U-Isaya 35:1-10
35 Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, +Ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni. *+
2 Liyoqhakaza nakanjani; +Liyothokoza limemeze ngenjabulo.
Liyonikwa inkazimulo yeLebhanoni, +Ubukhazikhazi beKarmeli + nobeSharoni. +
Bayobona inkazimulo kaJehova, ubukhazikhazi bukaNkulunkulu wethu.
3 Qinisani izandla ezibuthakathaka,Niqinise amadolo axegayo. +
4 Thanini kulabo abakhathazekile:*
“Qinani. Ningesabi.
Bhekani! UNkulunkulu wenu uyoza ezophindisela,UNkulunkulu uyoza ezokhipha isijeziso. +
Uyofika anisindise.” +
5 Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, +Nezindlebe zabayizithulu* ziyovulwa. +
6 Ngaleso sikhathi olunyonga uyogxumagxuma njengenyamazane, +Nolimi loyisimungulu luyomemeza ngenjabulo. +
Ngoba kuyoqhuma amanzi ehlane,Kube nemifudlana ethafeni eliwugwadule.
7 Umhlabathi owomiswe ukushisa uyoba yichibi elinomhlanga,Nomhlabathi owomile ube njengeziphethu zamanzi. +
Endaweni okuhlala kuyo izimpungushe, +Kuyoba khona utshani obuluhlaza nemihlanga nezitshalo zebungu.
8 Kuyoba khona umgwaqo omkhulu lapho, +Yebo indlela ebizwa ngokuthi iNdlela Yobungcwele.
Ongahlanzekile ngeke ahambe kuyo. +
Igcinelwe lowo onegunya lokuhamba kule ndlela,Akekho oyisiwula oyodukela kuyo.
9 Akukho bhubesi eliyoba lapho,Akukho zilwane zasendle eziyingozi eziyoza kuyo.
Ngeke zitholakale lapho; +Abahlengiwe kuphela abayohamba lapho. +
10 Labo abakhululwe nguJehova bayobuya + beze eZiyoni bememeza ngenjabulo. +
Injabulo engapheli iyoba ngumqhele emakhanda abo. +
Bayogcwala intokozo nenjabulo,Usizi nokububula kuyobaleka. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “njengembali.”
^ Noma, “abakhathazekile enhliziyweni.”
^ Abantu abangezwa ezindlebeni.