U-Isaya 45:1-25
45 Yilokhu uJehova akushoyo kogcotshiwe wakhe, kuKoresi, +Abambe isandla sakhe sokudla, +Ukuze anqobe izizwe phambi kwakhe, +Aphuce amakhosi izikhali,*Avule iminyango enezicabha ezimbili phambi kwakhe,Ukuze amasango angavalwa:
2 “Ngizohamba phambi kwakho, +Ngihlelembe amagquma.
Ngizophula izicabha zethusi zibe yizicucu,Nginqamule nemigoqo* yensimbi. +
3 Ngizokunika ingcebo esebumnyameniNengcebo efihlwe ezindaweni ezisekusithekeni, +Ukuze wazi ukuthi nginguJehova,UNkulunkulu ka-Israyeli, okubiza ngegama lakho. +
4 Ngenxa yenceku yami uJakobe nangenxa ka-Israyeli okhethiwe wami,Ngikubiza ngegama lakho.
Ngikunika igama lodumo, nakuba ubungangazi.
5 NginguJehova, akekho omunye.
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami. +
Ngizokuqinisa* nakuba ubungangazi,
6 Ukuze abantu baziKusukela empumalanga kuya entshonalangaUkuthi akekho omunye ngaphandle kwami. +
NginguJehova, akekho omunye. +
7 Ngenza ukukhanya + ngidale nobumnyama, +Ngenza ukuthula + ngidale nenhlekelele; +Mina Jehova, ngenza zonke lezi zinto.
8 Nina mazulu, yehlisani ukulunga kuvela phezulu; +Amafu mawaconse ukulunga.
Umhlaba mawuvuleke uthele insindiso,Mawubangele ukuba kumile ukulunga ngasikhathi sinye. +
Mina Jehova, ngikudalile.”
9 Maye kulowo ophikisana* noMenzi* wakhe,Ngoba uwudengezi lobumba njePhakathi kwezinye izindengezi ezisemhlabathini!
Kufanele yini ubumba luthi kuMbumbi: “Yini oyenzayo?” +
Noma lokho okwenzile kuthi: “Akanazandla”?*
10 Maye kulowo othi kuyise: “Yini le oyizalayo?”
Nakowesifazane: “Yini le oyibelethayo?”*
11 Yilokhu uJehova akushoyo, oNgcwele ka-Israyeli, + Lowo owambumba:
“Ungangibuza yini ngezinto ezizayoUngiyale ngamadodana ami + nangemisebenzi yezandla zami?
12 Ngenza umhlaba + ngadala nomuntu okuwo. +
Ngelula amazulu ngezandla zami, +Nginika lonke ibutho lawo iziqondiso.” +
13 “Ngivuse umuntu ngokulunga, +Ngizoqondisa zonke izindlela zakhe.
Nguye oyokwakha idolobha lami +Akhulule abantu bami abadingisiwe + ngaphandle kwenkokhiso noma kwesifumbathiso,” + kusho uJehova wamabutho.
14 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Inzuzo* yaseGibhithe nokuthengiswayo* kwaseTopiya namaSabheya, abantu abade,Bayoza kuwe babe ngabakho.
Bayohamba ngemva kwakho beboshwe ngamaketanga.
Bayofika bakukhothamele. +
Bayothandaza kuwe bathi, ‘Impela uNkulunkulu unawe, +Akekho omunye; akekho omunye uNkulunkulu.’ ”
15 Impela wena unguNkulunkulu ozifihlayo,Nkulunkulu ka-Israyeli, Msindisi. +
16 Bayoba namahloni bahlazeke bonke ngothi lwabo;Bonke abenzi bezithixo bayohamba belulazekile. +
17 Kodwa uJehova uyomsindisa u-Israyeli ngensindiso yaphakade. +
Nina ngeke nibe namahloni noma nihlazeke phakade. +
18 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo,UMdali wamazulu, + uNkulunkulu weqiniso,UMbumbi womhlaba noMenzi wawo, owawumisa waqina, +Ongawudalelanga ize* kodwa owawubumba ukuze kuhlalwe kuwo: +
“NginguJehova, akekho omunye.
19 Angizange ngikhulume ngisendaweni yokucasha, + ezweni lobumnyama;Angizange ngithi enzalweni* kaJakobe,‘Ngifuneni kodwa imizamo yenu iyoba yize.’*
NginguJehova, okhuluma okulungile, omemezela okuqotho. +
20 Buthanani nize.
Sondelani nonke, nina abaphunyukile abavela ezizweni. +
Abazi lutho, labo abahamba bephethe izithombe ezibaziweAbathandaza kunkulunkulu ongeke akwazi ukubasindisa. +
21 Lethani umbiko wenu nodaba lwenu.
Mababonisane ndawonye ngobunye.
Ngubani owakubikezela lokhu kusukela kudalaNowakumemezela esikhathini esidlule?
Akumina yini, uJehova?
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami;UNkulunkulu olungile noMsindisi, + akekho omunye ngaphandle kwami. +
22 Phendukelani kimi nisindiswe, + nonke nina mikhawulo yomhlaba,Ngoba nginguNkulunkulu, akekho omunye. +
23 Ngizifunge mina;Izwi liphume ngokulunga emlonyeni wami,Liyogcwaliseka nakanjani: +
Wonke amadolo ayoguqa kimi,Wonke umuntu uyofunga ukuthi uzoba qotho kimi +
24 Athi, ‘Ngokuqinisekile kuJehova kukhona ukulunga kweqiniso namandla.
Bonke abamthukuthelele bayoza phambi kwakhe benamahloni.
25 Yonke inzalo* ka-Israyeli iyoba ngelungile kuJehova, +Iyoziqhayisa ngaye.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Akhumule izinkalo zamakhosi.”
^ Izinsimbi zokuvala isango.
^ NgesiHebheru, “Ngizokubhincisa.”
^ Noma, “oqophisana.”
^ Noma, “noMbumbi.”
^ Noma kungaba, “Noma kufanele yini ubumba luthi: ‘Umsebenzi wakho awunazibambo’?”
^ Noma, “Yini le osikwa ngenxa yayo.”
^ Noma kungaba, “Izisebenzi.”
^ Noma kungaba, “nabathengisi.”
^ Noma kungaba, “ukuba ungabi nalutho.”
^ NgesiHebheru, “embewini.”
^ Noma, “kodwa ngeke ningithole.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”