lokuhlangana ohlangothini olusenyakatho lwetabernakele ngaphandle kwekhethini,
23 wabe esehlela kahle izinkwa + phezu kwalo phambi kukaJehova, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
24 Wabeka uthi lwesibani + etendeni lokuhlangana phambi kwetafula, ohlangothini lwetabernakele oluseningizimu.
25 Wakhanyisa izibani + phambi kukaJehova, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
26 Wabe esebeka i-altare legolide + etendeni lokuhlangana ngaphambi kwekhethini,
27 ukuze ashunqise impepho enamakha + kulo, + njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
28 Wafaka ikhethini *+ lomnyango wetabernakele endaweni yalo.
29 Wabeka i-altare lomnikelo oshiswayo + emnyango wetabernakele, itende lokuhlangana, ukuze anikele umnikelo oshiswayo + nomnikelo wokudla okusanhlamvu kulo, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
30 Wabeka indishi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wafaka amanzi okugeza kuyo. +
31 UMose no-Aroni namadodana akhe bageza kuyo izandla nezinyawo.
32 Noma nini lapho bezongena etendeni lokuhlangana noma besondela e-altare, babegeza, + njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
33 Ekugcineni walungisa igceke + nxazonke zetabernakele ne-altare, wafaka ikhethini* esangweni legceke. +
UMose wawuqeda umsebenzi.
34 Ifu laqala ukumboza itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. +
35 UMose wayengakwazi ukungena etendeni lokuhlangana ngoba ifu lalilokhu liphezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. +
36 Lapho ifu likhuphuka lisuka etabernakele, ama-Israyeli ayeqhubeka nendlela phakathi nalo lonke uhambo lwawo. +
37 Nokho, uma ifu lingakhuphuki, ayengaqhubeki nendlela kuze kube usuku elikhuphuka ngalo. +
38 Ngoba ifu likaJehova laliba phezu kwetabernakele emini, ebusuku kube khona umlilo phezu kwalo phambi kwamehlo ayo yonke indlu ka-Israyeli phakathi nalo lonke uhambo lwayo. +