IsiHlabelelo SeziHlabelelo 3:1-11
3 “Lapho ngisembhedeni wami ebusuku,Ngimfunile lowo engimthandayo. *+
Ngimfunile kodwa angimtholanga. +
2 Ngizovuka ngizulazule edolobheni;Ezitaladini nasezigcawini,Mangimfune lowo engimthandayo.*
Ngimfunile kodwa angimtholanga.
3 Abalindi abazungeza idolobha bangithola. +
‘Anisibonanga yini isithandwa sami?’*
4 Ngangisanda kudlula nje kuboLapho ngithola isithandwa sami.*
Ngambamba ngangamdedelaKwaze kwaba yilapho ngimngenisa endlini kamama, +Ekamelweni elingaphakathi lalowo owangikhulelwa.
5 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema,Ngobuhle bezinyamazane nobezinyamazane zezinsikazi zasendle:
Ningazami ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.” +
6 “Kuyini lokhu okukhuphuka kuvela ehlane okubukeka njengamafu entuthu,Kuqholwe ngamakha emure nempepho,Ngazo zonke izimpushana ezinamakha zomthengisi?” +
7 “Bheka! Usofa kaSolomoni.
Uzungezwe amadoda anamandla angamashumi ayisithupha,Avela emadodeni anamandla akwa-Israyeli, +
8 Wonke ahlome ngezinkemba,Wonke aqeqeshelwe impi,Ngayinye inenkemba ethangeni layoUkuze imqaphe ezingozini zasebusuku.”
9 “Uwuhlaka* lwasebukhosini lweNkosi uSolomoniEyazenzela lona ngezihlahla zaseLebhanoni. +
10 Izinsika zalo yazenza ngesiliva,Izisekelo zalo yazenza ngegolide.
Isihlalo salo senziwe ngoboya obuphephuli;Ingaphakathi lalo lalihlotshiswe kahleNgamadodakazi aseJerusalema.”
11 “Phumani madodakazi aseZiyoni,Nibuke iNkosi uSolomoniIthwele umqhele womshado eyawenzelwa unina +
Ngosuku lwayo lomshado,
Ngosuku lokujabula kwenhliziyo yayo.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “othandwa umphefumulo wami.”
^ Noma, “othandwa umphefumulo wami.”
^ Noma, “othandwa umphefumulo wami.”
^ Noma, “othandwa umphefumulo wami.”
^ Usofa ombozekile owawusetshenziselwa ukuthwala umuntu obalulekile.