U-Isaya 60:1-22
60 “Vuka wena wesifazane, + khanyisa ngoba ukukhanya kwakho kufikile.
Inkazimulo kaJehova iyakhanya phezu kwakho. +
2 Ngoba bheka, ubumnyama buyomboza umhlabaNobumnyama obukhulu bumboze izizwe;Kodwa uJehova uyokhanya phezu kwakho,Inkazimulo yakhe iyobonakala kuwe.
3 Izizwe ziyoza ekukhanyeni kwakho +Namakhosi + eze enkazimulweni yakho ekhanyayo. *+
4 Phakamisa amehlo akho uqalaze nxazonke!
Bonke baqoqene; beza kuwe.
Amadodana akho alokhu eza evela kude, +Namadodakazi akho abelethwe emhlane. +
5 Ngaleso sikhathi uyobona uqhakaze, +Inhliziyo yakho iyothokoza igcwale injabulo,Ngoba ingcebo yasolwandle iyoqondiswa kuwe;Umnotho wezizwe uyoza kuwe. +
6 Amakamela amaningi ayomboza izwe lakho,*Amakamela angamaduna asemancane akwaMidiyani nawase-Efa. +
Bonke abantu baseSheba—bayofika;Bayobe bethwele igolide nempepho.
Bayomdumisa obala uJehova. +
7 Yonke imihlambi yaseKhedari + iyoqoqanela kuwe.
Izinqama zaseNebhayoti + ziyokukhonza.
Ziyoza e-altare lami zamukeleke, +Ngiyoyenza ibe yinhle indlu yami ekhazimulayo. *+
8 Obani laba abeza bendiza njengamafu,Njengamajuba eya ezidlekeni zawo?
9 Iziqhingi ziyothembela kimi; +Imikhumbi yaseTharishishi ihamba phambili,*Iletha amadodana akho evela kude, +Kanye nesiliva negolide lawo,Egameni likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli,Ngoba uyokukhazimulisa. *+
10 Abezinye izizwe bayokwakha izindonga zakho,Namakhosi abo akukhonze, +Ngoba ngakushaya ngithukuthele,Kodwa ngomusa wami ngiyokubonisa isihe. +
11 Amasango akho ayohlala evulekile; +Ngeke avalwe emini noma ebusuku,Ukuze akungenisele umnotho wezizwe,Amakhosi azo ayobe ehola. +
12 Ngoba noma yisiphi isizwe nanoma yimuphi umbuso ongeke ukukhonze uyoshabalala,Nezizwe ziyobhuqwa ngokuphelele. +
13 Inkazimulo yeLebhanoni iyoza kuwe, +Isihlahla somjunipha, esomthidari nesomsayipuresi kanye kanye, +Ukuze kuyenze ibe yinhle indawo yami engcwele;Ngizoyikhazimulisa indawo yezinyawo zami. +
14 Amadodana alabo ababekucindezela ayoza akhothame phambi kwakho;Bonke abakudelelayo kumelwe bakhothame ezinyaweni zakho,Kuyodingeka bakubize ngokuthi uyidolobha likaJehova,IZiyoni loNgcwele ka-Israyeli. +
15 Esikhundleni sokuba ube ngoshiyiwe nozondwayo, kungekho muntu odabula kuwe, +Ngiyokwenza ube yinto edunyiswa abantu kuze kube phakade,Imbangela yokujabula kuzo zonke izizukulwane. +
16 Empeleni uyoncela ubisi lwezizwe, +Uyoncela ibele lamakhosi; +Nakanjani uyokwazi ukuthi mina Jehova, nginguMsindisi wakho,Nokuthi onaMandla kaJakobe unguMhlengi wakho. +
17 Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide,Esikhundleni sensimbi ngiyoletha isiliva,Esikhundleni sokhuni, ithusi,Esikhundleni samatshe, insimbi;Ngiyomisa ukuthula kube ababonisi bakhoNokulunga kube ngabakwabela umsebenzi. +
18 Ngeke buphinde buzwakale ubudlova ezweni lakhoNoma ukucekela phansi nokubhidliza ngaphakathi kwemingcele yakho. +
Uyobiza izindonga zakho ngokuthi iNsindiso + namasango akho ngokuthi iNdumiso.
19 Ilanga ngeke lisakukhanyisela emini,Nenyanga ngeke isakukhanyisela,Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +UNkulunkulu wakho uyoba udumo lwakho. +
20 Ilanga lakho ngeke lisashona,Nenyanga yakho ngeke isanyamalala,Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +Nezinsuku zakho zokulila ziyobe seziphelile. +
21 Bonke abantu bakho bayoba abalungile;Izwe liyoba ngelabo kuze kube phakade.
Bayihlumela engilitshalile,Umsebenzi wezandla zami, + ukuze ngidunyiswe. +
22 Omncane uyoba yinkulungwaneUmuntukazana abe yisizwe esinamandla.
Mina Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ekukhanyeni kwakho kokusa.”
^ NgesiHebheru, “amaningi ayokumboza.”
^ Noma, “yobuhle.”
^ Noma, “uyokwenza ube muhle.”
^ Noma, “injengasekuqaleni.”