IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:1-17
2 “Ngiyimbali nje yasendle* yasethafeni elingasogwini,Imbali evamile* yasezigodini.” +
2 “Njengembali phakathi kwamevaSinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.”
3 “Njengesihlahla sama-apula phakathi kwezihlahla zehlathi,Sinjalo isithandwa sami phakathi kwezinsizwa.
Ngifisa kakhulu ukuhlala emthunzini waso,Isithelo saso simnandi kimi.
4 Sangingenisa endlini yedili,*Bonke babebona ukuthi siyangithanda.
5 Nginikeni amakhekhe enziwe ngamagilebhisi omisiwe ukuze ngiqabuleke; +Ngipheni ama-apula ngidle,Ngoba ngiyafa uthando.
6 Isandla saso sobunxele singaphansi kwekhanda lami,Isandla saso sokudla singibambile. +
7 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema,Ngobuhle bezinyamazane + nobezinyamazane zezinsikazi zasendle:
Ningazami ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona. +
8 Ngiyasizwa isithandwa sami njengoba siza!
Nasi siza,Siqombola izintaba, sigxumagxuma emagqumeni.
9 Isithandwa sami sifana nenyamazane, inyamazane encane. +
Nasiya, simi ngemva kodonga,Silunguza ngamafasitela,Sibuka ngamafasitela.
10 Isithandwa sami sithi kimi:
‘Vuka mntakwethu,Hamba nami, simomondiya sami.
11 Bheka! Ubusika* budlulile.
Izimvula azisekho.
12 Kuvele izimbali ezweni, +Isikhathi sokuthena izihlahla zamagilebhisi sesifikile, +Nengoma yehobhe izwakele ezweni lakithi. +
13 Esihlahleni somkhiwane amakhiwane amile kuqala asevuthiwe; +Izihlahla zamagilebhisi ziyaqhakaza zikhipha iphunga elimnandi.
Vuka sthandwa sami, woza.
Simomondiya sami, woza sihambe.
14 O juba lami, emiphemeni yedwala, +Ezindaweni ezicashile eziseweni,Ngivumele ngikubone ngizwe nephimbo lakho, +Ngoba iphimbo lakho limtoti futhi umuhle.’ ” +
15 “Sibambeleni izimpungushe,Izimpungushe ezincane ezonakalisa amasimu amagilebhisi,Ngoba amasimu ethu amagilebhisi aseqhakazile.”
16 “Isithandwa sami singesami nami ngingowaso. +
Seluse + phakathi kwezimbali. +
17 Kuze kube yilapho sekuheleza umoya nethunzi lingasekho,Phenduka ngokushesha sithandwa sami,Njengenyamazane + noma inyamazane yeduna encane + ezintabeni eziphakathi kwethu.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Ngiyisafroni nje.”
^ Noma, “Umnduze.”
^ NgesiHebheru, “yewayini.”
^ Noma, “Inkathi yemvula.”