U-Isaya 41:1-29
41 “Thulani ningilalele* nina ziqhingi;Izizwe mazithole amandla kabusha.
Mazisondele; nizivumele zikhulume. +
Masihlangane ndawonye ngenjongo yokwahlulela.
2 Ngubani ovuse othile empumalanga, +Owambiza ngokulunga ukuba eze ezinyaweni zaKhe,*Ukuze anikele izizwe kuye,Amenze anqobe amakhosi? +
Ngubani ozenza zibe uthuli phambi kwenkemba yakhe,Njengezinhlanga ezipheshulwa umoya phambi komnsalo wakhe?
3 Uyazijaha, adlule ngokuthulaEzindleleni angakaze alubhade kuzo.
4 Ngubani othathe isinyathelo wenza lokhu,Obize izizukulwane kusukela ekuqaleni?
Mina Jehova, ngingowokuQala; +Nakwabokugcina ngingofanayo.” +
5 Iziqhingi zikubonile lokhu zesaba.
Imikhawulo yomhlaba yaqala ukuthuthumela.
Izizwe zibuthana ndawonye ziyasondela.
6 Yilowo nalowo usiza umngane wakheUthi kumfowabo: “Yiba nesibindi.”
7 Ngakho ingcweti iqinisa osebenza ngensimbi; +Oqondisa ngesando sokukhandaUqinisa oshaya ngesando ensimbini okukhandelwa kuyo.
Uthi ngokushiselwe ngomthofu: “Kuhle.”
Isithombe sibe sesiqiniswa ngezipikili ukuze singawi.
8 “Kodwa wena Israyeli, uyinceku yami, +Wena Jakobe, nceku yami engiyikhethile, +Nzalo* ka-Abrahama umngane wami, +
9 Wena engakuthatha emikhawulweni yomhlaba, +Wena engakubiza emajukujukwini awo.
Ngathi kuwe, ‘Uyinceku yami; +Ngikukhethile; angizange ngikulahle. +
10 Ungesabi ngoba nginawe. +
Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. +
Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, +Impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.’
11 Bheka! Bonke abakuthukuthelelayo bayohlazeka balulazeke. +
Labo abalwa nawe bayokwenziwa ize bashabalale. +
12 Uyobafuna abantu abalwa nawe, kodwa ngeke ubathole;Abantu abalwa nawe bayoba njengento engekho nanjengeze. +
13 Ngoba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla,Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’ +
14 Ungesabi, wena sibungu* esinguJakobe, +Nina madoda akwa-Israyeli, ngizokusiza,” kusho uJehova, uMhlengi wakho, + oNgcwele ka-Israyeli.
15 “Bheka! Ngikwenze waba yisihlibhi sokubhula, +Isibhulo esisha esinamazinyo asika nhlangothi zombili.
Uyonyathela izintaba uzicolisiseWenze amagquma abe njengamakhoba.
16 Uyozihlunga,Umoya uyoziphephula;Isivunguvungu sizihlakaze.
Wena uyojabula ngoJehova, +Uyoziqhayisa ngoNgcwele ka-Israyeli.” +
17 “Abahluphekayo nabampofu bafuna amanzi, kodwa awekho.
Ulimi lwabo lomile ngenxa yokoma. +
Mina Jehova, ngizobaphendula. +
Mina, Nkulunkulu ka-Israyeli, ngeke ngibashiye. +
18 Ngizokwenza imifula igobhoze emagqumeni angenalutho +Neziphethu emathafeni asezigodini. +
Ngizokwenza ihlane libe yichibi lamanzi elinomhlangaNezwe elingenamanzi libe yiziphethu zamanzi. +
19 Ehlane ngizotshala isihlahla somsedari,Isihlahla somtholo nesombomvana nesihlahla sikaphayini. +
Ethafeni eliwugwadule ngizotshala isihlahla somjunipha,Kanye nesihlahla somthidari nesomsayipuresi, +
20 Ukuze bonke abantu babone futhi baziBanake futhi baqondeUkuthi yisandla sikaJehova esikwenzile lokhu,ONgcwele ka-Israyeli ukudalile.” +
21 “Lethani udaba lwenu,” kusho uJehova.
“Vezani izizathu zenu,” kusho iNkosi kaJakobe.
22 “Vezani ubufakazi nisitshele nezinto ezizokwenzeka.
Sitsheleni ngezinto zesikhathi esidlule,*Ukuze sicabange ngazo* futhi sazi ikusasa lazo.
Noma sitsheleni ngezinto ezizayo. +
23 Sitsheleni ngezinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo,Ukuze sazi ukuthi ningonkulunkulu. +
Yebo, yenzani okuthile, okuhle noma okubi,Ukuze simangale lapho sikubona. +
24 Bhekani! Niyinto engekho,Enikufezile akulutho. +
Noma ubani onikhethayo uyinto enengekayo. +
25 Ngivuse othile enyakatho futhi uzofika, +Othile ovela empumalanga + oyobiza igama lami.
Uzonyathela ababusi* njengokungathi bawubumba, +Njengombumbi onyathela ubumba olumanzi.
26 Ubani owakhuluma ngalokhu kusukela ekuqaleni, ukuze sazi,Noma ezikhathini ezidlule, ukuze sithi, ‘Uqinisile’? +
Ngempela akekho owakumemezela!
Akekho owakusho!
Akukho muntu owezwa okuthile kini!” +
27 Ngaba owokuqala owathi kulo iZiyoni: “Bheka! Naba!” +
NaseJerusalema ngizothumela isithunywa sezindaba ezinhle. +
28 Kodwa ngaqhubeka ngibhekile, kwakungekho muntu;Kwakungekho noyedwa phakathi kwabo onganikeza iseluleko.
Ngangilokhu ngibacela ukuba baphendule.
29 Bheka! Bonke bayinto engekho.
Imisebenzi yabo iyize.
Izithombe zabo zensimbi* ziwumoya nento engekho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Thulani phambi kwami.”
^ Okuwukuthi, ukuze amkhonze.
^ NgesiHebheru, “Mbewu.”
^ Okuwukuthi, akakwazi ukuzivikela futhi uphansi.
^ NgesiHebheru, “zokuqala.”
^ Noma, “sizifake ezinhliziyweni.”
^ Noma, “ababusi abangamasekela.”
^ Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”