U-Isaya 54:1-17
54 “Memeza ngenjabulo, wena wesifazane oyinyumba! +
Thokoza umemeze ngenjabulo, + wena ongakaze uzizwe izinhlungu zokubeletha, +Ngoba abantwana* bowesifazane olahliwe baningi kakhuluKunabantwana bonomyeni,” + kusho uJehova.
2 “Yenza indawo yetende lakho ibe banzi. +
Yelula izindwangu zetende zetabernakele lakho elikhulu.
Ungazigodli, yelula izintambo zetende lakho,Qinisa izikhonkwane zetende lakho. +
3 Ngoba uyosabalala ngakwesokudla nangakwesobunxele.
Inzalo yakho iyodla ifa lezizwe,Iyohlala emadolobheni ayincithakalo. +
4 Ungesabi + ngoba ngeke uhlazeke; +Ungazizwa ululazekile, ngoba ngeke udumazeke.
Uyolikhohlwa ihlazo lesikhathi sobusha bakho,Nehlazo lobufelokazi bakho ngeke usalikhumbula.”
5 “Ngoba uMenzi + wakho Omkhulu unjengomyeni wakho, +NguJehova wamabutho igama lakhe,ONgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho. +
Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu wawo wonke umhlaba. +
6 UJehova wakubiza njengokungathi ubuyinkosikazi elahliwe nesosizini, *+Njengenkosikazi eyashada isencane ngemva kwalokho yaliwa,” kusho uNkulunkulu wakho.
7 “Ngakushiya umzuzwana,Kodwa ngizokubuyisa ngesihe esikhulu. +
8 Ngentukuthelo enkulu ngakufihlela ubuso bami umzuzwana, +Kodwa ngothando oluqotho oluhlala njalo, ngizoba nesihe kuwe,” + kusho uMhlengi wakho, + uJehova.
9 “Lokhu kunjengasezinsukwini zikaNowa kimi. +
Njengoba ngafunga ukuthi amanzi kaNowa ngeke esawumboza umhlaba, +Kanjalo ngiyafunga ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela noma ngikusole. +
10 Izintaba zingasuswaNamagquma angazanyazanyiswa,Kodwa uthando lwami oluqotho ngeke lususwe kuwe, +Nesivumelwano sami sokuthula ngeke sinyakaziswe,” + kusho uJehova, Lowo okubonisa isihe. +
11 “O wena wesifazane ohluphekayo, + ohlukunyeziwe nongaduduzwa, +Ngibeka amatshe akho ngodakaNesisekelo sakho ngamasafire. +
12 Ngiyokwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,Amasango akho ngamatshe abenyezelayo,*Nayo yonke imingcele yakho ngamatshe ayigugu.
13 Bonke abantwana* bakho bayofundiswa uJehova, +Nokuthula kwabantwana* bakho kuyochichima. +
14 Uyomiswa uqine ngokulunga. +
Uyoba kude nokucindezelwa, +Ngeke wesabe noma wethuswe yilutho,Ngoba ngeke kusondele kuwe. +
15 Uma kwenzeka kuba khona okuhlaselayo,Uyobe engayalwanga yimi.
Noma ubani okuhlaselayo uyomnqoba.” +
16 “Bheka! Mina ngidale ingcweti,Evuthela umlilo wamalahle,Umsebenzi wayo uwukwakha isikhali.
Mina uqobo ngidale nomuntu oqothulayo ukuze acekele phansi. +
17 Asikho isikhali esenzelwe ukulwa nawe esiyoke siphumelele, +Uyolahla noma yiluphi ulimi olukumangalelayo.
Leli yifa lezinceku zikaJehova,Ukulunga kwazo kuvela kimi,” kusho uJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “amadodana.”
^ NgesiHebheru, “nezwiswe ubuhlungu emoyeni.”
^ Noma, “ngawamatshe omlilo.”
^ Noma, “kwamadodana.”
^ Noma, “Wonke amadodana.”