U-Isaya 2:1-22
2 Yilokhu u-Isaya indodana ka-Amozi akubona ngokuphathelene noJuda neJerusalema: +
2 Ezinsukwini zokugcina,*Intaba yendlu kaJehovaIyomiswa iqine ibe ngaphezu kweziqongo zezintaba, +Iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma,Zonke izizwe ziyothutheleka kuyo. +
3 Izizwe eziningi ziyohamba zithi:
“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova,Endlini kaNkulunkulu kaJakobe. +
Uzosifundisa izindlela zakhe,Sihambe ezindleleni zakhe.” +
Ngoba umthetho* uyophuma eZiyoni,Nezwi likaJehova eJerusalema. +
4 Uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizweAlungise izindaba ngokuqondene nabantu bezizwe eziningi.
Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamagejaNemikhonto yazo ibe ngocelemba. +
Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba,Ngeke zisayifunda impi. +
5 O nina ndlu kaJakobe, wozani,Masihambe ekukhanyeni kukaJehova. +
6 Nkulunkulu, ubashiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, +Ngoba balandela amasiko amaningi aseMpumalanga;Benza imilingo + njengamaFilisti,Phakathi kwabo kugcwele inzalo yabantu bezinye izizwe.
7 Izwe labo ligcwele isiliva negolide,Nengcebo yabo ayipheli.
Izwe labo ligcwele amahhashi,Nezinqola zabo ziningi. +
8 Izwe labo ligcwele onkulunkulu abangasizi ngalutho. +
Bakhothamela umsebenzi wezandla zabo,Lokho okwenziwe yiminwe yabo.
9 Umuntu uyakhothama, uyazehlisa,Ngeke neze ubaxolele.
10 Ngena edwaleni ucashe othuliniNgenxa yolaka lukaJehova olwesabekayoNokukhazimula kwakhe okukhulu. +
11 Amehlo azidlayo omuntu ayothotshiswa,*Nabantu abaqhoshayo bayothotshiswa.*
NguJehova kuphela oyophakanyiswa ngalolo suku.
12 Ngoba luwusuku lukaJehova wamabutho. +
Luyofikela wonke umuntu oqhoshayo noziphakamisayo,Luyofikela wonke umuntu, noma ngabe uphakeme noma uphansi, +
13 Luyofikela yonke imisedari yaseLebhanoni emide nephakemeNazo zonke izihlahla ze-oki zaseBhashani,
14 Zonke izintaba eziphakemeNawo wonke amagquma aphakeme,
15 Yonke imibhoshongo ephakeme nazo zonke izindonga eziqinile,
16 Yonke imikhumbi yaseTharishishi +Nazo zonke izikebhe ezinhle.
17 Umuntu oziqhenyayo uyothotshiswa,Nabantu abaqhoshayo bayothotshiswa.
NguJehova kuphela oyophakanyiswa ngalolo suku.
18 Onkulunkulu abangasizi ngalutho bayoshabalala ngokuphelele. +
19 Abantu bayongena emihumeni yamadwalaNasemigodini esemhlabathini, +Ngenxa yolaka lukaJehova olwesabekayoNokukhazimula kwakhe okukhulu, +Lapho ephakama ukuze athuthumelise umhlaba.
20 Ngalolo suku abantu bayothatha onkulunkulu babo besiliva nonkulunkulu babo begolide abangasizi ngaluthoAbazenzele bona ukuze babakhothameleBabaphonse kongoso* nasemalulwaneni, +
21 Ukuze bangene emigodini esemadwaleniNasemifantwini yamadwala,Ngenxa yolaka lukaJehova olwesabekayoNangenxa yokukhazimula kwakhe okukhulu,Lapho ephakama ukuze enze umhlaba uthuthumele.
22 Ngenxa yokuphila kwenu, yekani ukuthembela kumuntu,Owumoya nje osemakhaleni akhe.*
Uzonizuzisa ngani?
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Engxenyeni yokugcina yezinsuku.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Noma, “ayokwehliswa.”
^ Noma, “bayokhothama.”
^ Izilwane ezifana namagundane ezidla kakhulu.
^ Noma, “Omoya wakhe usemakhaleni akhe.”