IzAga 5:1-23
5 Ndodana yami, naka ukuhlakanipha kwami.
Kulalelisise ukuqonda kwami, +
2 Ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga
Ukhulume okuvumelana neqiniso njalo. +
3 Ngoba izindebe zowesifazane ondindayo* ziconsa njengekhekheba lezinyosi, +Nomlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha. +
4 Kodwa ekugcineni ubaba njengomhlonyane +Ubukhali njengenkemba esika nhlangothi-zombili. +
5 Izinyawo zakhe zehlela ekufeni.
Izinyathelo zakhe zilibangise khona kanye eThuneni.*
6 Akanandaba nendlela yokuphila.
Indlela yakhe iyanhlanhlatha, kodwa akazi ukuthi inhlanhlathela kuphi.
7 Manje ngilaleleni madodana amiNingasuki kwengikushoyo.
8 Hambela kude naye;Ungasondeli emnyango wendlu yakhe, +
9 Ukuze ungahlazeki kwabanye uphelelwe isithunzi +Noma uvune okubi ukuphila kwakho konke; +
10 Ukuze abanye abantu bangamunci amandla akho *+Nalokho okusebenzele kanzima kungayi endlini yomuntu wesinye isizwe.
11 Ngale kwalokho uyobubula ekugcineniLapho inyama yakho nomzimba wakho kuwohloka +
12 Bese uthi: “Yeka indlela engisizonde ngayo isiyalo!
Yeka indlela inhliziyo yami ekwedelele ngayo ukusolwa!
13 Angililalelanga izwi labangiyalayoFuthi angibanakanga abafundisi bami.
14 Sekusele kancane kuphele ngamiPhakathi kwalo lonke ibandla.” *+
15 Phuza amanzi emthonjeni wakhoNamanzi agelezayo* emifudlaneni yakho. +
16 Ingabe iziphethu zakho kufanele zisabalale ngaphandle,Imifudlana yakho isabalale ezigcawini? +
17 Makube ngokwakho wedwa,Kungabi ngokwabanye abantu. +
18 Kwangathi ungabusiswa umthombo wakho,Ujabule ngomfazi wobusha bakho, +
19 Uyinyamazane yensikazi ethandekayo, nembuzi yentaba enhle. +
Amabele akhe mawakujabulise ngaso sonke isikhathi.
Kwangathi njalo ungabanjwa uthando lwakhe. +
20 Pho kungani, ndodana yami, kufanele uyengwe* owesifazane ondindayo*Noma ugone owesifazane ongenasimilo? *+
21 Ngoba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova;Uhlola zonke izindlela zakhe. +
22 Iziphambeko zomuntu omubi ziwugibe kuye,Izono zakhe ziyofana nezintambo ezimbambile. +
23 Uyofa ngenxa yokuntula isiyaloAphambuke ngenxa yobuwula bakhe obukhulu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “izinto zakho.”
^ NgesiHebheru, “Phakathi kwenhlangano nebandla.”
^ Noma, “ahlanzekile.”
^ Noma, “ukhangwe.”