IzAga 17:1-28
17 Lungcono ucezu lwesinkwa olomile lapho kunokuthula khona +Kunendlu enedili* enezingxabano. +
2 Inceku enokuqondisisa iyobusa indodana eziphatha ngokuhlazisayo;Iyothola ifa njengomunye wezelamani.
3 Imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide, +Kodwa uJehova ungumhloli wezinhliziyo. +
4 Omubi uyayinaka inkulumo elimazayo,Nomuntu okhohlisayo uyalulalela ulimi olulimazayo. +
5 Noma ubani omhleka usulu ohluphekayo uhlambalaza uMenzi wakhe, +Nanoma ubani ojabula ngenhlekelele yomunye ngeke angajeziswa. +
6 Abazukulu bangumqhele wasebekhulile,Nobaba* bawudumo emadodaneni* abo.
7 Abantu abakulindele ukuba isiphukuphuku sikhulume into efanele. *+
Abalindele ngisho nakakhulu ukuba umbusi* aqambe amanga! +
8 Isipho sifana netshe eliyigugu* kumnikazi waso; +Nomaphi lapho eya khona simenza aphumelele. +
9 Noma ubani othethelela* isiphambeko ufuna uthando, +Kodwa lowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abangane abakhulu. +
10 Ukukhuza kungena kujule konokuqonda +Kunokushaya isiphukuphuku kayikhulu. +
11 Umuntu omubi ufuna ukudlubulunda nje kuphela,Kodwa isithunywa esinesihluku siyothunywa ukuba simjezise. +
12 Kungcono ukuhlangana nebhere elifelwe amawundlu aloKunokuhlangana nomuntu oyisiwula ebuwuleni bakhe. +
13 Uma umuntu ebuyisela okuhle enzelwe kona ngokubi,Okubi ngeke kusuke endlini yakhe. +
14 Ukuqala impi kunjengokuvulela amanzi amaningi;*Ngaphambi kokuba kuqale ingxabano, hamba. +
15 Noma ubani othi omubi akanacala nanoma ubani othi olungile unecala +—Bobabili bayanengeka kuJehova.
16 Kusiza ngani ukuthi isiphukuphuku sinendlela yokuzuza ukuhlakaniphaSibe singenayo inhliziyo yokukuzuza? *+
17 Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi +Futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi. +
18 Umuntu ontula ukuhlakanipha* wenza isifungo*Sokuthi uzosikhokha isikweletu somunye umuntu phambi kukamakhelwane wakhe. +
19 Othanda ingxabano uzowela esiphambekweni. +
Noma ubani oyenza iphakame indlela yakhe engenayo uzibizela ukuphahlazeka. +
20 Onenhliziyo eyonakele ngeke aphumelele, *+Nokhuluma inkohliso uyowela enhlekeleleni.
21 Ozala ingane eyisiphukuphuku uyoba nosizi;Noyise wengane engenangqondo akajabuli. +
22 Inhliziyo ejabulayo ingumuthi owelaphayo, *+Kodwa umoya omunyu uqeda amandla. *+
23 Omubi uyokwamukela isifumbathiso ekusithekeniUkuze aphendukezele ubulungisa. +
24 Ukuhlakanipha kuphambi komuntu oqondayo,Kodwa amehlo esiphukuphuku aqalaza kuze kube semaphethelweni omhlaba. +
25 Indodana eyisiphukuphuku ilethela uyise usiziNenhliziyo ebuhlungu* kulowo owayizala. +
26 Ukujezisa* olungile akukuhle,Nokushaya abahlonishwa kumelene nokulungile.
27 Umuntu onolwazi uyawabamba amazwi akhe, +Nomuntu onokuqonda uyohlale ezolile. +
28 Ngisho nesiwula esithulayo siyobhekwa njengohlakaniphile,Novala izindebe zakhe uyobhekwa njengonokuqonda.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “enemihlatshelo.”
^ Noma, “Nabazali.”
^ Noma, “ezinganeni.”
^ Noma, “ewusizo.”
^ Noma, “isicukuthwane.”
^ Noma, “siyitshe eliletha umusa.”
^ NgesiHebheru, “omboza.”
^ NgesiHebheru, “kunjengokuvulela amanzi.”
^ Noma, “Sibe sintula ukuhlakanipha?”
^ NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
^ Noma, “isivumelwano.”
^ NgesiHebheru, “akuthole okuhle.”
^ Noma, “iyikhambi elihle.”
^ Noma, “womisa amathambo.”
^ NgesiHebheru, “Nomunyu.”
^ Noma, “Ukuhlawulisa.”