KumaHebheru 2:1-18
2 Yingakho kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, + ukuze singalokothi sikhukhuleke. +
2 Ngoba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi + laba eliqinisekile, futhi zonke izoni nabantu abangalaleli bathola isijeziso ngokuvumelana nobulungisa, +
3 thina siyophunyuka kanjani uma siyishaye indiva insindiso enkulu kangaka? + Ngoba yiNkosi yethu eyaqala ukukhuluma ngale nsindiso + futhi basiqinisekisa ngayo labo abayizwa iNkosi,
4 kuyilapho uNkulunkulu ehlanganyela ekufakazeni ngezibonakaliso nangezimangaliso nemisebenzi yamandla ehlukahlukene + nangomoya ongcwele owabiwa ngokwentando yakhe. +
5 Ngoba uNkulunkulu akabekanga izingelosi ukuba zibuse umhlaba ozayo, + lo esikhuluma ngawo.
6 Kodwa endaweni ethile ufakazi othile wathi: “Uyini umuntu ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinakekele? +
7 Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, futhi wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho.
8 Zonke izinto wazibeka ngaphansi kwezinyawo zakhe.” + Ngokubeka zonke izinto ngaphansi kwakhe, + uNkulunkulu akashiyanga lutho lungekho ngaphansi kwakhe. + Nokho, manje asikaziboni zonke izinto zingaphansi kwakhe. +
9 Kodwa siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi, + manje osethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngoba eye wafa, + ukuze ngomusa omkhulu kaNkulunkulu anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu. +
10 Ngoba kwakufanele ukuba Lowo izinto zonke ezikhona ngenxa yakhe futhi ezikhona ngaye, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, + enze uMmeli Oyinhloko wensindiso yawo + aphelele ngezinhlupheko. +
11 Ngoba lowo ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo + bonke bavela koyedwa, + futhi ngenxa yalesi sizathu akanamahloni okubabiza ngokuthi abafowethu, +
12 njengoba ethi: “Ngizomemezela igama lakho kubafowethu; ngizokudumisa ngengoma phakathi kwebandla.” +
13 Aphinde athi: “Ngizothembela kuye.” + Athi futhi: “Bheka! Mina nabantwana uJehova* angiphe bona.” +
14 Ngakho-ke, njengoba ‘abantwana’ bengabantu begazi nenyama,* naye ngokufanayo waba umuntu wegazi nenyama, *+ ukuze ngokufa kwakhe amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, + okungukuthi, uDeveli, +
15 futhi akhulule bonke labo ababeyizigqila ukuphila kwabo konke ngenxa yokwesaba ukufa. +
16 Ngoba akuzona ngempela izingelosi azisizayo, kodwa usiza inzalo* ka-Abrahama. +
17 Ngenxa yalokho, kwakumelwe abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, + ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nothembekile ezintweni eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele umhlatshelo oyisihlawulelo + ngenxa yezono* zabantu. +
18 Njengoba naye ahlupheka lapho evivinywa, + uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ NgesiGreki, “naye wahlanganyela izinto ezifanayo.”
^ NgesiGreki, “bengabahlanganyeli begazi nenyama.”
^ NgesiGreki, “imbewu.”
^ Noma, “umhlatshelo ohlawulela izono; inhlawulo yezono.”