UHagayi 1:1-15

  • Ukusolwa ngokungalakhi kabusha ithempeli (1-11)

    • ‘Ingabe yisikhathi sokuba nihlale ezindlini ezihlotshiswe ngamapulangwe?’ (4)

    • “Cabangisisani ngezindlela zenu” (5)

    • Ukutshala imbewu eningi kodwa kuvunwe okuncane (6)

  • Isizwe silalela izwi likaJehova (12-15)

1  Ngonyaka wesibili weNkosi uDariyu, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika ngoHagayi *+ umprofethi kuZerubhabhele + indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki umpristi ophakeme, lithi:  “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Lesi sizwe sithi: “Isikhathi sokuba kwakhiwe* indlu* kaJehova asikafiki.” ’ ” +  Izwi likaJehova laphinde lafika ngoHagayi + umprofethi, lathi:  “Ingabe yisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshiswe ngamapulangwe, kuyilapho le ndlu iyincithakalo? +  Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Cabangisisani ngezindlela* zenu.  Nitshale imbewu eningi, kodwa nivuna okuncane. + Niyadla kodwa anisuthi. Niyaphuza kodwa ananeliseki. Niyagqoka kodwa akekho ofudumalayo. Osebenzayo ufaka umholo wakhe esakeni elibhobokile.’ ”  “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Cabangisisani ngezindlela* zenu.’  “ ‘Khuphukelani entabeni nilethe izingodo. + Niyakhe le ndlu + ukuze ngijabule ngayo futhi ngikhazinyuliswe,’ + kusho uJehova.”  “ ‘Nanibheke okuningi kodwa nithola okuncane; lapho nikuletha endlini, ngakuphephetha. + Ngasiphi isizathu?’ kusho uJehova wamabutho. ‘Ngenxa yokuthi indlu yami iyincithakalo, kuyilapho nina nigijima nilungisa izindlu zenu. + 10  Ngakho amazulu phezu kwenu anigodlela amazolo awo, nomhlaba wagodla isivuno sawo. 11  Ngaqhubeka ngiletha isomiso ezweni lenu nasezintabeni zenu, okwabangela ukuba kusweleke ukudla okusanhlamvu, iwayini, amafutha nezitshalo. Nina nemfuyo yenu niyahlupheka, konke ukuzikhandla kwenu akunazithelo.’ ” 12  UZerubhabhele + indodana kaSheyalitiyeli, + noJoshuwa indodana kaJehozadaki + umpristi ophakeme, nabo bonke abanye abantu balilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, ngoba uJehova uNkulunkulu wabo wayemthumile; abantu besaba ngenxa kaJehova. 13  UHagayi isithunywa sikaJehova watshela abantu lo myalezo njengoba uJehova ayemthumile, wathi: “ ‘Nginani,’ + kusho uJehova.” 14  UJehova wathinta inhliziyo + kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, + nekaJoshuwa + indodana kaJehozadaki umpristi ophakeme, neyabo bonke abanye abantu; beza baqala ukwakha kabusha indlu kaJehova wamabutho, uNkulunkulu wabo. + 15  Lokhu kwenzeka ngosuku luka-24 lwenyanga yesithupha ngonyaka wesibili weNkosi uDariyu. +

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “Uzalwe Ngomkhosi.”
Noma, “kwakhiwe kabusha.”
Noma, “ithempeli.”
Noma, “Bekani inhliziyo yenu ezindleleni.”
Noma, “Bekani inhliziyo yenu ezindleleni.”