IzAga 6:1-35
6 Ndodana yami, uma wenze isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu sikamakhelwane wakho, +Uma wenze isivumelwano* nomuntu oyisihambi, +
2 Uma uye wabanjwa yisithembiso osenzile,Wabanjwa amazwi omlomo wakho, +
3 Yenza lokhu, ndodana yami, uzikhulule,*Ngoba uwele esandleni sikamakhelwane wakho:
Hamba uzithobe, umncengisise, unxuse umusa wakhe. +
4 Ungavumi ukuba amehlo akho afikelwe ubuthongo,Noma ukuba amehlo akho ozele.
5 Zisindise njengenyamazane esandleni somzingeli,Nanjengenyoni esandleni somcuphi wezinyoni.
6 Yana entuthwaneni ufunde kuyo vila ndini; +Buka ekwenzayo uhlakaniphe.
7 Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi,
8 Ilungisa ukudla kwayo ehlobo, +Ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9 Uyolala lapho kuze kube nini vila ndini?
Uyovuka nini ebuthongweni?
10 Ukulala kancane, ukozela kancane,Ukusonga izandla kancane ukuze uphumule, +
11 Ukuhlupheka kuyobe sekukufikela njengesela,Nokuswela kuyokufikela njengomuntu ohlomile. +
12 Umuntu omubi futhi ongelusizo lwalutho uhambe ekhuluma inkulumo egwegwile; +
13 Ucifa iso, enze izimpawu ngonyawo, akhombe ngeminwe. +
14 Ngenhliziyo yakhe eyonakele,Uhlale eceba okubi + edala imibango. +
15 Ngenxa yalokho, uyokwehlelwa inhlekelele ngokuzumayo;Ngomzuzwana nje uyokwephulwa angabe esalapheka. +
16 Kukhona izinto eziyisithupha uJehova azizondayo;Yebo, ziyisikhombisa izinto ezinengekayo kuye:
17 Amehlo aqhoshayo, + ulimi olunamanga + nezandla ezichitha igazi elingenacala, +
18 Inhliziyo eceba amacebo amabi + nezinyawo ezigijimela ebubini,
19 Ufakazi wamanga ophafuza amanga, +Nanoma ubani odala imibango phakathi kwabafowabo. +
20 Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo,Ungayishiyi imfundiso* kanyoko. +
21 Kubophele enhliziyweni yakho njalo;Kubophele entanyeni yakho.
22 Lapho uhamba, kuyokuhola;Lapho ulala, kuyokuqapha;Nalapho uvuka, kuyokhuluma nawe.*
23 Ngoba umyalo uyisibani, +Umthetho ungukukhanya, +Ukusola nesiyalo kuyindlela eya ekuphileni. +
24 Kuyokuqapha kowesifazane okhohlakele, +Emazwini avusa inkanuko owesifazane ongenasimilo. *+
25 Ungabufisi ubuhle bakhe enhliziyweni yakho +Noma umvumele akubambe ngamehlo akhe ayengayo,
26 Ngoba umuntu uze asale nesinkwa esisodwa ngenxa yowesifazane oyisifebe, +Kodwa umfazi wenye indoda* uyokwenza umuntu alahlekelwe ukuphila kwakhe okuyigugu.
27 Umuntu angawanqwabelanisa yini amalahle avuthayo esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi? +
28 Noma, umuntu angahamba yini phezu kwamalahle ashisayo kodwa izinyawo zakhe zingashi?
29 Kunjalo nangomuntu olala nomkamakhelwane wakhe;Akekho omthintayo ongeke ajeziswe. +
30 Abantu abalideleli iselaUma leba ukuze lizisuthise lapho lilambile.
31 Kodwa lapho libanjwa, liyokhokha ngokuphindwe kasikhombisa;Liyokhipha yonke impahla eyigugu yendlu yalo. +
32 Noma ubani ophinga nowesifazane untula ukuhlakanipha;*Umuntu owenza kanjalo uzilethela inhlekelele. +
33 Ayokuthola nje amanxeba nokuhlazeka, +Isihlamba sakhe ngeke siphele. +
34 Ngoba isikhwele senza indoda* ibe nolaka;Ngeke ibe nazwela lapho iphindisela. +
35 Ngeke yamukele sinxephezelo;Ngeke incengeke* ngisho ungayinika isipho esikhulu kanjani.
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, isifungo.
^ Noma, “uzophule.”
^ Noma, “umthetho.”
^ Noma, “kuyokufundisa.”
^ Noma, “oyisiphingi.”
^ NgesiHebheru, “uswele inhliziyo.”
^ Noma, “umyeni.”
^ Noma, “inhliziyo yayo ithambe.”