UHabakuki 1:1-17
1 Isimemezelo uHabakuki* umprofethi asibona embonweni:
2 O Jehova, kuyoze kube nini ngikhala ngicela usizo kodwa ungezwa? +
Kuyoze kube nini ngicela ukusindiswa ebudloveni, kodwa ungangisizi? *+
3 Kungani ungenza ngibone izenzo ezimbi?
Kungani ubekezelela ukucindezela?
Kungani phambi kwami kukhona ukucekela phansi nobudlova?
Kungani kugcwele izingxabano nombango?
4 Ngakho umthetho awusasebenzi,Nobulungisa abusenziwa nhlobo.
Ngoba omubi ucindezela olungile;Yingakho ubulungisa buhlanekezelwe. +
5 “Bhekani phakathi kwezizwe, ninake!
Bukani nimangele futhi nishaqeke;Ngoba kukhona okuzokwenzeka ezinsukwini zenuEningeke nikukholwe ngisho noma nixoxelwa ngakho. +
6 Ngoba ngivusa amaKhaledi, +Isizwe esinonya nesinamawala.
Esikhukhula ezindaweni ezivulekile zomhlabaUkuze sithathe imizi okungeyona eyaso. +
7 Siyethusa futhi siyesabeka.
Sizimisela owaso umthetho negunya. *+
8 Amahhashi aso anejubane ngaphezu kwezingwe,Anolaka ngaphezu kwezimpisi ebusuku. +
Amahhashi aso ayagabavula;Amahhashi aso avela kude.
Eza egijima njengokhozi luphuthuma ukuyodla. +
9 Siza nalo lonke ibutho laso ngenjongo yobudlova. +
Ukuhlangana kobuso baso kunjengomoya wasempumalanga, +Sibutha izithunjwa njengesihlabathi.
10 Siklolodela amakhosiSihleka izikhulu eziphakeme. +
Sihleka ngisho nazo zonke izindawo ezinezivikelo eziqinile; +Sinqwabelanisa indunduma yenhlabathi ukuze sigibele odongeni.
11 Siya phambili njengomoya, sidlule,Kodwa siyoba necala, +Ngoba sithi amandla aso siwathola kunkulunkulu waso.” *+
12 Awuyena yini owaphakade Jehova? +
O Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, wena awufi. *+
O Jehova, usimisele ukuba sikhiphe isahlulelo sakho;Dwala lami, + usimisele ukujezisa* ngaso. +
13 Amehlo akho ahlanzeke kakhulu ukuba angabheka okubi,Awukwazi ukubekezelela ububi. +
Pho kungani ubekezelela abakhohlisayo +Kungani uthula lapho umuntu omubi egwinya umuntu olunge ngaphezu kwakhe? +
14 Kungani wenza abantu babe njengezinhlanzi zasolwandle,Njengezilwane zasolwandle ezingenambusi?
15 Zonke uzikhipha* ngodobo.
Uzibamba ngenethi lakhe,Uziqoqela enethini lakhe lokudoba.
Yingakho ejabule kangaka. +
16 Yingakho enikelela inethi lakhe imihlatsheloEnzela* inethi lakhe lokudoba imihlatshelo;Ngoba ngenxa yamanethi isabelo sakhe sicebile,*Nokudla kwakhe okwekhethelo.
17 Ingabe uyoqhubeka ethulula inethi lakhe?*
Ingabe uyolokhu ebulala izizwe engabonisi bubele? +
Imibhalo yaphansi
^ Cishe kusho “Ukwamukela Ngentshiseko.”
^ Noma, “ungangeneli.”
^ Noma, “nesithunzi.”
^ Noma kungaba, “amandla aso ngunkulunkulu waso.”
^ Noma kungaba, “ngeke sife.”
^ Noma, “ukuyala.”
^ Okuwukuthi, umKhaledi oyisitha.
^ Noma, “Eshunqisela.”
^ NgesiHebheru, “sinamafutha.”
^ Noma kungaba, “uyolokhu ehosha inkemba yakhe?”