U-Isaya 49:1-26
49 Ngilaleleni nina ziqhingi,Nakani, nina zizwe ezikude. +
UJehova ungibize ngingakazalwa. *+
Ukhulume ngegama lami ngisesesibelethweni sikamama.
2 Wenza umlomo wami waba njengenkemba ebukhali;Ungifihle ethunzini lesandla sakhe. +
Wangenza ngaba umcibisholo ololiwe;Wangifihla emgodleni wakhe wemicibisholo.
3 Wathi kimi: “Uyinceku yami Israyeli, +Engizobonisa ngayo ubuhle bami.” +
4 Kodwa ngathi: “Ngikhandlekele ize.
Amandla ami ngiwasebenzisele ize, into engekho.
Impela, Lowo ongahlulelayo nguJehova,*Nenkokhelo yami* ivela kuNkulunkulu wami.” +
5 Manje uJehova, Lowo owangibumba kwasesibelethweni njengenceku yakhe,Uthe mangibuyisele uJakobe kuye,Ukuze u-Israyeli abuthelwe kuye. +
Ngizokhazinyuliswa emehlweni kaJehova,UNkulunkulu wami uyobe esebe ngamandla ami.
6 Wathi: “Akwanele ukuba ube yinceku yamiUkuze uvuse izizwe zikaJakobeNokuba ubuyise ababelondiwe baka-Israyeli.
Ngikwenze waba ngukukhanya kwezizwe, +Ukuze insindiso yami ifinyelele emaphethelweni omhlaba.” +
7 Yilokhu uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, oNgcwele wakhe, + akushoyo kulowo odelelekile, + kulowo onyanywa yisizwe, encekwini yababusi:
“Amakhosi ayobona asukume,Nezikhulu ziyokhothamaNgenxa kaJehova, othembekile, +ONgcwele ka-Israyeli, okukhethile.” +
8 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngesikhathi sokubonisa kwami umusa* ngakuphendula, +Ngosuku lwensindiso ngakusiza; +Ngaqhubeka ngikulonda ukuze ngikwenze ube yisivumelwano kubantu, +Ukuze ngilakhe kabusha izwe,Ngibangele ukuba badle amafa abo ayincithakalo, +
9 Ukuba ngithi eziboshweni, ‘Phumani!’ +
Nakulabo abasebumnyameni, + ‘Velani!’
Bazodla ngasezindleleni,Amadlelo abo ayoba ngasezindleleni ezibhudulekile.*
10 Ngeke balambe noma bome, +Nokushisa okuhangulayo nelanga ngeke kubahlabe. +
Ngoba Lowo obahawukelayo uyobahola, +Uyobaholela ngaseziphethwini zamanzi. +
11 Ngiyokwenza zonke izintaba zami zibe wumgwaqo,Imigwaqo yami emikhulu iyophakama. +
12 Bheka! Laba bavela kude, +Bheka! laba bavela enyakatho nasentshonalanga,Laba bona bavela ezweni laseSinimi.” +
13 Memezani ngenjabulo, nina mazulu, ujabule, wena mhlaba. +
Izintaba mazithokoze zimemeze ngenjabulo. +
Ngoba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, +Ubabonisa isihe abantu bakhe abahluphekile. +
14 Kodwa iZiyoni lalilokhu lithi:
“UJehova ungishiyile, + uJehova ungikhohliwe.” +
15 Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancelaNoma angayizweli indodana yesibeletho sakhe?
Ngisho noma laba besifazane bangakhohlwa, mina ngeke ngikukhohlwe. +
16 Bheka! Ngikuqophe ezintendeni zezandla zami.
Izindonga zakho zihlale ziphambi kwami.
17 Amadodana akho abuyela emuva ngokushesha.
Labo abakudilizayo nabakubhuqayo bayosuka kuwe.
18 Phakamisa amehlo ubheke nxazonke.
Baqoqana ndawonye. +
Beza kuwe.
“Ngizifunga mina,”* kusho uJehova,“Uyobagqoka bonke njengokungathi ugqoka imihlobiso,Uyobabophela kuwe njengoba kwenza umakoti.
19 Nakuba izindawo zakho zazibhuqiwe ziyincithakalo nezwe lakho liyincithakalo, +Manje kuyominyana kakhulu kulabo abahlala khona, +Labo abakugwinya + bayoba kude. +
20 Amadodana azalwe ngesikhathi sokufelwa kwakho ayothi,‘Sesiminyene kakhulu kule ndawo ukuba sihlale kuyo.
Sivulele indawo ukuze sihlale lapha.’ +
21 Uyothi enhliziyweni yakho,‘Ngubani uyise walaba,Njengoba ngingowesifazane ofelwe abantwana noyinyumba,Odingisiwe nothathwe njengesiboshwa?
Ngubani okhulise laba? +
Bheka! Ngangishiywe ngedwa, +Pho laba bavelaphi?’ ” +
22 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Bheka! Ngizophakamisela isandla sami ezizweni,Ngizophakamisela izizwe isibonakaliso* sami. +
Ziyoletha amadodana akho ziwathwele ngezingalo* zazoZithwale amadodakazi akho emahlombe azo. +
23 Amakhosi ayoba ngabanakekeli bakho, +Namakhosazana awo abe ngabancelisi bakho.
Bayokukhothamela ubuso babo bubheke phansi +Bayokhotha uthuli lwezinyawo zakho, +Uyokwazi ukuthi nginguJehova;Labo abathembela kimi ngeke bahlazeke.” +
24 Labo asebethunjiwe bangathathwa yini endodeni enamandla,Noma zingakhululwa yini izithunjwa zikamashiqela?
25 Kodwa yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngisho nezithunjwa zendoda enamandla ziyothathwa, +Nalabo abathunjwe ngumashiqela bayokhululwa. +
Ngiyolwa nabalwa nawe, +Amadodana akho ngiyowasindisa.
26 Abakuhlukumezayo ngiyobenza badle inyama yabo siqu,Bayodakwa yigazi labo njengokungathi badakwe yiwayini elimnandi.
Bonke abantu bayokwazi ukuthi mina, nginguJehova, +UMsindisi wakho + noMhlengi wakho, +OnaMandla kaJakobe.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ngisesesibelethweni.”
^ Noma, “uJehova uyongibonisa ubulungisa.”
^ Noma, “Nomvuzo wami.”
^ Noma, “sokuthakazelelwa.”
^ Noma kungaba, “ngasemagqumeni aqothukile.”
^ NgesiHebheru, “Kuphila kwami.”
^ NgesiHebheru, “esifubeni.”
^ Noma, “isigxobo esiwuphawu.”