IzAga 28:1-28
28 Ababi bayabaleka kube kungekho muntu obajahayo,Kodwa abalungile bazethemba njengebhubesi. *+
2 Uma kunesiphambeko* ezweni, izikhulu ziyobusa ngokushintshana, +Kodwa ngosizo lomuntu onokuqonda nolwazi, isikhulu siyohlala isikhathi eside. +
3 Umuntu ompofu ophamba abantu abaphansi +Unjengemvula ekhukhula konke ukudla.
4 Labo abawushiyayo umthetho bayamdumisa omubi,Kodwa abawugcinayo bayabathukuthelela. +
5 Abantu ababi abanakubuqonda ubulungisa,Kodwa abafuna uJehova baqonda konke. +
6 Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho bakheKunocebile onezindlela ezikhohlakele. +
7 Indodana eqondayo igcina umthetho,Kodwa umngane weziminzi uhlaza uyise. +
8 Owandisa ingcebo yakhe ngenzalo + nangenzuzo eyeqileUyiqoqela lowo obonisa umusa kubantu abampofu. +
9 Owenqaba ukulalela umthetho—Ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo. +
10 phambukisela abaqotho endleleni embi uyowela emgodini wakhe, +Kodwa abangenaphutha bayodla ifa lokuhle. +
11 Umuntu ocebile uhlakaniphile emehlweni akhe, +Kodwa ompofu oqondayo uyakwazi ukumbona. +
12 Lapho abalungile benqoba, kuba khona udumo olukhulu,Kodwa lapho ababi bethola amandla, abantu bayacasha. +
13 Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele, +Kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe. +
14 Uyajabula umuntu ohlale eqaphile,*Kodwa noma ubani oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyowela enhlekeleleni. +
15 Njengebhubesi eligwavumayo nebhere elihlaselayoUnjalo umbusi omubi obusa abantu abangakwazi ukuzilwela. +
16 Umholi ongenakho ukuqonda uwasebenzisa kabi amandla akhe, +Kodwa ozonda inzuzo engalungile uyokwelula ukuphila kwakhe. +
17 Umuntu onecala legazi ngokubulala umuntu uyobaleka aze angene ethuneni. *+
Makungabi bikho muntu omsizayo.
18 Ohamba ngokungenaphutha uyosindiswa, +Kodwa onezindlela ezigwegwile uyowa kungazelelwe. +
19 Olima umhlabathi wakhe uyoba nokudla okuningi,Kodwa ofunana nezinto ezingasizi ngalutho uyosutha ubumpofu. +
20 Umuntu othembekile uyothola izibusiso eziningi, +Kodwa ojaha ukuceba ngeke ahlale emsulwa. +
21 Akukuhle ukukhetha; +Kodwa umuntu angenza okubi ngenxa yocezu lwesinkwa.
22 Umuntu onomona* ushabashekela* ingcebo,Engazi ukuthi ukuswela kuyomfica.
23 Noma ubani osola umuntu, + kamuva uyothola umusa omkhulu +Kunomuntu othophayo ngolimi lwakhe.
24 Noma ubani ophamba uyise nonina bese ethi: “Akukubi,” +Uyafana nomuntu osebenza nezigilamkhuba. +
25 Umuntu oyigovu* ubhebhezela ingxabano,Kodwa noma ubani othembela kuJehova uyochuma. *+
26 Noma ubani othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, +Kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyophunyuka enhlekeleleni. +
27 Noma ubani opha abampofu ngeke aswele lutho, +Kodwa ovala amehlo akhe ekuhluphekeni kwabo uyothola iziqalekiso eziningi.
28 Lapho ababi bethola amandla, umuntu uyacasha,Kodwa lapho beshabalala abalungile bayanda. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “njengewundlu lebhubesi.”
^ Noma, “kunokuvukela.”
^ Noma, “enovalo.”
^ Noma, “egodini.”
^ Noma, “wenza konke ukuze athole.”
^ Noma, “oyigovu.”
^ Noma kungaba, “Umphefumulo ozikhukhumezayo.”
^ NgesiHebheru, “uyokhuluphaliswa.”