IzAga 25:1-28
25 Nalezi futhi yizaga zikaSolomoni, + ezakopishwa* izinceku* zikaHezekiya + inkosi yakwaJuda:
2 Kuyinkazimulo kaNkulunkulu ukugcina indaba iyimfihlo +Nenkazimulo yamakhosi ukuhlolisisa indaba.
3 Njengoba amazulu ephakeme nomhlaba ujulile,Kunjalo nangenhliziyo yamakhosi, ayiphenyeki.
4 Uma umuntu esusa ukungcola esiliveni,Isiliva liyohlanzeka kakhulu. +
5 Susa omubi phambi kwenkosi,Isihlalo sayo sobukhosi siyoma siqine ngokulunga. +
6 Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, +Ungahlali phakathi kwezikhulu, +
7 Ngoba kungcono ukuba ithi kuwe, “Khuphukela lapha,”Kunokuba ikuhlaze phambi kwesicukuthwane. +
8 Ungajahi lapho uyokwethula icala enkantolo,Ngoba uyokwenzenjani kamuva uma umakhelwane wakho ekuhlaza? +
9 Lungisa udaba lwakho nomakhelwane wakho, +Kodwa ungakwembuli otshelwe kona ngasese, *+
10 Ukuze olalele angakuhlaziNawe ungasakazi umbiko omubi* ongenakuwuhoxisa.
11 Njengama-apula egolide ezitsheni zesilivaLinjalo izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele. +
12 Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elisezingeni eliphezuluUnjalo umsoli ohlakaniphile endlebeni elalelayo. +
13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvunaSinjalo isithunywa esithembekile kulabo abasithumile,Ngoba sivuselela amandla enkosi yaso. +
14 Njengamafu nomoya okungayilethi imvulaUnjalo umuntu oziqhayisa ngokuthi uzokhipha isipho kodwa angasikhiphi. *+
15 Yisineke esigoba umuntu onegunya,Nolimi olumnene lungaphula ithambo. +
16 Uma uthola uju, yidla lolo oludingayo kuphela,Ngoba uma udla oluningi kakhulu ungase uluhlanze. +
17 Unyawo lwakho malungavami endlini kamakhelwane wakho,Ukuze angakhathali nguwe bese ekuzonda.
18 Njengomshiza wempi nenkemba nomcibisholo ocijileUnjalo umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe. +
19 Njengezinyo eliphukile noma unyawo oluxegezelayoKunjalo ukuthembela kumuntu ongathembekile* ngezikhathi ezinzima.
20 Njengomuntu okhumula ingubo ngosuku olubandayoNanjengoviniga othelwe kusawoti*Unjalo umuntu oculela inhliziyo edabukile izingoma. +
21 Uma isitha sakho silambile, sinike isinkwa sidle;Uma somile sinike amanzi siphuze, +
22 Ngoba uyobe unqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso *+Futhi uJehova uyokuvuza.
23 Umoya wasenyakatho uletha imvula,Nolimi oluhlebayo lubanga intukuthelo. +
24 Kungcono ukuhlala echosheni lophahlaKunokuhlala endlini eyodwa nomfazi othanda ingxabano. *+
25 Njengamanzi abandayo emphefumulweni* okhatheleUnjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude. +
26 Njengesiphethu esidungekile nomthombo owonakeleUnjalo umuntu olungile onqotshwa omubi.*
27 Akukuhle ukudla uju oluningi +Nokuzifunela inkazimulo. +
28 Njengedolobha elifohliwe elingenalo udonga,Unjalo umuntu ongakwazi ukulawula intukuthelo yakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “amadoda.”
^ Noma, “ezakopishwa futhi zahlanganiswa.”
^ Noma, “izimfihlo zabanye.”
^ Noma, “inhlebo elimazayo.”
^ NgesiHebheru, “isipho samanga.”
^ Noma kungaba, “okhohlisayo.”
^ Noma, “kuyi-alikhali.”
^ Okuwukuthi, ukuthambisa umuntu uqede ukuba lukhuni kwakhe.
^ Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “oyendayenda phambi komubi.”