UHoseya 5:1-15
-
Kwahlulelwa u-Efrayimi noJuda (1-15)
5 “Bapristi + yizwani lokhu,Nakani nina ndlu ka-Israyeli,Lalelani nina ndlu yenkosi,Ngoba nizokwahlulelwa;Ngoba niyisicupho eMizpaNenethi elendlalwe phezu kweThabori. +
2 Labo abahlubukayo bangene shi emsebenzini wokubulala,Bonke ngiyabaxwayisa.*
3 Ngiyamazi u-Efrayimi,No-Israyeli akafihlekile kimi.
Ngoba manje, wena Efrayimi, wenze ubufebe;*U-Israyeli uzingcolisile. +
4 Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo,Ngoba kunomoya wobufebe phakathi kwabo; +Abamqapheli uJehova.
5 Ukuqhosha kuka-Israyeli kufakaze ngokumelene naye; +U-Israyeli no-Efrayimi bakhutshwe isiphambeko sabo,NoJuda ukhubeke kanye nabo. +
6 Bahamba nomhlambi wabo wezimvu nezimbuzi kanye nomhlambi wabo wezinkomo bayofuna uJehova,Kodwa abamtholanga.
Wayesukile kubo. +
7 Bamdumazile uJehova, +Ngoba bazale amadodana ezinye izizwe.*
Manje bona kanye nezabelo* zabo bazoshwabadelwa ngenyanga eyodwa.
8 Shayani uphondo + eGibheya, icilongo eRama! +
Memezani nisho isiqubulo sempi eBheti-aveni +—ngemva kwakho Bhenjamini!
9 O Efrayimi, uyoba yinto eshaqisayo ngosuku lokujeziswa. +
Ngikwenze kwaziwa okuzokwenzeka nakanjani phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
10 Izikhulu zakwaJuda zifana nalabo abagudluza umngcele. +
Ngizothululela ulaka lwami phezu kwazo njengamanzi.
11 U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshozwe isahlulelo,Ngoba wayezimisele ukulandela isitha sakhe. +
12 Ngakho nganginjengesinambuzane* ku-EfrayimiNanjengokubola endlini kaJuda.
13 Lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe, noJuda ebona isilonda sakhe,U-Efrayimi waya e-Asiriya + wathumela enkosini enkulu.
Kodwa ayikwazanga ukunelapha,Ayikwazanga ukwelapha isilonda senu.
14 Ngoba ngizoba njengebhubesi eliselincane* ku-Efrayimi,Nanjengebhubesi elinamandla endlini kaJuda.
Mina ngokwami ngizobadwengula ngihambe; +Ngiyohamba nabo, akekho oyobasindisa. +
15 Ngizohamba ngibuyele endaweni yami kuze kube yilapho bebhekana nemiphumela yecala labo,Ngemva kwalokho bayofuna umusa wami. +
Lapho becindezelekile, bayongifuna.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngizobayala.”
^ Noma, “uziphathe kabi.”
^ Kungenzeka azalwe abafazi bakwezinye izizwe, ngakho ahlukanisiwe noNkulunkulu.
^ Noma, “namasimu.”
^ NgesiHebheru, “nganginjengenundu.” Okuwukuthi, isinambuzane esenza umonakalo esibukeka njengovemvane.
^ Noma, “njengengonyama esencane enomhlwenga.”