UHabakuki 3:1-19
3 Umthandazo kaHabakuki umprofethi, oyingoma yokulila:
2 O Jehova, ngiwuzwile umbiko ngawe.
O Jehova, uyamangalisa umsebenzi wakho.
Kwangathi ungawenza uphile phakathi neminyaka!*
Kwangathi ungawenza waziwe phakathi neminyaka.*
Kwangathi ungakhumbula ukubonisa isihe ngesikhathi seziyaluyalu. +
3 UNkulunkulu wavela eThemani,ONgcwele wavela eNtabeni iPharanu. + (Sela)*
Isithunzi sakhe samboza amazulu; +Umhlaba wagcwala udumo lwakhe.
4 Ukukhazimula kwakhe kwakunjengokukhanya. +
Imisebe emibili yayiphuma esandleni sakhe,Lapho amandla akhe ayecashe khona.
5 Isifo esiwumshayabhuqe sasiphambi kwakhe, +Nomkhuhlane onzima wawulandela ezinyaweni zakhe.
6 Wama, wanyakazisa umhlaba. +
Ngokubuka nje, wabangela izizwe ukuba ziqhashe. +
Izintaba zaphakade zaphihlizwa,Amagquma asendulo akhothama. +
Izindlela zakudala zingezakhe.
7 Ngabona inkinga ematendeni aseKushani.
Izindwangu zamatende zezwe lakwaMidiyani zavevezela. +
8 Ingabe ivuthela imifula Jehova,Ingabe intukuthelo yakho ivuthela imifula?
Noma ingabe ulaka lwakho lumelene nolwandle? +
Ngoba wagibela amahhashi akho; +Izinqola zakho zazinqoba. *+
9 Usuwukhiphile umnsalo wakho, usulungele ukuciba.
Izinduku* zilungele ukwenza umsebenzi wazo ngokwesifungo.* (Sela)
Waqhekeza umhlaba ngemifula.
10 Izintaba zakubona zaba sezinhlungwini ezinzima. +
Imvula yakhukhula.
Ekujuleni, amanzi abhonga ngezwi lawo. +
Aphakamisela izandla zawo phezulu.
11 Ilanga nenyanga kwama endaweni yako ephakeme. +
Imicibisholo yakho yaphuma njengokukhanya. +
Umbani womkhonto wakho wakhanya.
12 Wadabula emhlabeni ngolaka.
Wanyathela* izizwe uthukuthele.
13 Waphuma ukuze usindise abantu bakho, ukuze usindise ogcotshiwe wakho.
Waphihliza umholi wendlu* yomubi.
Yembuleka kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu.* (Sela)
14 Wagwaza ikhanda lamaqhawe akhe ngezikhali* zakheLapho ephuma njengesiphepho ezongihlakaza.
Babekujabulela kakhulu ukushwabadela ohluphekile ngasese.
15 Wahamba wadabula ulwandle ngamahhashi akho,Wadabula amanzi amaningi agubhayo.
16 Ngezwa futhi ngathuthumela;*Izindebe zami zavevezela lapho ngizwa umsindo.
Amathambo ami abola; +Imilenze yami yayiqhaqhazela.
Kodwa ngilulindele buthule usuku losizi, +Ngoba luzofikela abantu abasihlaselayo.
17 Nakuba isihlahla somkhiwane singase singaqhakazi,Kungabi nazithelo ezihlahleni zamagilebhisi;Nakuba isihlahla somnqumo singase singatheli,Namasimu engase angakhiqizi kudla;Nakuba umhlambi wezimvu nezimbuzi ungase uphele esibayeni,Kungabi nazinkomo ezibayeni;
18 Kodwa mina ngiyothokoza ngoJehova;Ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami. +
19 INkosi EnguMbusi uJehova ingamandla ami; +Iyokwenza izinyawo zami zibe njengezenyamazaneIngenze ngihambe ezindaweni eziphakeme. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “uphile esikhathini sethu.”
^ Noma kungaba, “waziwe esikhathini sethu.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “zaziyinsindiso.”
^ Noma kungaba, “Imicibisholo.”
^ Noma kungaba, “Kushiwo izifungo zezizwe.”
^ NgesiHebheru, “Wabhula.”
^ NgesiHebheru, “inhloko yendlu.”
^ NgesiHebheru, “entanyeni.”
^ NgesiHebheru, “ngezinduku.”
^ NgesiHebheru, “isisu sami sathuthumela.”