IzAga 3:1-35
3 Ndodana yami, ungayikhohlwa imfundiso* yami,Kwangathi inhliziyo yakho ingayigcina imiyalo yami,
2 Ngoba kuyokwenezela izinsuku eziningi kuweNeminyaka yokuphila nokuthula. +
3 Ungavumi ukuba uthando oluqotho nokwethembeka* kuphele. +
Kubophele entanyeni yakho;Kubhale enhliziyweni yakho; +
4 Ngokwenza kanjalo uyothola umusa nokuqondaEmehlweni kaNkulunkulu nawomuntu. +
5 Thembela kuJehova + ngayo yonke inhliziyo yakho,Ungathembeli* kokwakho ukuqonda. +
6 Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, +Yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde. +
7 Ungabi ohlakaniphile emehlweni akho. +
Yesaba uJehova ufulathele okubi.
8 Kuyofana nomuthi owelaphayo emzimbeni* wakhoNento eqabulayo emathanjeni akho.
9 Dumisa uJehova ngezinto zakho eziyigugu, +Nangezithelo zokuqala* zawo wonke umkhiqizo* wakho; +
10 Khona-ke izinqolobane zakho ziyogcwala phama, +Nemiphongolo* yakho iyochichima iwayini elisha.
11 Ndodana yami, ungasenqabi isiyalo sikaJehova, +Ungakwenyanyi ukusola kwakhe, +
12 Ngoba uJehova uyabasola labo abathandayo, +Njengoba nje nobaba eyisola indodana athokozayo ngayo. +
13 Uyajabula umuntu othola ukuhlakanipha +Nomuntu othola ukuqonda;
14 Ukuzuza ukuhlakanipha kungcono kunokuzuza isiliva,Ukuba nako njengenzuzo kungcono kunokuba negolide. +
15 Kuyigugu ngaphezu kwamakhorali;*Akukho lutho olufisayo olungaqhathaniswa nako.
16 Ukuphila isikhathi eside kusesandleni sako sokudla;Ingcebo nenkazimulo kusesandleni sako sobunxele.
17 Izindlela zako zimnandi,Zonke izindlela zako zinokuthula. +
18 Kuyisihlahla sokuphila kulabo abakubambayo,Labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula. +
19 UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha. +
Ngokuqonda wamisa amazulu aqina. +
20 Ngolwazi lwakhe amanzi ajulile ahlukaniswa,Namafu aconsa umkhemezelo. +
21 Ndodana yami, kungasuki emehlweni akho.*
Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga;
22 Kuyokunika ukuphila,Kube umhlobiso entanyeni yakho;
23 Uma wenza kanjalo uyohamba ngokuphepha endleleni yakho,Nonyawo lwakho ngeke lukhubeke. *+
24 Lapho ulala, ngeke wesabe; +Uyolala phansi, ulale kamnandi. +
25 Ngeke wesabe lutho olwethusayo olufika ungalindele +Noma isivunguvungu esizofikela ababi. +
26 Ngoba uJehova uyoba ithemba lakho; +Uyokwenza ukuba unyawo lwakho lungabanjwa. +
27 Ungabagodleli okuhle labo okufanele ubanike kona *+Uma kusemandleni akho ukusiza. +
28 Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi: “Hamba; ubuye ngesinye isikhathi! Ngizokupha kusasa,”Uma ungamnika kona manje.
29 Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho +Lapho ehlezi nawe ezizwa elondekile.
30 Ungaxabani nomuntu ngaphandle kwesizathu +Uma engakwenzanga lutho olubi. +
31 Ungabi nomona ngomuntu onobudlova +Noma ukhethe noma iyiphi yezindlela zakhe,
32 Ngoba uJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, +Kodwa uba umngane nabaqotho. +
33 Isiqalekiso sikaJehova siphezu kwendlu yomubi, +Kodwa uyayibusisa indlu yabalungile. +
34 Ngoba uyabahleka labo abahleka usulu, +Kodwa abamnene ubabonisa umusa. +
35 Abahlakaniphile bayothola udumo,Kodwa iziphukuphuku zidumisa ihlazo. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umthetho.”
^ Noma, “neqiniso.”
^ NgesiHebheru, “Ungenciki.”
^ NgesiHebheru, “enkabeni.”
^ Noma, “umholo.”
^ Noma, “Nangokungcono kakhulu.”
^ Noma, “Nesikhamo sewayini.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Ngokusobala kubhekiselwa ezimfanelweni zikaNkulunkulu ezishiwo emavesini angenhla.
^ Noma, “luqhuzuke.”
^ Noma, “bakuthole.”