KumaHebheru 5:1-14
5 Ngoba yilowo nalowo mpristi ophakeme othathwa kubantu umiswa ngenxa yabo phezu kwezinto eziphathelene noNkulunkulu, + ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono. +
2 Uyakwazi ukusebenzelana ngozwela* nabangenalwazi nabaphambukayo, njengoba naye enobuthakathaka* bakhe,
3 futhi ngenxa yalokho kumelwe azenzele iminikelo ngenxa yezono zakhe njengoba nje enza nangenxa yezesizwe. +
4 Umuntu akazithatheli lolu dumo ngokuzithandela, kodwa uluthola lapho ebizwa uNkulunkulu, njengoba nje u-Aroni abizwa. +
5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ngokuba umpristi ophakeme, + kodwa wakhazinyuliswa yiLowo owathi kuye: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.” +
6 Njengoba esho futhi kwenye indawo, “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” +
7 Ngesikhathi esaphila emhlabeni, uKristu wanxusa wenza nezicelo, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, + kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe uNkulunkulu.
8 Nakuba ayeyindodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo. +
9 Futhi ngemva kokuba enziwe waphelela, + bonke abamlalelayo babengathola insindiso yaphakade ngenxa yakhe, +
10 ngoba wabekwa uNkulunkulu ukuba abe ngumpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki. +
11 Sinokuningi esingakusho ngaye futhi kunzima ukukuchaza, ngoba seniye naba buthuntu ekuzweni.
12 Ngoba, nakuba bekufanele ngabe manje seningabafundisi,* nisadinga ukuba othile aphinde anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula + zamazwi angcwele kaNkulunkulu, futhi senibuyele emuva ekudingeni ubisi, hhayi ukudla okuqinile.
13 Ngoba wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane. +
14 Kodwa ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngesisa; ngokulinganisela.”
^ Noma, “ehaqwe ubuthakathaka.”
^ NgesiGreki, “seningabafundisi ngenxa yesikhathi.”