UHezekeli 27:1-36
-
Ingoma yokulilela umkhumbi ocwilayo waseThire (1-36)
27 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Wena ndodana yomuntu, cula ingoma yokulila ngeThire, +
3 uthi eThire,‘Wena ohlala emasangweni olwandle,Othengisela abantu baseziqhingini eziningi,Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“O Thire, wena uthe, ‘Ngimuhle ngazo zonke izindlela.’ +
4 Izindawo zakho zisemajukujukwini olwandle,Abakhi bakho babuphelelisile ubuhle bakho.
5 Wonke amapulangwe akho bawenze ngezihlahla zomjunipha zaseSeniri, +Bathathe umsedari eLebhanoni ukuze bakwenzele insika.
6 Izigwedlo zakho bazenze ngezihlahla ze-oki zaseBhashani,Ingaphambili lakho lenziwa ngomsayiphuresi onezinyo lendlovu waseziqhingini zaseKitimi. +
7 Ilineni elimibalabala laseGibhithe laliyindwangu yokukwenzela useyili,Isembozo sendawo engaphandle* sasenziwe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obuphephuli baseziqhingini zase-Elishahi. +
8 Abakhe eSidoni nase-Arivadi + babengabagwedli bakho.
Izingcweti zakho Thire zazingamatilosi akho. +
9 Amadoda asemnkantsh’ ubomvu* nanekhono aseGebhali + ayevala izimfa zezindawo ezivuzayo. +
Yonke imikhumbi yasolwandle nabahamba ngayo babeza kuwe bezohweba.
10 Amadoda asePheresiya, eLudi nasePhuthi + ayesebuthweni lakho lempi, amadoda akho empi.
Amahawu nezigqoko zawo zokuzivikela akulengisa kuwe, akwenza ukuba ukhazimule.
11 Amadoda ase-Arivadi ebuthweni lakho ayemi ezindongeni zakho nxazonke,Amadoda anesibindi ayeqapha imibhoshongo yakho.
Amahawu awo ayizindilinga ayewalengisa ezindongeni zakho nxazonkeEphelelisa ubuhle bakho.
12 “ ‘ “ITharishishi + lalenza ibhizinisi nawe ngenxa yengcebo yakho eningi. + Babekunika isiliva labo, insimbi, ithini nomthofu ukuze bathole izinto zakho. +
13 UJavani, uThubhali + noMesheke + bahweba nawe, bekunika izigqila + nezinto zethusi ukuze bathole izinto zakho ozithengisayo.
14 Indlu kaThogarma + yayikunika amahhashi, amahhashi empi neminyuzi ukuze ithole izinto zakho.
15 Abantu baseDedani + babehwebelana nawe; waqasha abathengisi eziqhingini eziningi; bakunika amazinyo endlovu + nokhuni olumnyama oluyigugu kwaba isipho sakho.
16 U-Edomi wenza ibhizinisi nawe ngenxa yemikhiqizo yakho eminingi. Wakunika itherkhoyisi, uboya obuphephuli, imihlobiso emibalabala, indwangu esezingeni eliphezulu, amakhorali namarubi ukuze athole izinto zakho.
17 “ ‘ “UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba nawe, bekunika ukolweni waseMiniti, + ukudla kwekhethelo, uju, + amafutha nebhalsamu + ukuze bathole izinto zakho. +
18 “ ‘ “IDamaseku + lenza ibhizinisi nawe ngenxa yobuningi bemikhiqizo yakho nayo yonke ingcebo yakho, lihweba ngewayini laseHelbhoni noboya baseZahari.*
19 IVedani neJavani ese-Uzali kwakunika insimbi, ikasiya,* nomhlanga* ukuze kuthole izinto zakho.
20 IDedani + lalihweba nawe ngezindwangu ezibekwa esihlalweni sehhashi.
21 Waqasha ama-Arabhu nazo zonke izikhulu zaseKhedari + ezazingabathengisi bamawundlu nezinqama nezimbuzi. +
22 Abathengisi baseSheba naseRahama + babehweba nawe; babekunika zonke izinhlobo zeziqholo eziphambili, amatshe ayigugu negolide ukuze bathole izinto zakho. +
23 IHarana, + iKhanine ne-Edene, + abahwebi baseSheba, + i-Ashuri + neKhilimadi babehweba nawe.
24 Ezimakethe zakho babehweba ngezingubo ezinhle, izingubo zangaphandle ezenziwe ngendwangu eluhlaza okwesibhakabhaka enemihlobiso emibalabala kanye nokhaphethi abamibalabala, konke kuboshwe kwaqina ngezintambo.
25 Imikhumbi yaseTharishishi + yayingomahambanendlwana abathwala izinto zakho ezithengiswayo,Ngakho wawugcwele futhi usindwa* emajukujukwini olwandle.
26 Abagwedli bakho bakulethe emanzini amaningi;Umoya wasempumalanga ukuphihlizele emajukujukwini olwandle.
27 Ingcebo yakho, impahla yakho, izinto zakho ezithengiswayo, abantu bakho abahamba ngomkhumbi, amatilosi akho,Labo abavala izimfa ezindaweni ezivuzayo, + labo abahweba ngezinto zakho ezithengiswayo nawo wonke amadoda akho empi +—Sonke isixuku* esikanye nawe—Bonke bayocwila emajukujukwini olwandle ngosuku lokuwa kwakho. +
28 Lapho amatilosi akho ekhala, amazwe agudle ulwandle ayothuthumela.
29 Bonke abaphatha izigwedlo, abahamba olwandle, namatilosi,Bayokwehla emikhunjini yabo bame emhlabathini.
30 Bayomemeza bakukhalele kamunyu +Bebe bethela uthuli emakhanda abo bebhuquza emlotheni.
31 Bayoziphuca amakhanda babhince indwangu yesaka;Bayokukhalela ngendlela edabukisayo, babangalase kabuhlungu.
32 Esililweni sabo bayokuculela ingoma yokulila, bahaye ngawe bathi:
‘Ubani onjengeThire, osethule emajukujukwini olwandle? +
33 Lapho izinto zakho zifika zivela olwandle, wajabulisa izizwe eziningi. +
Ingcebo yakho eningi nezinto zakho ezithengiswayo kwacebisa amakhosi omhlaba. +
34 Manje usuphihlikile olwandle, emanzini ajulile, +Zonke izinto zakho ezithengiswayo nabantu bakho bacwile nawe. +
35 Bonke abakhe eziqhingini bayokugqolozela bemangele, +Namakhosi abo ayoqhaqhazela ngenxa yokwesaba okukhulu +—ubuso babo buyogcwala ukukhathazeka.
36 Abathengisi phakathi kwezizwe bayoshaya ikhwela ngenxa yokwenzeke kuwe.
Isiphetho sakho siyozuma sibe esinyantisayo,Ngeke usaba khona kuze kube phakade.’ ” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “sendeki yakho.”
^ NgesiHebheru, “Amaxhegu.”
^ Noma, “obumpunga ngokubomvu.”
^ Isihlahla esiwuhlobo olulodwa nesihlahla sesinamoni.
^ Umhlanga onephunga elimnandi.
^ Noma kungaba, “ukhazimula.”
^ NgesiHebheru, “ibandla.”