IzAga 15:1-33
15 Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, +Kodwa izwi elihlabayo* libangela ulaka. +
2 Ulimi lwabahlakaniphile lulusebenzisa kahle ulwazi, +Kodwa emlonyeni weziphukuphuku kuphuma ubuwula.
3 Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo,Aqapha ababi nabahle. +
4 Ulimi oluzolile* luyisihlahla sokuphila, +Kodwa inkulumo engamanga ibangela ukudangala.*
5 Isiwula siyasedelela isiyalo sikayise, +Kodwa ohlakaniphile uyakwamukela ukulungiswa. *+
6 Endlini yolungile kukhona ingcebo eningi,Kodwa umkhiqizo* womubi umlethela izinkathazo. +
7 Izindebe zabahlakaniphile zisabalalisa ulwazi, +Kodwa inhliziyo yabayiziphukuphuku ayinjalo. +
8 Umhlatshelo wababi uyanengeka kuJehova, +Kodwa umthandazo wabaqotho uyamjabulisa. +
9 UJehova uyayizonda indlela yomubi, +Kodwa uyamthanda oshisekela ukulunga. +
10 Isiyalo sibonakala sisibi* kulowo oyishiyayo indlela, +Kodwa noma ubani ozonda ukusolwa uyokufa. +
11 IThuna* nendawo yokubhubha* kubonakala kahle kuJehova. +
Kangakanani-ke ngezinhliziyo zabantu! +
12 Umhleki wosulu akamthandi umuntu omlungisayo. *+
Ngeke abuze kwabahlakaniphile. +
13 Inhliziyo ejabulayo yenza ubuso bube buhle,Kodwa ubuhlungu benhliziyo buqeda amandla. *+
14 Inhliziyo eqondayo ifuna ulwazi, +Kodwa umlomo wabayiziphukuphuku uzondla ngobuwula. *+
15 Zonke izinsuku zohluphekile zimbi, +Kodwa onenhliziyo ejabulayo* uhlale enedili. +
16 Kungcono okuncane okuhambisana nokwesaba uJehova +Kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka. *+
17 Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando +Kunenkunzi ekhuluphele* ehambisana nenzondo. +
18 Umuntu osheshe acasuke ubhebhezela ingxabano, +Kodwa owephuza ukuthukuthela uyayiqeda ingxabano. +
19 Indlela yevila injengothango lwameva, +Kodwa indlela yabaqotho injengomgwaqo owakhiwe kahle. +
20 Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +Kodwa umuntu oyisiphukuphuku udelela unina. +
21 Ubuwula buyintokozo kumuntu ontula ukuhlakanipha, *+Kodwa umuntu onokuqonda uhamba endleleni efanele. +
22 Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana,*Kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi. +
23 Uyajabula umuntu ophendula ngendlela efanele, +Nezwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele—yeka ukuthi lihle kanjani! +
24 Umuntu onokuqonda usendleleni yokuphila, indlela eholela phezulu, +Uyayigwema indlela eya phansi eThuneni. *+
25 UJehova uyoyidiliza indlu yabaqhoshayo, +Kodwa uyowulonda umngcele womfelokazi. +
26 UJehova uyawenyanya amacebo omubi, +Kodwa amazwi amnandi ahlanzekile kuye. +
27 Owenza inzuzo ngobuqili ulethela umndeni wakhe izinkinga, *+Kodwa ozonda ukufumbathiswa uyoqhubeka ephila. +
28 Inhliziyo yolungile iyazindla ngaphambi kokuphendula, *+Kodwa umlomo wababi ukhipha izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,Kodwa uyawuzwa umthandazo wabalungile. +
30 Umuntu okubuka ngamehlo ajabulayo* ukwenza ujabule;Umbiko omuhle uvuselela* amathambo. +
31 Umuntu olalela ukusolwa okuphilisayoUyajabula uma ephakathi kwabahlakaniphile. +
32 Noma ubani owenqaba isiyalo uzonda ukuphila kwakhe, +Kodwa noma ubani olalela ukusolwa uzuza ukuqonda. *+
33 Ukwesaba uJehova kufundisa umuntu ukuba enze ngokuhlakanipha, +Ukuthobeka kwandulela ukukhazinyuliswa. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “elibuhlungu.”
^ Noma, “oluphilisayo.”
^ NgesiHebheru, “ukuphuka komoya.”
^ Noma, “ukusolwa.”
^ Noma, “umholo.”
^ Noma, “sinzima.”
^ Noma, “IShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ne-Abhadoni.”
^ Noma, “omsolayo.”
^ Noma, “buyawuchoboza umoya.”
^ Noma, “ukhuluma ubuwula.”
^ Noma, “enhle.”
^ Noma, “nesiphithiphithi.”
^ NgesiHebheru, “edla emkhombeni.”
^ NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
^ Noma, “inkulumo eyisifuba.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ihlazo.”
^ Noma, “iyacabangisisa ukuthi izophendula kanjani; iyacabanga ngaphambi kokuba ikhulume.”
^ NgesiHebheru, “akhanyayo.”
^ NgesiHebheru, “ukhuluphalisa.”
^ NgesiHebheru, “inhliziyo.”