KumaHebheru 6:1-20
6 Ngakho-ke, njengoba sesidlulile emfundisweni yokuqala + ephathelene noKristu, masizabalazele ukuvuthwa, + singalokhu sifunda izinto eziyisisekelo, okungukuthi, ukuphenduka emisebenzini efile nokholo kuNkulunkulu,
2 imfundiso ngobhapathizo nokubeka izandla, + uvuko lwabafile + nesahlulelo saphakade.
3 Futhi lokhu sizokwenza, uma ngempela uNkulunkulu evuma.
4 Ngoba ngokuqondene nalabo asebeke bakhanyiselwa, + futhi asebeye banambitha isipho sesihle sasezulwini, baba abahlanganyeli bomoya ongcwele,
5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla esimiso sezinto esizayo,*
6 kodwa abaye bawa, + akunakwenzeka ukuba bavuselwe ekuphendukeni futhi, ngoba baphinde bazibethelela iNdodana kaNkulunkulu esigxotsheni futhi bayihlaza obala. +
7 Umhlabathi uthola isibusiso esivela kuNkulunkulu lapho uphuza imvula eyehlela kaningi phezu kwawo, bese ukhiqiza izimila eziwusizo kulabo abawulimayo.
8 Kodwa uma ukhiqiza ameva namakhakhasi, uyashiywa futhi useduze nokuba uqalekiswe, ekugcineni uyoshiswa.
9 Kodwa ngokuqondene nani, bathandekayo, nakuba sikhuluma ngale ndlela ngani, siyaqiniseka ngezinto ezingcono, izinto eziphathelene nensindiso.
10 Ngoba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa egameni lakhe, + ngokukhonza abangcwele nangokuqhubeka nibakhonza.
11 Kodwa sifisa ukuba ngamunye kini abonise inkuthalo efanayo ukuze abe nesiqinisekiso esigcwele sethemba + kuze kube sekupheleni, +
12 ukuze ningavilaphi, + kodwa nilingise labo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso.
13 Ngoba lapho uNkulunkulu enza isithembiso sakhe ku-Abrahama, njengoba engekho omkhulu kunaye ayengamfunga, wazifunga yena ngokwakhe, +
14 ethi: “Nakanjani ngiyokubusisa, nakanjani ngiyokwandisa.” +
15 Ngakho ngemva kokuba u-Abrahama ebonise ukubekezela, wasithola lesi sithembiso.
16 Ngoba abantu bafunga umuntu omkhulu kunabo, futhi isifungo sabo siyisiphetho sakho konke ukuphikisana, njengoba siyisiqinisekiso esingokomthetho kubo. +
17 Ngendlela efanayo, lapho uNkulunkulu enquma ukukubonisa ngokucace kakhudlwana ezindlalifeni zesithembiso + ukungaguquleki kwenjongo* yakhe, wayiqinisekisa* ngesifungo,
18 ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungenakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga ngazo, + thina esibalekele esiphephelweni sithole isikhuthazo esinamandla sokuba sibambelele ngokuqinile ethembeni elibekwe phambi kwethu.
19 Sinaleli themba + njengehange lomphefumulo,* liqinisekile futhi lisenza singangabazi, lingena ngaphakathi kwekhethini, +
20 lapho umanduleli eye wangena khona ngenxa yethu, uJesu, + oye waba umpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki kuze kube phakade. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “enkathi ezayo.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “kwesinqumo.”
^ Noma, “wangenela.”
^ Noma, “lokuphila kwethu.”