IzAga 9:1-18
9 Ukuhlakanipha kweqiniso kwakhe indlu yako;Kuqophe izinsika zako eziyisikhombisa.
2 Kulungise inyama yako;Kuxube iwayini lako;Kudeke netafula lako.
3 Kuthume izinceku zako zesifazaneUkuze zimemeze ziphezu kwezindawo eziphakeme zedolobha, zithi: +
4 “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”
Kontula ukuhlakanipha* kuthi:
5 “Woza udle isinkwa sami,Uphuze nami iwayini engilixubile.
6 Shiya ukungabi nalwazi kwakho, uphile; +Hamba endleleni yokuqonda.” +
7 Olungisa umhleki wosulu uzibizela ukuhlazeka, +Noma ubani osola omubi uyolimala.
8 Ungamsoli umhleki wosulu ngoba uyokuzonda. +
Sola umuntu ohlakaniphile, uyokuthanda. +
9 Nika ohlakaniphile ulwazi, uyohlakanipha nakakhulu. +
Fundisa olungile, uyokwenezela olwazini lwakhe.
10 Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, +Ulwazi ngoNgcwelengcwele + lungukuqonda.
11 Ngoba ukuhlakanipha kuyokwenza izinsuku zakho zibe ziningi, +Kuyokwenezelwa iminyaka ekuphileni kwakho.
12 Uma uhlakanipha, nguwe osizakalayo,Kodwa uma ungumhleki wosulu, uyobhekana wedwa nemiphumela.
13 Owesifazane oyisiphukuphuku unomsindo. +
Akanalo ulwazi futhi akazi lutho nhlobo.
14 Uhlala emnyango wendlu yakheEsihlalweni esisezindaweni eziphakeme zedolobha, +
15 Amemeze abadlulayo,Labo abahamba endleleni yabo, athi:
16 “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”
Kwabantula ukuhlakanipha* uthi: +
17 “Amanzi ebiwe amtoti,Nokudla okudliwa ekusithekeni kumnandi.” +
18 Kodwa abazi ukuthi ikhaya lakhe liyindlu yabafile,Ukuthi izivakashi zakhe zisekujuleni kweThuna. *+
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Koswele inhliziyo.”
^ NgesiHebheru, “Kwabaswele inhliziyo.”
^ Noma, “kweShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.