IzAga 2:1-22
2 Ndodana yami, uma uwamukela amazwi amiUyibheka njengeyigugu imiyalo yami, +
2 Ngokwenza indlebe yakho inake ukuhlakanipha +Nangokwenza inhliziyo yakho ifune ikhono lokwahlukanisa; *+
3 Ngaphezu kwalokho, uma umemeza ufuna ukuqonda +Uphakamisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa; +
4 Uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, +Uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna ingcebo efihliwe; +
5 Ngokwenza kanjalo uyoqonda ukuthi kusho ukuthini ukwesaba uJehova, +Futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu. +
6 Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha; +Emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.
7 Abaqotho ubagcinela ukuhlakanipha;Uyihawu kulabo abahamba ngobuqotho. +
8 Uqapha izindlela zobulungisa,Uyoyiqapha indlela yabaqotho bakhe. +
9 Uma wenza kanjalo uyokuqonda okulungile, okunobulungisa nokufanele,Yonke inkambo yokuhle. +
10 Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho +Nolwazi luba mnandi emphefumulweni* wakho, +
11 Ikhono lokucabanga liyokuqapha, +Ikhono lokwahlukanisa liyokuvikela,
12 Ukuze likukhulule endleleni embi,Kumuntu okhuluma izinto ezonakele, +
13 Kulabo abashiya izindlela zobuqothoUkuze bahambe ezindleleni zobumnyama, +
14 Kulabo abajatshuliswa ukwenza okubi,Abathokoziswa izinto ezimbi ezonakele,
15 Labo abazindlela zabo zigwegwileAbankambo yabo yonke iyakhohlisa.
16 Liyokuvikela kowesifazane ondindayo,*Emazwini abushelelezi* owesifazane ongenasimilo, *+
17 Oshiya umyeni* wobusha bakhe +Akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe;
18 Ngoba ukuya endlini yakhe kufana nokuya ekufeni,Nendlela eya endlini yakhe iholela ethuneni. +
19 Akekho noyedwa kulabo abalala naye* oyobuya,Futhi ngeke baphinde bafinyelele ezindleleni zokuphila. +
20 Ngakho landela indlela yabantu abalungileUhlale endleleni yabalungile. +
21 Ngoba ngabaqotho kuphela abayohlala emhlabeni,Abangasoleki* abayosala kuwo. +
22 Ababi bayonqunywa emhlabeni, +Abakhohlisayo bayosishulwa kuwo. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukuqonda.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “ongaziwa.” Ngokusobala, ongayilandeli imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha.
^ Noma, “avusa inkanuko.”
^ NgesiHebheru, “wesinye isizwe.” Ngokusobala, ongahambisani nemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha.
^ Noma, “umngane omkhulu.”
^ NgesiHebheru, “abaya kuye.”
^ Noma, “Abaqotho.”