U-Isaya 25:1-12
25 O Jehova, unguNkulunkulu wami.
Ngiyakuphakamisa, ngidumisa igama lakho,Ngoba wenze izinto ezimangalisayo, +Izinto owawuzihlosile* kusukela endulo, +Ngeqiniso nangokwethembeka. +
2 Ngoba wenze idolobha laba yinqwaba yamatshe,Idolobhana elinezivikelo eziqinile laba yincithakalo.
Umbhoshongo wezifiki awuselona idolobha;Ngeke uphinde wakhiwe kabusha.
3 Yingakho isizwe esinamandla siyokukhazimulisa;Idolobha lezizwe ezinonya liyokwesaba. +
4 Ngoba ube yisiphephelo kophansi,Isiphephelo kompofu ekucindezelekeni kwakhe, +Isiphephelo esiphephweni esinemvula,Umthunzi ekushiseni. +
Lapho ulaka lwabanonya lunjengesiphepho esinemvula esishaya odongeni,
5 Njengokushisa ezweni eliwugwadule,Uyawuthulisa umsindo wezihambi.
Njengokushisa okudanjiswa ithunzi lefu,Ingoma yabanonya iyathuliswa.
6 Kule ntaba + uJehova wamabutho uyokwenzela zonke izizweIdili lezibiliboco, +Idili lewayini elimnandi,*Idili lokudla okumnandi okunomnkantsha,Lewayini elimnandi, elihluziwe.
7 Kule ntaba uyosusa* umgubuzelo ogubuzele zonke izizwe,Nesembozo* eselukelwe phezu kwazo zonke izizwe.
8 Uyogwinya* ukufa kuze kube phakade, +INkosi EnguMbusi uJehova iyosula izinyembezi ebusweni babo bonke abantu. +
Iyosusa ihlazo labantu bayo kuwo wonke umhlaba,Ngoba uJehova ngokwakhe ukhulumile.
9 Ngalolo suku bayothi:
“Bheka! Lona nguNkulunkulu wethu! +
Sithembele kuye, +Uyosisindisa. +
Lona nguJehova!
Sithembele kuye.
Masijabule sithokoze ngensindiso yakhe.” +
10 Ngoba isandla sikaJehova siyohlala kule ntaba, +UMowabi uyonyathelwa endaweni yakhe +Njengotshani bunyathelwa buze bube umquba.
11 Uyokwelulela izandla zakhe kuye*Njengomuntu obhukudayo elula izandla zakhe ukuze abhukude,Uyokuthobisa ukuqhosha kwakhe +Ngokunyakaza kwezandla zakhe ngobuciko.
12 Uyolibhidliza idolobha elinezivikelo eziqinile,Nezindonga zakho* eziphakeme zokulondeka;Uyolidilizela phansi emhlabathini, othulini.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Izinjongo owawunazo.”
^ Noma, “lewayini eligcinwe enhleseni.”
^ Noma, “Neveyili.”
^ NgesiHebheru, “uyogwinya.”
^ Noma, “Uyoqeda.”
^ Okuwukuthi, uMowabi.
^ Ngokusobala kukhulunywa ngoMowabi.