UHezekeli 22:1-31
22 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Wena ndodana yomuntu, ukulungele yini ukukhipha isahlulelo edolobheni elinecala legazi + futhi ulazise zonke izinto zalo ezinengekayo? +
3 Kumelwe uthi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “O dolobha eligcwele ukuchithwa kwegazi, + elisikhathi salo siyeza, + elenza izithixo ezinyanyisayo* ukuze lizingcolise, +
4 ukuchitha kwakho igazi kukwenze waba necala, + nezithixo zakho ezinyanyisayo zikwenze waba ongcolile. + Usondeze ukuphela kwezinsuku zakho, ukuphela kweminyaka yakho sekufikile. Yingakho ngizokwenza ube yinto yokuhlanjalazwa ezizweni nenhlekisa kuwo wonke amazwe. +
5 Amazwe aseduze nakude nawe azokwenza inhlekisa, + wena onegama elingcolile nogcwele isiyaluyalu.
6 Bheka! Zonke izikhulu zakwa-Israyeli eziphakathi kwakho zisebenzisa igunya lazo ukuze zichithe igazi. +
7 Phakathi kwakho, baphatha uyise nonina ngendelelo. + Baphamba isifiki, bahlukumeze intandane* nomfelokazi.” ’ ” +
8 “ ‘Izindawo zami ezingcwele uyazidelela, namasabatha ami uyawangcolisa. +
9 Kuwe kukhona abanyundeli abahlose ukuchitha igazi. + Kuwe badla imihlatshelo ezintabeni, baqhubeke nokuziphatha okungcolile phakathi kwakho. +
10 Kuwe bangcolisa umbhede kayise, *+ balale nowesifazane ongahlanzekile osesikhathini. +
11 Kuwe umuntu wenza into enengekayo nomfazi kamakhelwane wakhe, + omunye ungcolisa umalokazana wakhe ngokuziphatha okungcolile, + omunye ulala nodadewabo, indodakazi kayise. +
12 Kuwe bathatha isifumbathiso ukuze bachithe igazi. + Ubolekisa ngenjongo yokuthola inzalo + noma inzuzo eyeqile, uqola omakhelwane bakho. + Yebo, ungikhohlwe nya,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
13 “ ‘Bheka! Ngishaye izandla* ngenxa yokucasulwa yinzuzo yokungathembeki oyenzile nezenzo zakho zokuchitha igazi eziphakathi kwakho.
14 Ingabe uyoqhubeka unesibindi nezandla zakho ziqhubeke zinamandla ngezinsuku engiyokuthathela ngazo isinyathelo? + Mina, Jehova, ngikhulumile futhi ngiyothatha isinyathelo.
15 Ngiyokuhlakazela ezizweni ngikusakazele emazweni, + ngiqede ukungcola kwakho. +
16 Uyohlazwa phambi kwezizwe, uyokwazi ukuthi nginguJehova.’ ” +
17 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi lithi:
18 “Ndodana yomuntu, indlu ka-Israyeli isifana nodoti kimi. Bonke bayithusi nethini nensimbi nomthofu emlilweni omkhulu. Sebephenduke udoti esiliveni. +
19 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngenxa yokuthi nonke senifana nodoti, + nginiqoqela ndawonye phakathi kweJerusalema.
20 Njengoba nje isiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini kufakwa emlilweni omkhulu ukuze kushiswe ngomlilo kuncibilike, ngokufanayo nani ngiyoniqoqela ndawonye ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nishe nincibilike. +
21 Ngiyoniqoqela ndawonye nishiswe umlilo wentukuthelo yami, + niyoncibilika phakathi kwalo. +
22 Njengoba nje isiliva lincibilikiswa emlilweni omkhulu, kanjalo nani niyoncibilika phakathi kwalo; niyokwazi ukuthi mina, Jehova, ngithulule intukuthelo yami kini.’ ”
23 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
24 “Ndodana yomuntu, yithi kulo, ‘Uyizwe elingeke lihlanzwe noma linethwe yimvula ngosuku lwentukuthelo.
25 Abaprofethi balo bakhe uzungu phakathi kwalo, + njengebhubesi elibhongayo lidwengula inyamazane. + Bashwabadela abantu. Bathatha ingcebo nezinto eziyigugu. Benze kwaba nabafelokazi abaningi kulo.
26 Abapristi balo baphule umthetho wami, + bayaqhubeka nokungcolisa izindawo zami ezingcwele. + Abahlukanisi phakathi kwento engcwele nento evamile, + bayehluleka ukwazisa abantu ukuthi yini engcolile nehlanzekile, + bayenqaba nokugcina amasabatha ami, ngingcolisiwe phakathi kwabo.
27 Izikhulu zalo eziphakathi kwalo zifana nezimpisi ezidwengula inyamazane; zichitha igazi, zibulale abantu ukuze zithole imali. +
28 Kodwa abaprofethi balo bafihle izenzo zabo ezimbi njengokungathi bazicake ngomcako. Babona imibono engamanga babhule amanga, + bathi: “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo,” uJehova ebe engakhulumanga.
29 Abantu bezwe baphambe abantu benza ubugebengu, + bahlukumeza abaswele nabahluphekayo, baphamba isifiki basigodlela ubulungisa.’
30 “ ‘Ngangifuna umuntu phakathi kwabo owayezolungisa udonga lwamatshe noma ame esikhaleni phambi kwami amele izwe, ukuze lingabhujiswa, + kodwa angitholanga muntu.
31 Ngakho ngizothululela ulaka lwami phezu kwabo ngibaqothule ngomlilo wokufutheka kwami. Imiphumela yezindlela zabo ngizoyehlisela phezu kwekhanda labo,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”
Imibhalo yaphansi
^ Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
^ Noma, “ingane engenayise.”
^ NgesiHebheru, “bambula ubunqunu bukayise.”
^ Okuwukuveza ukunengeka.