Genesise 6:1-22
6 Manje lapho abantu beqala ukwanda emhlabeni futhi bezala amadodakazi,
2 amadodana kaNkulunkulu weqiniso* + aqaphela ukuthi amadodakazi abantu ayemahle. Ngakho azithathela wona aba abafazi bawo, wonke lawo ayewakhetha.
3 Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Umoya wami ngeke umbekezelele kuze kube phakade umuntu, + ngoba umane nje uyinyama.* Ngakho izinsuku zakhe zizoba iminyaka engu-120.” +
4 Kwakukhona amaNefili* emhlabeni ngalezo zinsuku nakamuva. Phakathi naleso sikhathi amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqhubeka elala namadodakazi abantu futhi ewazalela amadodana. Ayengabantu abanamandla bakudala, amadoda odumo.
5 Ngenxa yalokho, uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nokuthi imicabango nezifiso zenhliziyo yakhe kwakukubi ngaso sonke isikhathi. +
6 UJehova wadabuka* ngokuthi wayenze abantu emhlabeni futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe. +
7 Ngakho uJehova wathi: “Ngizobaqeda nya emhlabeni abantu engibadalile, umuntu nezilwane ezifuywayo, izilwane ezihuquzelayo nezilwane ezindizayo zamazulu, ngoba ngiyadabuka ngokuthi ngikwenzile.”
8 Kodwa uNowa wathola umusa kuJehova.
9 Lona umlando kaNowa.
UNowa wayeyindoda elungile. + Akabanga naphutha* phakathi kwabantu besikhathi sakhe.* UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso. +
10 Ngemva kwesikhathi, uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. +
11 Kodwa umhlaba wawusuwonakele emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi wawusugcwele ubudlova.
12 UNkulunkulu wabuka umhlaba futhi wawonakalisiwe; + bonke abantu babenza izinto ezimbi kakhulu emhlabeni. +
13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukuqeda yonke inyama, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo, ngakho ngiyayiqothula kanye nomhlaba. +
14 Zenzele umkhumbi* ngezingodo zesihlahla esikhipha inomfi. + Uzokwenza amakamelo emkhunjini uwuhuqe ngetiyela* + ngaphakathi nangaphandle.
15 Nansi indlela ozowenza ngayo: Umkhumbi kufanele ube amamitha angu-134 ubude, angu-22 ububanzi, nangu-13 ukuphakama.
16 Uzokwenza ifasitela* lomkhumbi ukuze kukhanye, cishe uhhafu wemitha uma usuka phezulu. Umnyango womkhumbi kufanele uwubeke ohlangothini lwawo, + umkhumbi uwenze ube nesitezi sokuqala, isitezi sesibili nesitezi sesithathu.
17 “Mina ngizoletha uzamcolo* + emhlabeni ukuze ngiqothule phansi kwamazulu yonke inyama okukhona kuyo umoya wokuphila. Konke okusemhlabeni kuzoshabalala. +
18 Ngenza nesivumelwano sami nawe, kumelwe ungene emkhunjini, wena namadodana akho, umkakho nabafazi bamadodana akho. +
19 Kufanele ungenise emkhunjini izilwane eziphilayo + ngazimbili zazo zonke izinhlobo ukuze uzigcine ziphila kanye nawe, esensikazi neseduna; +
20 ezilwaneni ezindizayo ngezinhlobo zazo, ezilwaneni ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nakuzo zonke izilwane ezihuquzelayo zomhlaba ngezinhlobo zazo, kuyongena lapho kuwe ezimbili ohlotsheni ngalunye ukuze uzigcine ziphila. +
21 Wena-ke kumelwe uqoqe futhi uzithathele zonke izinhlobo zokudla ozokudla, + kube ukudla kwakho nokwezilwane.”
22 UNowa wenza konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje. +
Imibhalo yaphansi
^ Lesi yisisho sesiHebheru esibhekisela emadodaneni kaNkulunkulu ayizingelosi.
^ Noma, “ngoba wenza ngokuvumelana nenyama.”
^ Kungenzeka lisho “abaWisi,” okusho ukuthi, labo abawisa abanye. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “waba lusizi.”
^ Noma, “Wayengasoleki.”
^ NgesiHebheru, “kwezizukulwane zakhe.”
^ NgesiHebheru, “ibhokisi”; umkhumbi omkhulu.
^ Noma, “ngekolitayi.”
^ Noma, “uphahla.”
^ Noma, “imvula enkulu.”