U-Isaya 26:1-21
26 Ngalolo suku kuyohlatshelelwa le ngoma + ezweni lakwaJuda: +
“Sinedolobha eliqinile. +
Wenza* insindiso ibe yizindonga zalo nendunduma yenhlabathi yokuvikela. +
2 Vulani amasango, + ukuze kungene isizwe esilungile,Isizwe esithembekile.
3 Uyobaqapha labo abancika kuwe ngokuphelele;*Uyobanika ukuthula okuhlala njalo, +Ngoba bathembele kuwe. +
4 Thembelani kuJehova kuze kube phakade, +Ngoba uJah* uJehova uyiDwala laphakade. +
5 Ngoba ubathobisile labo abahlala endaweni ephakeme, edolobheni eliphakeme.
Uyalibhidliza,Ulehlisela emhlabeni;Uliwisela othulini.
6 Unyawo luyolinyathela,Izinyawo zabahluphekile, izinyathelo zabantu abaphansi.”
7 Indlela yolungile iqotho.*
Ngoba wena uqotho,Uyoyiqondisa indlela yolungile.
8 Njengoba silandela indlela yezahlulelo zakho Jehova,Sithembele kuwe.
Silangazelela igama lakho nalokho elikumelelayo.*
9 Ebusuku ngikulangazelela ngomphefumulo wami wonke,Yebo, umoya wami ulokhu ukufuna; +Ngoba lapho wahlulela umhlaba,Abahlala ezweni bafunda ukulunga. +
10 Ngisho noma omubi engaboniswa umusa,Ngeke akufunde ukulunga. +
Ngisho nasezweni lobuqotho uyokwenza okubi, +Ngeke akubone ukuphakama kukaJehova. +
11 O Jehova, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. +
Bazoyibona intshiseko onayo ngabantu bakho, bahlazeke.
Yebo, umlilo wakho uyozishisa uziqede izitha zakho.
12 O Jehova, uyosinika ukuthula, +Ngoba konke esikwenzileUkubusisile.
13 O Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi ngaphandle kwakho asibusile, +Kodwa sikhuluma ngegama lakho kuphela. +
14 Bafile; ngeke baphile.
Abanamandla ekufeni, ngeke bavuke. +
Ngoba ubahluleleUkuze ubaqothule kungabe kusakhulunywa ngabo.
15 Usandisile isizwe Jehova,Usandisile isizwe;Uzikhazimulisile. +
Uyinwebe kakhulu yonke imingcele yezwe. +
16 O Jehova, ngesikhathi sokucindezeleka baphendukele kuwe;Bathandaze ngokusuka enhliziyweni lapho ubayala. +
17 Njengoba nje owesifazane okhulelwe osezobelethaEnemihelo futhi ekhala ngenxa yezinhlungu,Nathi besinjalo ngenxa yakho Jehova.
18 Sakhulelwa, saba nemihelo,Kodwa kunjengokungathi sabeletha umoya.
Asililethelanga insindiso izwe,Akekho ozelwe ukuze ahlale ezweni.
19 UNkulunkulu uthi: “Abantu bakho abafile bayophila.
Izidumbu zabantu bami* ziyovuka. +
Phaphamani nimemeze ngenjabulo,Nina enihlala othulini! +
Ngoba amazolo akho anjengamazolo asekuseni,*Nomhlaba uyovumela labo abangenamandla ekufeni ukuba baphinde baphile.*
20 Hambani bantu bami, ngenani emakamelweni enu angaphakathi,Nivale iminyango ngemva kwenu. +
Zifihleni umzuzwanaKuze kudlule intukuthelo. *+
21 Ngoba, bheka! uJehova uyeza evela endaweni yakheUkuze ahlulele abahlala ezweni ngenxa yesiphambeko sabo,Izwe liyokuveza obala ukuchithwa kwegazi okukuloNgeke lisabafihla ababulewe balo.”
Imibhalo yaphansi
^ Ngokusobala kubhekiselwa kuNkulunkulu.
^ Noma kungaba, “abanokuthambekela okungenakunyakaziswa.”
^ Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “iqondile.”
^ Okuwukuthi, ukuba uNkulunkulu negama lakhe akhunjulwe, enziwe aziwe.
^ NgesiHebheru, “Isidumbu sami.”
^ Noma kungaba, “ezitshalo zasendle.”
^ Noma, “uyozala labo abangenamandla ekufeni.”
^ Noma, “isijeziso.”