U-Isaya 55:1-13
55 Wozani nina nonke enomile, + wozani nizokha amanzi! +
Nina eningenamali, wozani nithathe* nidle!
Yebo, wozani nithathe iwayini nobisi + ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo. +
2 Kungani niqhubeka nikhokha imali ngalokho okungesona isinkwa,Kungani nichitha imali yenu* entweni enganelisi?
Ngilalelisiseni, nidle okuhle, +Niyothola injabulo enkulu kulokho okucebe ngempela. *+
3 Lalelani nize kimi. +
Lalelani, nizoqhubeka niphila,Ngizokwenza nani ngokushesha isivumelwano esihlala njalo +Ngokuvumelana nothando oluqotho engaluthembisa uDavide, lesi sithembiso siqinisekile. +
4 Bheka! Ngimenze ufakazi + ezizweni,Umholi + nombusi + ezizweni.
5 Bheka! Uyobiza isizwe ongasazi,Nalabo besizwe abangakwazi bayogijimela kuweNgenxa kaJehova uNkulunkulu wakho, + oNgcwele ka-Israyeli,Ngoba uyokukhazimulisa. +
6 Funani uJehova esatholakala. +
Mbizeni eseseduze. +
7 Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, +Nomuntu ongalungile imicabango yakhe;Makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, +KuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela. *+
8 “Ngoba imicabango yami akuyona imicabango yenu, +Nezindlela zenu akuzona izindlela zami,” kusho uJehova.
9 “Njengoba nje amazulu ephakeme kunomhlaba,Kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,Nemicabango yami iphakeme kunemicabango yenu. +
10 Njengoba nje imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwiniKungabuyeli lapho kungazange kuwumatise umhlaba kuwenze ukhiqize futhi uhlume,Otshalayo athole imbewu, nodlayo isinkwa,
11 Liyoba njalo nezwi eliphuma emlonyeni wami. +
Ngeke libuyele kimi lingafezanga lutho, +Kodwa nakanjani liyofeza noma yini eyintando yami, *+Nakanjani liyophumelela kulokho engilithumele kona.
12 Ngoba niyophuma ngokujabula, +Nibuye ngokuthula. +
Izintaba namagquma kuyokwenama phambi kwenu ngokumemeza kwenjabulo, +Zonke izihlahla zasendle ziyoshaya ihlombe. +
13 Esikhundleni sezihlahla zameva kuyomila izihlahla zomjunipha, +Esikhundleni sembabazane kuyomila umbomvana.
Kuyonika uJehova udumo, *+Isibonakaliso saphakade esingasoze sashabalala.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “nithenge.”
^ Noma, “yenu eniyisebenzele kanzima.”
^ NgesiHebheru, “enkulu ngokukhuluphala.”
^ Noma, “uyomthethelela ngokukhululekile.”
^ Noma, “engiyijabulelayo.”
^ Noma, “Kuyomenzela igama uJehova.”