KwabaseGalathiya 6:1-18
6 Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina enivuthiwe* zamani ukumlungisa ngomoya omnene umuntu onjalo. + Kodwa qaphani + ukuze nani ningalingwa. +
2 Qhubekani nithwalisana imithwalo yenu, + ngokwenza kanjalo niyobe nigcwalisa umthetho kaKristu. +
3 Ngoba uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, + uyazikhohlisa.
4 Kodwa yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, + khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu. +
5 Ngoba yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo. *+
6 Ngaphezu kwalokho, noma ubani ofundiswa izwi* makahlanganyele* ezintweni zonke ezinhle nalowo onikeza leyo mfundo. *+
7 Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; +
8 ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okuphakade okuvela emoyeni. +
9 Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali. *+
10 Ngakho-ke uma nje sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.
11 Bonani ukuthi nginibhalele ngezinhlamvu ezinkulu kangakanani ngesandla sami siqu.
12 Bonke labo abafuna ukubonakala bebahle enyameni* yilabo abazama ukunicindezela ukuba nisokwe, ukuze nje bagweme ukushushiswa ngenxa yesigxobo sokuhlushwa* sikaKristu.
13 Ngoba ngisho nalabo abasokwayo abawugcini uMthetho bona ngokwabo, + kodwa bafuna nina nisokwe ukuze babe nesizathu sokuziqhayisa ngenyama yenu.
14 Kwangathi mina ngingelokothe ngiziqhayise, ngaphandle kokuba ngiziqhayise ngesigxobo sokuhlushwa* seNkosi yethu uJesu Kristu, + izwe eliye labulawa* ngaye ngokuqondene nami, nami ngokuqondene nezwe.
15 Ngoba ukusoka nokungasoki akulutho, + kodwa indalo entsha iyona ewutho. +
16 Ngokuqondene nabo bonke abahamba ngokuhlelekile ngalo mthetho wokuziphatha, mababe nokuthula nesihe, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu. +
17 Kusukela manje makungabikho muntu ongikhathazayo, ngoba emzimbeni wami ngithwele izimpawu zokushiswa zenceku kaJesu. +
18 Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo, bazalwane. Amen.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “eninezimfanelo ezingokomoya.”
^ Noma, “isibopho.”
^ Noma, “mfundo yomlomo.”
^ Noma, “makabe nengxenye.”
^ Noma, “izwi ngomlomo.”
^ Noma, “singayeki.”
^ Noma, “ngaphandle.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “labulawelwa esigxotsheni.”