U-Isaya 20:1-6
-
Isibonakaliso ngokumelene neGibhithe neTopiya (1-6)
20 Ngonyaka uSarigoni inkosi yase-Asiriya eyathuma ngawo uTharithani* e-Ashidodi, + walwa ne-Ashidodi walinqoba. +
2 Ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngo-Isaya + indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba, ukhumule indwangu yesaka okhalweni lwakho, ukhumule nezimbadada ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba-ze* engafake zicathulo.
3 UJehova wabe esethi: “Njengoba nje inceku yami u-Isaya ibihamba-ze futhi ingafake zicathulo iminyaka emithathu, njengesibonakaliso + nebika ngokumelene neGibhithe + neTopiya, +
4 kanjalo inkosi yase-Asiriya iyohola izithunjwa zaseGibhithe + nabadingisiwe baseTopiya, abafana kanye namakhehla, behamba-ze futhi bengafake zicathulo, izinqe zabo zihleli obala, ubunqunu beGibhithe.*
5 Bayokwesaba kakhulu futhi babe namahloni ngeTopiya ithemba labo nangeGibhithe abaziqhenya ngalo.*
6 Abakhe kuleli zwe elingasogwini bayothi ngalolo suku, ‘Bheka ukuthi kwenzekeni ngethemba lethu, esabalekela kulo ukuze sithole usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya! Sizophunyuka kanjani manje?’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umkhuzi webutho lempi.”
^ Noma, “egqoke izingubo zangaphansi kuphela.”
^ Noma, “ihlazo leGibhithe.”
^ Noma, “ababethanda ubuhle balo.”