IzEnzo ZabaPhostoli 26:1-32
26 U-Agripha + wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu welula isandla wabe esezivikela wathi:
2 “Ngokuphathelene nazo zonke izinto amaJuda angimangalela ngazo, + Nkosi Agripha, ngiyajabula ngokuthi namuhla kumelwe ngiziphendulele phambi kwakho,
3 ikakhulukazi ngoba uyisazi sawo wonke amasiko nezimpikiswano phakathi kwamaJuda. Ngakho-ke ngiyakuncenga ukuba ungilalele ngesineke.
4 “Ngempela, indlela engangiphila ngayo kusukela ebusheni kuqhubeke phakathi kwesizwe sakithi naseJerusalema, ayazi kahle wonke amaJuda +
5 ayejwayelene nami ngaphambili, uma ethanda angafakaza, ukuthi ngokweqembu lenkolo elinomthetho oqine kakhulu lendlela yethu yokukhonza, + ngangiphila njengomFarisi. +
6 Kodwa manje ngenxa yethemba lesithembiso esenziwa uNkulunkulu kokhokho bethu, + ngibizelwe ecaleni;
7 okuyisithembiso esifanayo naleso izizwe zakithi ezingu-12 ezinethemba lokusibona sigcwaliseka ngokunikela kakhulu kuye inkonzo engcwele imini nobusuku. AmaJuda angimangalela mayelana naleli themba, + Nkosi.
8 “Kungani nikubheka* njengokungakholeki ukuthi uNkulunkulu uvusa abafile?
9 Mina ngokwami ngangiqiniseka ukuthi kufanele ngenze izenzo eziningi zokuphikisa igama likaJesu umNazaretha.
10 Yilokho kanye engakwenza eJerusalema, abaningi kwabangcwele ngababophisa, + ngoba ngangithole igunya kubapristi abakhulu; + lapho bebulawa, ngangikusekela ukubulawa kwabo.
11 Ngokubajezisa izikhathi eziningi kuwo wonke amasinagoge, ngazama ukubaphoqa ukuba balahle ukholo lwabo; njengoba ngangibathukuthelele kakhulu, ngaze ngabashushisa ngisho nasemadolobheni angaphandle.
12 “Ngesikhathi ngenza lokhu ngangiya eDamaseku nginegunya futhi ngithunywe abapristi abakhulu,
13 emini bebade ngabona endleleni, Nkosi, ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhazimula kwelanga kubanika nxazonke zami nalabo engangihamba nabo. +
14 Lapho sonke sesiwele phansi, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawulu, Sawulu, ungishushiselani? Ukuqhubeka ukhahlela izimboko* kwenza izinto zibe nzima kuwe.’
15 Kodwa ngathi: ‘Ungubani wena Nkosi?’ INkosi yathi: ‘NginguJesu omshushisayo.
16 Vuka ume ngezinyawo. Yilesi isizathu esingenze ngabonakala kuwe, ukuba ngikukhethe ube isikhonzi nofakazi wezinto ozibonile nezinto engizokubonisa zona ngami. +
17 Ngizokukhulula kulesi sizwe nakwezinye izizwe engikuthuma kuzo, +
18 ukuze uvule amehlo azo, + uzisuse ebumnyameni + uziyise ekukhanyeni, + uzisuse egunyeni likaSathane + uziyise kuNkulunkulu, ukuze zikwazi ukuthethelelwa izono + zithole nefa phakathi kwalabo abangcweliswa ngokholo lwabo kimi.’
19 “Ngakho, Nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,
20 kodwa ngangilethe umyalezo kulabo abaseDamaseku + kuqala nakulabo abaseJerusalema, + nakulo lonke izwe laseJudiya nasezizweni, wokuthi kufanele baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu ngokwenza imisebenzi efanele ukuphenduka. +
21 Yingakho amaJuda angibamba ethempelini, azama ukungibulala. +
22 Nokho, ngenxa yokuthi ngithole usizo oluvela kuNkulunkulu, ngiyaqhubeka kuze kube namuhla ngifakaza kwabancane nabakhulu, angisho lutho ngaphandle kwalokho abaProfethi kanye noMose abathi kwakuyokwenzeka +—
23 ukuthi uKristu wayeyohlupheka, + nokuthi njengoba engowokuqala ukuba avuswe kwabafile, + wayeyomemezela ukukhanya kulesi sizwe nakwezinye izizwe.” +
24 Njengoba uPawulu ayesho lezi zinto ezivikela, uFestu wamemeza wathi: “Uyahlanya Pawulu! Ukufunda kakhulu kuyakuhlanyisa!”
25 Kodwa uPawulu wathi: “Angihlanyi Mhlonishwa Festu, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso navela engqondweni ehluzekile.
26 Eqinisweni, inkosi engikhuluma nayo ngenkululeko engaka yazi kahle ngalezi zinto; ngiyaqiniseka ukuthi ayikho neyodwa kulezi zinto engayazi, ngoba akukho nokukodwa kulezi zinto okwenziwe ekusithekeni. +
27 Ingabe wena Nkosi Agripha uyakholelwa kubaProfethi? Ngiyazi ukuthi uyakholelwa.”
28 Kodwa u-Agripha wathi kuPawulu: “Ngesikhashana nje uzongithonya ukuba ngibe umKristu.”
29 UPawulu waphendula wathi: “Ngiyafisa phambi kukaNkulunkulu ukuba kungakhathaliseki ukuthi ngesikhashana nje noma ngesikhathi eside, kungabi nguwe nje kuphela kodwa nabo bonke laba abangizwayo namuhla, nibe ngabantu abanjengami, kodwa nina ningaboshwa.”
30 Inkosi yasukuma, kwasukuma nombusi noBernike namadoda ayehlezi nabo.
31 Kodwa njengoba besuka, bakhuluma bodwa, bethi: “Lo muntu akukho lutho alwenzayo olumenza afanelwe ukufa noma ukuboshwa.” +
32 U-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ukhululiwe ukuba akalidluliselanga kuKhesari icala.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiGreki, “nikwahlulela.”
^ Olimini lokuqala leli gama libhekisela endukwini ecijile ngaphambili esetshenziselwa ukuqondisa isilwane.