IzAga 8:1-36
8 Ukuhlakanipha akumemezi yini?
Ukuqonda akuliphakamisi yini izwi lako? +
2 Kuma ezindaweni eziphakeme + ngasemgwaqweni,Empambanweni yemigwaqo.
3 Kuqhubeka kumemeza kakhulu + eceleni kwamasango angena edolobheni,Lapho kungenwa khona eminyango,Kuthi:
4 “O nina bantu, ngiyanibiza;Ngimemeza wonke umuntu.*
5 Nina eningenalwazi, fundani ukukhalipha; +Nina eniyiziphukuphuku zuzani inhliziyo enokuqonda.
6 Lalelani, ngoba engikushoyo kubalulekile,Izindebe zami zikhuluma okulungile;
7 Ngoba umlomo wami uhlebeza iqiniso,Izindebe zami ziyakwenyanya okubi.
8 Wonke amazwi omlomo wami alungile.
Awekho asontekile noma ayisigwegwe kuwo.
9 Wonke aqondile kwabanokuqonda,Alungile kulabo abathole ulwazi.
10 Thathani isiyalo sami esikhundleni sesiliva,Nolwazi esikhundleni segolide lekhethelo, +
11 Ngoba ukuhlakanipha kungcono kunamakhorali;*Zonke ezinye izinto ezifiselekayo azinakuqhathaniswa nako.
12 Mina kuhlakanipha, ngihlala nokukhalipha;Ngithole ulwazi nekhono lokucabanga. +
13 Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi. +
Ngiyakuzonda ukuziphakamisa, ukuziqhenya, + indlela embi nenkulumo eyonakele. +
14 Ngineseluleko esihle nokuhlakanipha okuwusizo; +Ukuqonda + namandla + kungokwami.
15 Amakhosi abusa ngami,Nezikhulu eziphakeme zikhipha izinqumo ezilungile. +
16 Izikhulu zibusa ngami,Nezicukuthwane zahlulela ngokulunga.
17 Ngiyabathanda abangithandayo,Labo abangifunayo bayongithola. +
18 Ingcebo nenkazimulo kukimi,Ingcebo engapheli* nokulunga.
19 Isithelo sami singcono kunegolide, singcono kunegolide elicwengekile,Umkhiqizo wami ungcono kunesiliva lekhethelo. +
20 Ngihamba endleleni yokulunga,Phakathi nezindlela zobulungisa;
21 Labo abangithandayo ngibanika ifa elinothile,Ngigcwalisa izinqolobane zabo.
22 UJehova wangenza ngaba ngukuqala kwendlela yakhe, +Owokuqala kuyo yonke imisebenzi yakhe yakudala. +
23 Ngamiswa kusukela endulo, +Kusukela ekuqaleni, kusukela ezikhathini zangaphambi komhlaba. +
24 Engakabibikho amanzi ajulile, + ngazalwa,*Zingakabibikho iziphethu eziphuphuma amanzi.
25 Zingakabekwa izintaba endaweni yazo,Engakabibikho amagquma, ngazalwa,
26 Engakawenzi umhlaba nezindawo zawo ezingenaluthoNoma amagabade okuqala enhlabathi.
27 Lapho ehlela amazulu, + ngangikhona;Lapho ebeka umngcele* phakathi kwesibhakabhaka nolwandle, +
28 Lapho emisa* amafu phezulu,Lapho enza imithombo yamanzi ajulile,
29 Lapho emisela ulwandle umyaloOwukuthi amanzi angadluleli ngale kwalokho akuyalile, +Lapho emisa* izisekelo zomhlaba,
30 Ngangiseceleni kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti. +
Yimi ayengithanda ngokukhethekile + usuku nosuku;Ngangijabula phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi; +
31 Ngangijabula ngomhlaba wakhe owawuzohlala abantu,Ngiwathanda ngokukhethekile amadodana abantu.*
32 Manje madodana ami, ngilaleleni;Yebo, bayajabula abagcina izindlela zami.
33 Lalelani isiyalo + nihlakaniphe,Ningalokothi ningasinaki.
34 Uyajabula umuntu ongilalelayoNgokusheshe afike* emnyango wami usuku nosuku,Ngokulinda eduze kwezinsika zomnyango wami;
35 Ngoba ongitholayo uyothola ukuphila, +UJehova uyamamukela.
36 Kodwa onganginaki uzilimaza yena,Nalabo abangizondayo bathanda ukufa.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “amadodana abantu.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Izinto zenani elikhulu eziyifa.”
^ Noma, “ngazalwa njengokungathi ngemihelo.”
^ NgesiHebheru, “isiyingi.”
^ NgesiHebheru, “eqinisa.”
^ Noma, “eyala ukuba kube khona.”
^ Noma, “isintu.”
^ Noma, “Ngokuhlala ephapheme.”