IsAmbulo Esiya KuJohane 20:1-15
20 Ngase ngibona ingelosi yehla ivela ezulwini iphethe isihluthulelo sakwalasha + neketanga elikhulu.
2 Yambamba udrako, + inyoka yokuqala, + onguDeveli + noSathane, + yambopha iminyaka engu-1 000.
3 Yamjikijela kwalasha, + yamvalela, yabeka uphawu, ukuze angazidukisi izizwe ize iphele iminyaka engu-1 000. Ngemva kwalokhu kumelwe akhululwe isikhashana. +
4 Ngabona nezihlalo zobukhosi, labo ababehlezi kuzo banikwa igunya lokwahlulela. Yebo, ngabona imiphefumulo* yalabo ababulawa* ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu, neyalabo ababengazange basikhulekele isilo sasendle noma isithombe saso futhi ababengalwamukelanga uphawu esiphongweni sabo* nasesandleni sabo. + Baphila futhi babusa njengamakhosi kanye noKristu + iminyaka engu-1 000.
5 (Bonke abanye abafile + abazange baphile yaze yaphela iminyaka engu-1 000.) Lolu wuvuko lokuqala. +
6 Uyajabula futhi ungcwele noma ubani onesabelo ovukweni lokuqala; + ukufa kwesibili + akunalo igunya phezu kwabo, + kodwa bayoba ngabapristi + bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka engu-1 000. +
7 Ngokushesha nje lapho isiphelile le minyaka engu-1 000, uSathane uyokhululwa aphume ejele lakhe,
8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini womane omhlaba, uGogi noMagogi, ukuze azibuthele ndawonye empini. Isibalo sazo singangesihlabathi solwandle.
9 Zasakazekela emhlabeni wonke zazungeza ikamu labangcwele nedolobha elithandekayo. Kodwa kwehla umlilo uvela ezulwini wazishisa waziqeda. +
10 UDeveli owayezidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kwase kukhona khona isilo sasendle + nomprofethi wamanga; + bayohlushwa* imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
11 Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe naLowo owayehlezi kuso. + Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, + indawo yako ayibange isatholakala.
12 Ngabona abafile, izikhulu nabantukazana, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa kwavulwa nomunye umqulu; umqulu wokuphila. + Abafile bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazibhalwe emiqulwini ngokwezenzo zabo. +
13 Ulwandle lwakhipha abafile ababekulo, nokufa neThuna* kwakhipha abafile ababekukho, bahlulelwa ngamunye ngokwezenzo zabo. +
14 Ukufa neThuna* kwaphonswa echibini lomlilo. + Lokhu kusho ukufa kwesibili, + ichibi lomlilo. +
15 Ngaphezu kwalokho, noma ubani ongatholakalanga ebhaliwe encwadini yokuphila + waphonswa echibini lomlilo. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama nombhw. wesA 6:9.
^ NgesiGreki, “ababulawa ngembazo.”
^ Noma, “ebunzini labo.”
^ Noma, “bayoboshwa.”
^ Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.