IsiLilo 1:1-22
א [Aleph]*
1 Yeka ukuthi selihlala lodwa kanjani idolobha elaligcwele abantu! +
Selibe njengomfelokazi, idolobha elalinabantu abaningi phakathi kwezizwe! +
Yeka indlela lowo owayeyinkosazana phakathi kwezifundazwe* enziswe ngayo umsebenzi wobugqila! +
ב [Beth]
2 Likhala lingathuli ubusuku bonke, + izinyembezi zalo zisezihlathini zalo.
Izithandwa zalo azikho ukuze ziliduduze. +
Bonke abangane balo balikhohlisile; + babe yizitha zalo.
ג [Gimel]
3 UJuda uye ekudingisweni, + uyahlupheka futhi ugqilazwa kanzima. +
Kumelwe ahlale phakathi kwezizwe; + akayitholi indawo yokuphumula.
Bonke abamshushisayo bamfice ecindezelekile.
ד [Daleth]
4 Imigwaqo eya eZiyoni iyakhala, ngoba akekho oza emkhosini. +
Wonke amasango alo enziwe incithakalo; + abapristi balo bayabubula.
Izintombi zalo zisosizini, lisezinhlungwini ezinkulu.
ה [He]
5 Abaphikisana nalo sebeyinkosi* yalo; izitha zalo azinandaba. +
Ngoba uJehova ulilethele usizi ngenxa yezono zalo eziningi. +
Izingane zalo zithunjwe yisitha. +
ו [Waw]
6 Bonke ubukhazikhazi bendodakazi yaseZiyoni abusekho. +
Izikhulu zalo zibe njengezinyamazane ezingalitholanga idlelo,Zihamba zingenamandla phambi kozijahayo.
ז [Zayin]
7 Ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezokungabi kwalo nandawo yokuhlala, iJerusalema likhumbulaZonke izinto eziyigugu okwakungezalo kusukela kudala. +
Lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, lingenamsizi, +Izitha zalo zalibona; zakuhleka ukuwa* kwalo. +
ח [Heth]
8 IJerusalema lone kakhulu. +
Yingakho liye laba yinto enyanyekayo.
Bonke ababelidumisa manje bayalidelela, ngoba babone ubunqunu balo. +
Nalo liyaquma, + lifulathele linamahloni.
ט [Teth]
9 Ukungahlanzeki kwalo kusezingutsheni zalo.
Alizange licabange ngekusasa lalo. +
Liwe ngendlela emangalisayo; akukho muntu ozoliduduza.
O Jehova, bona ukuhlupheka kwami, ngoba isitha siziphakamisile. +
י [Yod]
10 Isitha salo sibeke isandla saso kuyo yonke ingcebo yalo. +
Ngoba libone izizwe zingena endlini yalo engcwele, +Lezo owayala ukuthi akufanele zingene ebandleni lakho.
כ [Kaph]
11 Bonke abantu balo bayakhala; bafuna ukudla. +
Banikele ngezinto zabo ezibalulekile ngoba befuna ukuthola okudliwayo ukuze baphile.
O Jehova, bheka ubone ukuthi ngibe njengowesifazane* ongelusizo lwalutho.
ל [Lamed]
12 Akulutho yini kini nonke enidlula ngendlela?
Bhekani nibone!
Bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu engazwiswa bona,UJehova abangela ukuba ngibuzwe ngosuku lwentukuthelo yakhe evuthayo? +
מ [Mem]
13 Uthumele umlilo emathanjeni ami esendaweni ephakeme, + uthobisa ngalinye lawo.
Welulele izinyawo zami inethi; ungiphoqile ukuba ngibuyele emuva.
Ungenze ngaba ngowesifazane owenziwe incithakalo.
Usuku lonke ngiyagula.
נ [Nun]
14 Izeqo zami ziboshelwe njengejoka, ziboshelwe ndawonye ngesandla sakhe.
Zibekwe entanyeni yami, ngiphele amandla.
UJehova unginikele kulabo engingakwazi ukumelana nabo. +
ס [Samekh]
15 UJehova uwajikijele eceleni wonke amadoda anamandla abephakathi kwami. +
Ungibizele isixuku ukuze siphihlize izinsizwa zami. +
UJehova unyathele indodakazi eyintombi yakwaJuda esikhamweni sewayini. +
ע [Ayin]
16 Ngiyakhala ngenxa yalezi zinto; + amehlo ami ageleza izinyembezi.
Ngoba noma ubani obengangiduduza noma angenze ngizizwe ngingcono ukude kakhulu nami.
Amadodana ami ayincithakalo, ngoba isitha sinqobile.
פ [Pe]
17 IZiyoni lelule izandla zalo; + alinaye umduduzi.
UJehova uyale bonke abazungeze uJakobe ukuba babe yizitha zakhe. +
IJerusalema selibe yinto enyanyekayo kubo. +
צ [Tsade]
18 UJehova ulungile + ngokungijezisa, ngoba angiyilalelanga imiyalo yakhe. +
Lalelani nonke nina zizwe, nibone ubuhlungu bami.
Izintombi zami nezinsizwa zami zithunjiwe. +
ק [Qoph]
19 Ngizibizile izithandwa zami kodwa zingikhohlisile. +
Abapristi bami namadoda amadala bashabalele edolobheni,Ngesikhathi befuna ukudla ukuze baqhubeke bephila. +
ר [Resh]
20 O Jehova, bona, ngoba ngisebunzimeni obukhulu.
Kuxhaphazela amathumbu.
Inhliziyo yami iphendukile ngaphakathi kimi, ngoba bengidlubulunda ngokuphelele. +
Ngaphandle inkemba ibulale abantwana bami; + nangaphakathi endlini kuyafiwa.
ש [Shin]
21 Abantu bakuzwile ukububula kwami; anginaye umduduzi.
Zonke izitha zami zizwile ngenhlekelele yami.
Zijabule ziyafa ngoba nguwe oyilethile. +
Kodwa uyoluletha usuku olumemezele, + lapho nazo ziyoba njengami. +
ת [Taw]
22 Kwangathi ungabubona bonke ububi bazo, uzijezise kanzima, +Njengoba nje ungijezise kanzima nami ngenxa yazo zonke izeqo zami.
Ngoba kade ngangibubula, inhliziyo yami ibuhlungu.
Imibhalo yaphansi
^ Izahluko 1 kuya ku-4 ziyizingoma zokulila ezihlelwe ngokulandelana kwezinhlamvu zesiHebheru.
^ Noma, “kwezifunda zombuso.”
^ NgesiHebheru, “sebeyinhloko.”
^ Noma, “zajabula ngokuwa.”
^ Isenzasamuntu esibhekisela eJerusalema.