UJeremiya 10:1-25
10 Yizwani izwi uJehova alikhulumile ngokumelene nani, nina ndlu ka-Israyeli.
2 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Ningayifundi imikhuba yezizwe, +Ningesatshiswa yizinkanyiso ezisemkhathiniNgoba izizwe ziyazesaba. +
3 Amasiko ezizwe ayize.*
Umbazi ugawula isihlahla ehlathini,Bese enza ngaso isithombe esibaziwe. +
4 Basihlobisa ngesiliva nangegolide +Basishayelele ngesando nangezipikili ukuze singawi. +
5 Zinjengesithusamagwababa ensimini yamakhukhamba, azikwazi ukukhuluma; +Kufanele zithwalwe, ngoba azikwazi ukuhamba. +
Ningazesabi, ngoba azinakulimaza muntu,Futhi azikwazi kwenza lutho oluhle.” +
6 O Jehova akekho onjengawe. +
Wena umkhulu, igama lakho likhulu linamandla.
7 Ngubani okungafanele akwesabe, Nkosi yezizwe, + ngoba kufanele wesatshwe;Ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphile kuyo yonke imibuso yomhlaba,Akekho nhlobo onjengawe. +
8 Bonke abanangqondo bayiziphukuphuku. +
Ukufundiswa yisithombe esibaziwe akusizi ngalutho. *+
9 Kulethwa isiliva eliyizingcwecwe elivela eTharishishi, + negolide elivela e-Ufazi,Umsebenzi wengcweti, wezandla zosebenza ngensimbi.
Izembatho zazo zenziwe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obuphephuli.
Zonke zenziwe yizingcweti.
10 Kodwa uJehova unguNkulunkulu ngempela.
UnguNkulunkulu ophilayo + neNkosi yaphakade. +
Ngenxa yentukuthelo yakhe umhlaba uyozamazama, +Azikho izizwe eziyokwazi ukumelana nentukuthelo yakhe.
11 * Yilokhu okufanele nikusho kuzo:
“Onkulunkulu abangawadalanga amazulu nomhlabaBayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwala mazulu.” +
12 Wenza umhlaba ngamandla akhe,Yena owamisa izwe elikhiqizayo ngokuhlakanipha kwakhe +Nowelula amazulu ngokuqonda kwakhe. +
13 Lapho kuzwakala izwi lakhe,Amanzi emazulwini ayahlokoma, +Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba. +
Wenzela imvula umbani,Akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. +
14 Wonke umuntu wenza ngokungacabangi nangokungabi nalwazi.
Wonke umuntu osebenza ngensimbi uyohlazeka ngenxa yesithombe esibaziwe; +Ngoba isithombe sakhe sensimbi* singamanga,Awukho umoya kuzo. +
15 Ziyinkohliso,* umsebenzi wokwenziwa inhlekisa. +
Lapho usuku lokubhujiswa kwazo lufika, ziyoshabalala.
16 OyiSabelo SikaJakobe akafani nalezi zinto,Ngoba nguYe owadala zonke izinto,U-Israyeli uyingxenye eyigugu kakhulu yefa lakhe. +
NguJehova wamabutho igama lakhe. +
17 Phakamisa umthwalo wakho uwususe emhlabathini,Wena wesifazane obhekene nosizi.
18 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo:
“Bheka manje ngiyazixosha* izakhamuzi zezwe, +Ngizozibangela ukucindezeleka.”
19 Maye ngenxa yokwephuka kwami! +
Inxeba lami alelapheki.
Ngithe: “Impela lokhu kuyisifo sami, ngizosibekezelela.
20 Itende lami licekelwe phansi, nezintambo zetende lami zigqashuliwe zonke. +
Amadodana ami angishiyile, awasekho. +
Akusekho muntu ozokwelula itende lami noma ozophakamisa izindwangu zetende lami.
21 Ngoba abelusi baziphathe ngokungenangqondo, +Abazange babuze kuJehova. +
Yingakho bengenzanga ngokuqondisisa,Yonke imihlambi yabo ihlakazekile.” +
22 Lalela! Umbiko! Uyeza!
Ukuzamazama okukhulu okuvela ezweni elisenyakatho, +Ukuze amadolobha akwaJuda enziwe incithakalo, indawo ehlala izimpungushe. +
23 Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu akuyona eyakhe.
Akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe. +
24 Ngiqondise, Jehova, ngendlela oyibona ifanele,Kodwa hhayi ngentukuthelo, + ukuze ungangibhubhisi. +
25 Thululela ulaka lwakho phezu kwezizwe ezingakunaki, +Naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho.
Ngoba zimshwabadele uJakobe, +Ngempela zimshwabadele zaze zacishe zamqeda, +Izwe lakhe zilenze incithakalo. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ayinto engasizi ngalutho.”
^ Noma, “kuyize.”
^ Ivesi 11 lalibhalwe ngesi-Aramu ekuqaleni.
^ Noma, “imihwamuko.”
^ Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma, “Ziyize.”
^ Noma, “ngiyazijikijela.”