KumaHebheru 12:1-29
12 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisizungezile, nathi masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, + futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu, +
2 njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. + Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa,* engenandaba nehlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. +
3 Ngempela, cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu, + ukuze ningakhathali niphele amandla. +
4 Ekulweni kwenu naleso sono, anikazabalazi kuze kube seqophelweni lokuchitheka kwegazi lenu.
5 Nisikhohlwe ngokuphelele isikhuthazo esinibiza ngokuthi ningamadodana, esithi: “Ndodana yami, ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova,* futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye;
6 ngoba uJehova* uyabayala labo abathandayo, eqinisweni, ujezisa wonke umuntu amamukela njengendodana.” +
7 Kudingeka nikhuthazele lapho niyalwa.* UNkulunkulu uniphatha njengamadodana akhe. + Ngoba iyiphi indodana engayalwa uyise? +
8 Kodwa uma nonke ningakaze nisithole isiyalo, ngempela ningamavezandlebe, aniwona amadodana.
9 Ngaphezu kwalokho, obaba bethu benyama* babesiyala futhi sasibahlonipha. Akufanele yini sizithobe nakakhulu kuBaba wokuphila kwethu okungokomoya futhi siphile? +
10 Ngoba bona basiyala isikhashana ngokwalokho okwakubonakala kukuhle kubo, kodwa yena usiyala ukuze kuzuze thina, ukuze sihlanganyele ebungcweleni bakhe. +
11 Yiqiniso, asijabuli lapho sithola isiyalo kodwa sizwa ubuhlungu;* nokho kamuva isiyalo sibathelela isithelo sokuthula esiwukulunga labo abaqeqeshwe yiso.
12 Ngakho-ke, qinisani izandla eziyethile namadolo axegayo, +
13 futhi qhubekani nihamba endleleni eqondile, + ukuze lowo oxhugayo* angabhinyiki, kodwa kunalokho elapheke.
14 Lwelani ukuba nokuthula nabantu bonke, + nokungcweliswa *+ okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwako.
15 Qaphelisisani ukuba kungabikho muntu ongawutholi umusa omkhulu kaNkulunkulu, ukuze kungabikho mpande enobuthi evelayo, ibange izinkinga futhi abaningi bangcoliswe yiyo; +
16 qaphelani nokuba phakathi kwenu kungabi namuntu oziphatha kabi ngokocansi* nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengo-Esawu, owadela amalungelo akhe njengezibulo ukuze athole isidlo esisodwa. +
17 Ngoba niyazi ukuthi kamuva lapho efuna ukuzuza isibusiso njengefa waliwa; ngoba nakuba azama ngobuqotho ukushintsha umqondo* ngezinyembezi, + akusizanga.*
18 Ngoba anisondelanga entweni engase ithintwe + futhi eyokhelwe ngomlilo, + nasefwini elimnyama nasebumnyameni obukhulu nasesiphephweni, +
19 nasekukhaleni kwecilongo + nasezwini elikhuluma amazwi, + okwathi lapho abantu belizwa bancenga ukuba kungabe kusashiwo lutho olunye kubo. +
20 Ngoba wawunzima kubo lo myalo othi: “Uma ngisho nesilwane sithinta intaba, kumelwe sishaywe ngamatshe.” +
21 Ngaphezu kwalokho, okwakubonakala kwakwesabisa kakhulu, uMose waze wathi: “Ngiyesaba futhi ngiyathuthumela.” +
22 Kodwa nisondele eNtabeni iZiyoni + nasedolobheni likaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, + nasemashumini ezinkulungwane ezingelosi
23 emhlanganweni wazo zonke, + nasebandleni lamazibulo abhaliswe emazulwini, nakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, + nasekuphileni okungokomoya + kwabalungile abenziwe baphelela, +
24 nakuJesu umlamuleli + wesivumelwano esisha, + nasegazini elifafaziwe, elikhuluma ngendlela engcono kunegazi lika-Abela. +
25 Qaphelani ukuba ningenqabi ukulalela* lowo okhulumayo. Ngoba uma labo abenqaba ukulalela lowo owayenikeza isixwayiso saphezulu esemhlabeni bengaphunyukanga, thina ngeke siphunyuke nakakhulu uma sifulathela lowo okhuluma esemazulwini. +
26 Ngaleso sikhathi izwi lakhe lazamazamisa umhlaba, + kodwa manje uthembisile, wathi: “Ngizophinde ngizamazamise hhayi umhlaba kuphela kodwa futhi nezulu.” +
27 Manje inkulumo ethi “ngizophinde” ibonisa ukususwa kwezinto ezizanyazanyiswayo, izinto ezenziwe, ukuze izinto ezingazanyazanyiswanga zihlale.
28 Ngakho-ke, njengoba sizokwamukela uMbuso ongenakunyakaziswa, masiqhubeke sithola umusa omkhulu, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba nangokuthuthumela.
29 Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “niqeqeshwa.”
^ Noma, “abangabantu.”
^ Noma, “siba nosizi.”
^ Noma, “olunyonga.”
^ Noma, “nokuba ngcwele.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
^ Okuwukuthi, umqondo kayise.
^ NgesiGreki, “akayitholanga indawo yako.”
^ Noma, “ningezi izaba; ningamshayi indiva.”