UJeremiya 29:1-32
29 Lawa ngamazwi encwadi uJeremiya umprofethi ayithumela eseJerusalema emadodeni amadala ayephakathi kwabantu abadingisiwe, kubapristi, abaprofethi nakubo bonke abantu uNebukhadinezari ayebayise ekudingisweni eBhabhiloni besuka eJerusalema,
2 ngemva kokuba iNkosi uJekoniya, + indlovukazi, *+ izikhulu zegceke, izikhulu zakwaJuda naseJerusalema, nezingcweti nabasebenza ngensimbi* bephumile eJerusalema. +
3 Incwadi wayithumela ngo-Elasa indodana kaShafani + noGemariya indodana kaHilikiya, ababethunywe iNkosi uZedekiya + yakwaJuda eBhabhiloni kuNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni, ithi:
4 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo kubo bonke abantu abadingisiwe, abadingiselwe eBhabhiloni besuka eJerusalema,
5 ‘Yakhani izindlu nihlale kuzo. Tshalani amasimu nidle izithelo zawo.
6 Thathani abafazi nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, nishadise amadodakazi enu, ukuze nawo azale amadodana namadodakazi. Nande futhi ninganciphi.
7 Zamani ukuhlala ngokuthula edolobheni enidingiselwe kulo, nilithandazele kuJehova, ngoba uma linokuthula nani niyoba nokuthula. +
8 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Ningavumeli abaprofethi benu, izangoma zenu nababhuli benu banikhohlise, + ningawalaleli amaphupho abawaphuphayo.
9 Ngoba ‘baprofetha amanga kini egameni lami. Angibathumanga,’ + kusho uJehova.” ’ ”
10 “Ngoba yilokhu uJehova akushoyo, ‘Lapho iminyaka engu-70 eBhabhiloni isiphelile, ngiyonikhumbula, + ngiyosigcwalisa isithembiso sami ngokunibuyisela ekhaya.’ +
11 “ ‘Ngoba ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, + ukuze nibe nekusasa elihle nethemba. +
12 Niyongibiza futhi nithandaze kimi, mina ngiyonilalela.’ +
13 “ ‘Niyongifuna ningithole + ngoba niyongifuna ngayo yonke inhliziyo yenu. +
14 Ngiyonenza ningithole,’ + kusho uJehova. ‘Ngiyobutha izithunjwa zenu nginiqoqele ndawonye, nginikhiphe kuzo zonke izizwe nakuzo zonke izindawo enginihlakazele kuzo,’ + kusho uJehova. ‘Ngiyonibuyisela endaweni engabangela ukuba nisuke kuyo niye ekudingisweni.’ +
15 “Kodwa nithe, ‘UJehova usimisele abaprofethi eBhabhiloni.’
16 “Ngoba yilokhu uJehova akushoyo enkosini ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide + nakubo bonke abantu abahlala kuleli dolobha, abafowenu abangadingiswanga kanye nani,
17 ‘Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Ngiyobabulala ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe, + ngiyobenza babe njengamakhiwane abolile,* amabi kangangokuthi akukho muntu ongawadla.” ’ +
18 “ ‘Ngiyobaxosha ngibahlasele ngenkemba, + ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe, ngiyobenza into eshaqisayo kuyo yonke imibuso yomhlaba, + isiqalekiso, into ekhexisayo neyokushayelwa ikhwela, + bayoba isihlamba phakathi kwazo zonke izizwe engibahlakazela kuzo, +
19 ngenxa yokuthi abawalalelanga amazwi ami, engawathumela kubo ngezinceku zami abaprofethi,’ kusho uJehova, ‘ngizithuma ngokuphindaphindiwe.’ *+
“ ‘Kodwa anilalelanga,’ + kusho uJehova.
20 “Ngakho yizwani izwi likaJehova, nonke nina bantu abadingisiwe, enganisusa eJerusalema nganiyisa eBhabhiloni.
21 Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo ngokuqondene no-Ahabi indodana kaKholaya noZedekiya indodana kaMahaseya, abaprofetha amanga kini egameni lami, + ‘Bhekani ngibanikela kuNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, uyobabulala phambi kwenu.
22 Kuyoqanjwa ngabo isiqalekiso esiyoshiwo yibo bonke abantu bakwaJuda abadingiselwe eBhabhiloni ngenxa yalokho okuyokwenzeka kubo, bethi: “Kwangathi uJehova angakwenza ube njengoZedekiya nanjengo-Ahabi, labo inkosi yaseBhabhiloni eyabosa emlilweni!”
23 ngoba baye baziphatha ngokuhlazisayo kwa-Israyeli, + bephinga nabafazi bomakhelwane babo futhi bekhuluma amanga egameni lami ngingabayalanga. +
“ ‘ “Yimi okwaziyo lokhu futhi ngingufakazi,” + kusho uJehova.’ ”
24 “KuShemaya + waseNehelamu uzothi,
25 ‘Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Ngenxa yokuthi uthumele izincwadi ngegama lakho eziya kubo bonke abantu abaseJerusalema, kuZefaniya + indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, uthi,
26 ‘UJehova ukwenze umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuze ube umphathi wendlu kaJehova, uphathe noma yimuphi umuntu ohlanyayo oziphathisa okomprofethi futhi umfake esitokisini; *+
27 pho kungani ungazange umkhuze uJeremiya wase-Anathoti, + oziphathisa okomprofethi phambi kwakho? +
28 Ngoba uthumele umyalezo nakithi eBhabhiloni, ethi: “Kuzothatha isikhathi eside! Yakhani izindlu nihlale kuzo. Tshalani amasimu nidle izithelo zawo, +—” ’ ” ’ ”
29 Lapho uZefaniya + umpristi efundela uJeremiya umprofethi le ncwadi,
30 kwafika izwi likaJehova kuJeremiya, lathi:
31 “Thumela umyalezo kubo bonke abantu abadingisiwe, uthi, ‘Yilokhu uJehova akushoyo ngokuqondene noShemaya waseNehelamu: “Ngenxa yokuthi uShemaya uprofethe kini nakuba ngingamthumanga, wazama ukunenza ukuba nithembe amanga, +
32 ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngiyamjezisa uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe. Ayikho inzalo yakhe eyosinda phakathi kwalesi sizwe, ngeke akubone okuhle engiyokwenzela isizwe sami,’ kusho uJehova, ‘ngoba wenze abantu ukuba bavukele uJehova.’ ” ’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “abakhi bezindonga zokuvikela.”
^ Noma, “umama wenkosi.”
^ Noma kungaba, “aqhumile.”
^ NgesiHebheru, “ngivuka ekuseni ngizithuma.”
^ NgesiHebheru, “kuNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Emibhalweni yesiHebheru kunamagama amabili, elinye kubonakala lichaza “ithuluzi lokubopha izinyawo” kanti elinye lichaza “ithuluzi lokubopha izandla nentamo.”