U-Isaya 16:1-14
-
Umyalezo ngoMowabi uyaqhubeka (1-14)
16 Thumelani inqama kumbusi wezwe,Isuke eSela inqamule ehlaneIye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.
2 Njengenyoni exoshwe esidlekeni sayo, +Kanjalo amadodakazi akwaMowabi ayoba semazibukweni ase-Arinoni. +
3 “Nikezani iseluleko, nikhiphe isinqumo.
Nikezani isivikelo emini bebade ngesithunzi esimnyama njengobusuku.
Bacashiseni abahlakazekile, ningabakhapheli labo ababalekayo.
4 Kwangathi abantu bami abahlakazekile bangahlala kuwe Mowabi.
Yiba yindawo yabo yokucasha ngenxa yomuntu ocekela phansi. +
Kuyophela ngomcindezeli,Ukucekela phansi kuyophela,Labo abanyathela abanye bayoshabalala emhlabeni.
5 Khona-ke isihlalo sobukhosi siyomiswa siqine ngothando oluqotho.
Lowo ohlala kuso etendeni likaDavide uyothembeka; +Uyokwahlulela ngobulungisa, asheshe ukwenza ukulunga.” +
6 Sizwile ngokuziqhenya kukaMowabi—uziphakamisa kakhulu +—Ukuqhosha kwakhe nokuziqhenya kwakhe nolaka lwakhe; +Kodwa izinkulumo zakhe ezingathi shu ziyoba yize.
7 UMowabi uyokhala ngenxa yenhlekelele emehlele;Bonke abakwaMowabi bayokhala kakhulu. +
Abashayiwe bayokhalela amakhekhe amagilebhisi omisiwe aseKhiri-haresethi. +
8 Ngoba amasimu aseHeshibhoni + abunile,Insimu yamagilebhisi yaseSibhima, +Ababusi bezizwe bawanyathelile amagatsha ayo abomvu;*Ayesefinyelela eJazeri; +Ayesefinyelela ehlane.
Amahlumela awo akhula aze afinyelela olwandle.
9 Yingakho ngizoyikhalela insimu yamagilebhisi yaseSibhima njengoba nje ngikhalela iJazeri.
Ngizokumanzisa ngezinyembezi zami, Heshibhoni nawe Eliyale, +Ngoba ukumemeza ngenxa yezithelo zakho zasehlobo nangesivuno sakho sekuphelile.*
10 Ukuthokoza nokujabula kususiwe engadini yezithelo,Azikho izingoma zokujabula noma ukumemeza emasimini amagilebhisi. +
Akukho wayini ezikhamweni zewayini umnyatheli alinyathelayo,Ngoba ngibangele ukuba ukumemeza kuphele. +
11 Yingakho inhliziyo yami ikhala ngoMowabi, +Njengokukhala kwehabhu,Nengaphakathi lami liyakhala ngeKhiri-haresethi. +
12 Ngisho noma uMowabi engazikhathaza endaweni ephakeme, aye kothandaza endlini yakhe engcwele, ngeke afeze lutho. +
13 Leli yizwi uJehova ayelikhulumile ngokuphathelene noMowabi.
14 Manje uJehova uthi: “Phakathi neminyaka emithathu, njengeminyaka yesisebenzi esiqashiwe,* inkazimulo kaMowabi iyohlazeka ngesiyaluyalu esikhulu salo lonke uhlobo, labo abasalayo bayoba mbalwa kakhulu, bangabi namandla.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “agcwele amagilebhisi abomvu.”
^ Noma kungaba, “Ngenxa yokuthi isililo sempi sehlele ezithelweni zakho zasehlobo nasesivunweni sakho.”
^ Noma, “emithathu ebalwa ngokucophelela njengoba isisebenzi esiqashiwe siyibala”; okuwukuthi, phakathi neminyaka emithathu ngokuqondile.